Kukhuthazwa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge imali kunokuyibhubhudla. Izithombe: yi-iStock nesithunyelwe

Amanga ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika bathanda ukukhithiza kunokonga, kuloba uCowhan Govender

SEKUPHELE iminyaka ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bacwile ezikweletini, abongi ngendlela efanele futhi bayakhithiza.

Ucwaningo lufakazela ukuthi imindeni yaseNingizimu Afrika ayongi kahle, iboleka imali engadingi sibambiso futhi isezikweletini.

Ukuya emphakathini emakhaya, emalokishini nasemijondolo kukhombisa okuhlukile, indaba yokusebenzisa imali budlabha nokuthanda izinto ezinhle ayiphelele. Okubuye kungaxoxwa wukuthi abantu abampofu bamelana nezimo ezinzima nokutshala imali yize kunezinselelo zomlando wezwe.

Uma uhamba ngemoto eMpumalanga Kapa naKwaZulu-Natali ubona sengathi abantu abongi. Ubona izindlu ezinkulu zesimanje ezakhiwe ngezitini ezindaweni obungalindele ukuzithola kuzona. 

Akusona isimo esingajwayelekile lesi kodwa sikhombisa ukukhula kwabantu abangashiyelwanga ifa, abangathathanga sikweletu ukuthenga nokwakha izindlu kodwa ababeke imali noma abanikwe isikweletu ngaphandle kokubambisa ngokuthile. 

Kungani pho sithi loku wukudla imali? Ngabe njalo wukuthenga ngenhloso? Ukube le mizi ibithengwe ngemali ebolekwe ebhange, bekuzothiwa kutshalwe imali, ibizothathwa ngokuthi yindlela yokwakha umcebo neyokuphila. Kodwa uma konke loku kwenziwa ngokuboleka imali ngaphandle kwesibambiso noma nge-credit cardkuthiwa ukungayiphathi kahle imali noma wukuzifaka ezikweletini. 

FUNDA NALAPHA: ‘Akubenemikhiqizo ekhuthaza abantu ukonga ngisho utiki’

Akuyona nje inkinga yokuqonda izinto lena kodwa ikhombisa ukungabuki kwethu ngendlela efanayo ukuphatha kahle kwabantu imali. Indlela eyenza ukuthi abantu abakwazi ukuboleka imali ezikhungweni ezibavumela ukubambisa ngokuthile babukeke kahle bese labo abangenako okokubambisa babukwe kabi. 

Kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika, ukuboleka imali ngaphandle kwesibambiso yiyona nto abakwazi ukuyenza ukuze bakwazi ukuba nezimpahla, ikakhulu abangenamholo oqondile nabazisebenzayo.

I-Finscope iveza ukuthi iNingizimu Afrika inamabhizinisi amancane awu-3 million angenisa imali engaphezu kwangoR5 trillion futhi eyenza kubenemisebenzi ewu-13m. Abantu abaningi abaphethe la mabhizinisi abanamabhuku ezimali noma izimpahla okuvame ukubanjiswa ngazo uma umuntu eboleka imali. Uma umuntu eboleka imali ngaphandle kwesibambiso akubiyinkomba yokungabinolwazi ngemali kodwa yisidingo esinqala. Kubalulekile nokubheka ukuthi le mali isetshenziselwani.

Yebo ukuboleka ngaphandle kokubambisa ngokuthile kungenza ukuthi uyidle imali kodwa kungasiza nokuguqula impilo yomuntu. Kwakha imizi lapho yayingekho khona, kukhokhela imali yesikole. Kuthenga izimoto, hhayi impakamo ngoba kusondeza abantu eduze namathuba omsebenzi, ikakhulu emnothweni lapho ukugcina umsebenzi uhamba ngezinto zomphakathi kungelula ngenxa yokungathembeki kwazo. 

Kulezi zimo, okungabukeka njengokumosa imali, empeleni kuyindlela yokuzama impilo nokongela ikusasa. 

