Baphokophele ukufinyelela e-Afrika yonkana abasebhizinisini ‘lobisi noju’ ngokufuya izinyosi. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUKHIQIZA nokudayisa uju yibhizinisi elingenisa imali ngendlela emangalisayo kangangokuthi kubize uMnu uTeko Nhlapo nomlingani wakhe uMnu uKenneth Ndadza ngaphansi kukaR2 000 ukuthola isidleke sezinyoni futhi bakhiqize uju olungenise inzalo ecishe iphindaphindwe kashumi.
UNhlapo, okhuthaza ukufuya izinyosi, uthi kulula ukungena kule mboni. Nokho kuyadinga ukuthi umuntu azimisele futhi anake umsebenzi.
Exoxa neVutivi Business News, uthi ufunde epulazini lezinyosi iRadinotshi Boerdery ukuthi yiningi inzalo ongayenza ngokufuya izinyosi. “Sasidinga uR1 150 ukuthenga isidleke esisodwa kanti ngaleso sidleke sisodwa sithola u15kg okwazi ukungenisa uR17 600. Sakhipha imali yethu sathenga okudingekayo.”
Leli bhizinisi elizinze eTshwane, eGauteng, liqale ngo-2018 kanti libhaliswe ngokusemthethweni ngo-2019. “Ibhizinisi lixhaswe ngabangani bethu, ezinye izindlela nangemali yethu.”

UNhlapo uthi into enhle ngokufuya izinyosi wukuthi awudingi ukuhlale uzipha ukudla. “Into nje umuntu ayidingayo wukuzibeka endaweni eseduze kwamanzi lapho zingazalisana khona zikhiqize uju.
“Ngiyaluthanda uju ngoba ukwazi ukuthi iningi lokudla esikudlayo kwenzeke ngenxa yezinyosi kungenza ngizibone ngiyingxenye emqoka yemboni yezolimo. Ngiyazi futhi ukuthi ngokufuya izinyosi ngilekelela ukuthi zingapheli,” kusho yena.
UNhlapo uthi babeka izidleke zabo emapulazini amakhulu ukuze izinyosi zizalisane kodwa lokho kwalilimaza ibhizinisi. “Uma epulazini befuna ukuchelela imithi yezinambuzane babekutshela ngayizolo, nokuyothi uqambe uthola isikhathi sokuyozilanda umonakalo usuwenzekile. Kwakusingenisela imali eningi ngoba ukuzalisa insimu kabhekilanga eyodwa kwakukhiqiza amathani amabili oju.”
Uthi manje izidleke sebezibeka emabhokisini emapulazini amancane lapho kunengozi encane khona yokuthi kufuthwe izinambuzane. Uju luhlanganiswa yinkampani elufaka emabhodleleni ilupakishe. Baludayisa ngobuchwepheshe amabhodlela awu-200g nawu-500g kanti bahlela uluthi olunye baludayise lungamaphakethe.

UNhlapo uthe kukhona nezinye izitshalo asebezengezile lapho izinyosi zizozalela khona. “Ngikwenze loku ngoba ngifisa ukufaka izinhlobo zoju kulona. Sizohambela futhi i-Afrika yonke, lapho inhloso yethu kuwukugqugquzela abantu ukuthi basebenzise uju esikhundleni sikashukela.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

