UNks uKoketso Mano, usomnotho omkhulu waseFNB, uthi kungenzeka imalimboleko ingabe isanyuswa namhlanje

Kunenhlansi yethemba ngokwehla kwemalimboleko ngesinqumo esibhekwe ngabomvu. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUKHUPHUKA kokwehla kwamandla emali, phecelezi i-inflation, sekuhambisana naloku iBhange loMbuso elifisa libe yikona njengoba ngoJuni kube wu-5.4%, kusuka ku-6.3% ngoMeyi.

Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo zikhombisa ukuthi kuyaqala ezinyangeni eziwu-20 ukuthi izinga lokwehla kwamandla emali libe ngaphansi kuka-6%. Ngo-Okthoba wango-2021 yayingu-5.0%. IBhange loMbuso lazibekela umgomo wokuthi lifuna ukwehla kwamandla emali kuhlale kuphakathi kuka-3% no-6%. 

Ezintweni eziwu-12 ezihlanganisa i-inflation, ebuye ibizwe nge-consumer price index (iCPI), eziyisithupha zehlile, eyodwa ayangashintsha, kwathi ezinhlanu zakhuphuka.

Amanani okudla naweziphuzo ezingenatshwala yiwona anesandla esikhulu ekwehleni kwamandla emali kanti aqhubekile nokwehla njengoba efinyelele ku-11.0% ngoJuni njengoba ngoMashi ayenyuke afinyelela ku-14%.

“Ukudla okuningi neziphuzo ezingenatshwala kwehlile, ngaphandle kwamaveji, izithelo, ushukela, uswidi noncamnce. Amanani kashukela, oswidi noncamnce kunyuke kusuka ku-11.9% kwafinyelela ku-16.4% kusukela kuJuni odlule. Okunyuke kakhulu wushukela onsundu (okhuphuke ngo-17.4%), ushukela omhlophe (okhuphuke ngo-17.1%) noshokoledi (onyuke ngo-16.2%). 

“Amanani amafutha ehlile, osekuyizinyanga eziwu-10 zilandelana, afinyelela ku-9.5% ngoJuni. Ibhodlela lamafutha eliwu-750ml belibiza cishe uR35.57 ngoJuni, okungaphansi kukaR43.97 elalibiza wona ngoJuni wango-2022,” kusho iStatistics South Africa. 

Amanani otshwala nogwayi akhuphuke afinyelela ku-6.1% ngoJuni, esuka ku-5.9% ngoMeyi. Iwayini linyuke lafinyelela ku-9.4%, lisuka ku-9.1% ngoMeyi kanti namanani kabhiya anyukile esuka ku-4.7% ngoMeyi, aba wu-5.5% ngoJuni. 

Amanani ezokuthutha ehle esuka ku-7.0% ngoJuni afinyelela ku-1.8% ngoJuni, kanti iStatistics South Africa sithe ehliswe kakhulu wukwehla kwamanani kaphethroli. Amanani kaphethroli ehle ngo-8.3% ngoJuni kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangoJuni wango-2023. 

“I-CPI yangoJuni ifaka nocwaningo olwenziwe ngemali yerenti. Irenti inyukile ngo-2.7% uma kuqhathaniswa nangoJuni wangonyaka odlule, okungaphezudlwana kancane kuka-2.5% wangoMashi,” kusho iStatistics South Africa.

Usomnotho omkhulu waseFNB uNks uKoketso Mano uthe lamanani  nokuthi ugesi awucinywa ngale ndlela obekusatshwa ukuthi uzocinywa ngakhona njengoba kusebusika kufanele kusize ukunciphisa izindleko zokwenza umsebenzi.

Wengeze ngokuthi babheke ukuthi i-inflation ibe ngaphezu komgomo iBhange loMbuso elizibekele wona kuze kushaye u-2025, ingozi ekhona ngenxa yokuthi ziyaqhubeka izindleko ziyanda kunemali engenayo, ukuqina kwemigomo yezimali emhlabeni kufanele kwenze iBhange loMbuso linyuse imalimboleko namhlanje. 

“Nokho njengoba encipha amathuba okuthi iMelika ingaphinde iqale phansi inyuse imalimboleko, ukusimama kwerandi kusukela iMonetary Policy Committee yagcina ukuhlangana, ukwehla kwesibalo sababolekayo ne-inflation ehambisana nomgomo obekiwe kufanele kunciphise amathuba okuthi kuqhutshekwe kunyuswe imalimboleko. Empeleni loku okwenzeka nge-inflation kungenza ukuthi ngisho (nanamhlanje) kumiswe ukunyuswa kwemalimboleko,” kusho uNks uMano.

Isinqumo sizomenyezelwa ngo-3 ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page