Asikubuki ngendlela efanayo ukonga imali kwabantu baseNingizimu Afrika njengoba bevamise ukubizwa ngokuthi ngabantu abangayongi imali. Lo mbono awubabheki abantu abonga ngendlela engajwayelekile ezikhungweni zezimali. 

Izitokfela ziyaqhubeka nokukhula nokuthola izigidigidi zezimali emphakathini. NgokweNational Stokvel Association of South Africa, bangaphezu kwango-11m abantu baseNingizimu Afrika abadlala izitokfela ezingenisa imali engaphezu kwangoR50 billionngonyaka.

Le mali ayihlanganisi lezo ezincane ezenziwa yimindeni nabangani ngenxa yokuthi kuzona imali ifakwa kwi-akhawunti yomuntu oyedwa, okwenza ukuthi abanye bonga nabo bangabonakali emabhange. Uma abantu bonga ndawonye kungenza kubukeke sengathi umuntu oyedwa akongi kanti bonga ngendlela ehlukile. 

U-Govender uthi sifikile isikhathi sokungacwasi abantu abasebenzisa imali ngendlela engandile

Yinto efanayo nokongela umuzi, imfundo noma ibhizinisi elincane. Umndeni kungabonakala sengathi awongi ngesikhathi usakha noma ufundisa umuntu. Usuke utshala imali ekhaya lawo nakumuntu okuzowusiza ngomuso. 

Loku kuveza iphuzu elibalulekile lokuthi akuyona yonke imali eyongiwayo ebonakalayo nokuthi akusizo zonke izindlela zokubeka imali eziyimosayo. Eqinisweni, abantu abaningi baseNingizimu Afrika kungabukeka sengathi bayakweleta kodwa empeleni banezikweletu ezincane kunezabantu abakwazi ukubambisa ngokuthile uma bekweleta. 

Umehluko yindlela okubolekwa ngayo, isikweletu esingenasibambiso kubangesesikhathi esifishane, esinobungozi kodwa akusho ukuthi sisuke singenanhloso. 

Kungenzeka ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayahluleka wukonga noma abatshali imali ngokwanele. Mhlawumbe yimigomo eqonda ukuziphatha kwabantu ngezimali engahambisani nesimo sangempela noguquko olwenzeke emnothweni. 

Siyaqhubeka nokubuka ukubanemali ngendlela engababheki abantu abathola imali ngendlela engajwayelekile, abangakwazi ukuthola isikweletu kalula, asiwabheki namasiko. 

Ngokwenza loku sisengcupheni yokungayihloli kahle inkinga nokungalethi  izisombululo lapho zidingeka khona. Ukuqinisekisa ukuthi akekho osala ngaphandle emnothweni, kufanele siqale sishintshe indlela esibheka ngayo ukubanemali. Kufanele siqonde ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika abongi ngendlela ejwayelekile, impumelelo yabo yezimali ayiqali ngokonga imali futhi ayipheli ngokubanezimpahla eziningi. 

 Embonini yezimali loku kusho ukushintsha indlela esichaza ngayo ukonga, sishintshe indlela esibolekisa ngayo ngemali, sibheke nezisombululo ezihambisana nokubolekisa ngemali ngaphandle kwesibambiso kubantu abafuna ukuzakhela okungokwabo. 

Kudinga nokuthi sixoxe nabantu abonga ngendlela esingayijwayele babengabalingani bethu futhi bakwazi ukuthola izinsiza futhi basithembe. 

Ukulwa nale nkinga yokusebenzisa imali ngendlela egqamile akusho ukuthi kufanele sizibe ubungozi bezikweletu, kusho ukubona inhloso nezizathu zokuthatha lezi zinqumo ezithinta imali. 

Indaba enkulu akusikona ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basebenzisa imali noma abongi ngokwanele kodwa wukuthi siyaqonda abakwenzayo nokuthi siyababona.

  • U-Govender yinhloko ye-Personal Banking eStandard Bank Personal and Private Banking

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page