Umbiko weKhomishini yokuNcintisana ithi kunyuka ngamawala kwentengo kagesi kungaphezu kwamandla emali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani kagesi ayaqhubeka nokuklinya abantu, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika azizukukuthola ukuphefumula ngentengo kagesi okulindeleke ukuthi iqhubeke nokunyuka phezu kwezinguquko ezenziwa wuhulumeni ngokusebenza kwale mboni.

Intengo kagesi isinyuke ngo-85% kusukela ku-2020 kuya ekuqaleni kwango-2026, ngokombiko osanda kukhishwa yiKhomishini yokuNcintisana.

Izinga lokunyuka kwentengo kagesi licishe liphindwe kathathu kunelokwehla kwamandla emali (eliwu-30%).

Ikhomishini ithi intengo kagesi kulindeleke ukuthi iqhubeke ithwalise kanzima izakhamuzi zezwe. Zimbili izizathu zaloku. Ugesi uyizindleko imindeni ebhekana nazo nsuku zonke ngenxa yokusetshenziswa kwawo ukupheka, ukufudumeza amanzi, ukukhanyisa nokusebenza kwamafriji, amathelevishini nezinye izidingo zemihla.

Okwesibili, ugesi usetshenziswa yizo zonke izimboni zomnotho, njengamafemu akhiqiza okudliwayo nezinye izimpahla ezithengwa yizakhamuzi. Ukunyuka kwentengo kagesi ngezinga eliphezulu kusho ukuthi intengo yalezi zimpahla nezinye izidingo zezakhamuzi igcina yenyukile.

Embikweni omusha nje ngezindleko zempilo ezweni, ikhomishini ithi izinguquko ngokusebenza kwemboni kagesi ezenziwa uhulumeni azizukuletha mehluko otheni ngesimo sokunyuka kwentengo kagesi.

Isizathu saloku wukuthi lezi zinguquko ziqondene kakhulu nokukhiqiza nokutholakala kukagesi ngasikhathi sonke). Uma kubhekwa uhlaka olusetshenziswa yiNational Electricity Regulator of SA (iNersa) ukunquma ukuthi i-Eskom nomasipala banganyusa intengo kagesi ngamaphesenti amangaki ngonyaka kuvela ukuthi izakhamuzi ngeke zithole kuphefumula ngenxa yalezi zinguquko.

FUNDA NALAPHA: Amanani e-Eskom atshengisa ukuthi siyidinga kangakanani imboni kagesi encintisanayo, kuloba uBusi Mavuso 

Uhlelo olusetshenziswa yiNersa luvumela i-Eskom ukuthi inyuse intengo kagesi ngenani lezindleko zayo nesingezelelo kulezo zindleko.

Izindleko ze-Eskom zihlanganisa ezokuthenga amalahle nodizili, izindleko zenzalomali, izindleko zokugcina imishini ye-Eskom isesimweni esifanele sokusebenza nezindleko zokwakha nokuvuselela iziteshi zokukhiqiza ugesi.

Omasipala abathenga ugesi e-Eskom nabo banezindleko zabo zokuthutha ugesi bewufaka emakhaya nasemabhizinisini angamakhasimende.

Phezu kwezindleko zokuthenga ugesi kwi-Eskom, iNersa ivumela omasipala ukuthi bathole okungaphezu kwezindleko zabo. Omasipala badayisela imizi namabhizinisi asebenzisa ugesi u-60%, kuthi i-Eskom idayise u-40%.

Omasipala bathwele kanzima njengoba bebhekene nezinkinga zengqalasizinda kagesi yabo esigugile nevame ukuquleka njalo.

I-Nersa ibhekene nobunzima bokuvumela ukunyusa intengo kagesi ngezinga elinika i-Eskom nomasipala amandla okuqhubeka nokukhiqiza ugesi futhi bawuhambise kumakhasimende futhi ibheke ukuthi alithwesi amakhasimende umthwalo ongaphezu kwamandla awo. Akulula loku.

Umbiko wekhomishini uthi izidingo zempilo intengo yazo enqunywa wuhulumeni noma izikhungo zawo (njengeNersa nje) zivame ukuthi intengo yazo inyuke ngesivinini esingaphezu kwesokwehla kwamandla emali.

Ikhomishini ithi uhulumeni kufanele uqhamuke namanye amasu ukuze izakhamuzi zithole ukuphefumula ngentengo kagesi. La masu angaxuba izinguquko ohlelweni lokunquma izinga lokwenyusa intengo kagesi nokuxhaswa ngentengo kagesi kwizakhamuzi ezihola kancane.

Akuyona nje kuphela intengo kagesi izakhamuzi ezibhekene nayo. Nezinye izindleko zempilo zinyuka ngezinga elidlula elokwehla kwamandla emali. Intengo yamanzi inyuke ngo-68% kusukela ngo-2020, okuyizinga eliphindwe ngaphezulu kokubili kunelokwehla kwamandla emali.

Nezindleko zokubona odokotela zinyuka ngaphezu kwezinga lokwehla kwamandla emali. Nezindleko zemfundo zinyuka ngesivinini esiphakathi kuka-37% emabangeni aphansi no-42% kwaphezulu.

Izindleko zempilo zithwesa nzima abantu abahluphekayo. Isizathu wukuthi basebenzisa ingxenye enkulu yemali abayitholayo ukubhekana nezindleko zansuku zonke. Basebenzisa ngaphezudlwana kwango-40% ekuthengeni ukudla nokuphuzwayo no-26% oya ezindlekweni zendawo yokuhlala.

Uma sekungeke izindleko zezinto zokuthutha, ezempilo nezinye izindleko, abantu abahluphekayo basebenzisa ngaphezu kwango-83% wemali abayingenisayo ezindlekweni zempilo.

Imali abayingenisayo ewu-5.5% ubhekana nezindleko zikagesi, okuyisibalo esidlula izindleko zokuthenga impuphu (okuwu-4.7%), kuthi amanzi abengaphansi kwango-1% wemali yabo.

Ikhomishini ithi le mininingwane ikhomba ukuthi ukunyuka kwentengo kagesi namanzi ngesivinini esikhulu, osekuyinto yeminyaka kuthwesa abantu abahluphekayo umthwalo onzima.

Igcizelela ukuthi ugesi namanzi kubalulekile ezimpilweni zabantu. Ukunyuka ngesivinini kwentengo yalezi zidingo kubeka izimpilo zabantu, ikakhulu abahluphekayo,engcupheni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page