Asithi shu iSabelomali esingahambisani nobuholi bepolitiki obuqotho, kuloba uBusi Mavuso

AKUKHATHALEKI ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwaba imali engakanani namhlanje ukulungisa inqwaba yezinkinga ezihlupha iNingizimu Afrika, uma uhulumeni engayiphuculi indlela okulandelwa ngayo umgomo futhi kusetshenziswe imali ngendlela efanele akukho lutho olutheni ezolwenza.

Uma umuntu ethi nhla nje endleleni izinto ziyiyona kwezempilo nezemfundo, imvamisa kuyabonakala ukuthi akukona ukushoda kwemali kodwa wukushoda kwabantu eminyangweni, ukungaphathwa ngendlela nenkohlakalo edala izinkinga.

INingizimu Afrika isebenzisa u-20.3% wemali yayo kwezempilo no-12.3% kwezemfundo, okuphezulu kakhulu kunamazwe amaningi asathuthuka. Kokunye, idlula ngisho amanye amazwe asethuthukile. 

Izibalo ze-European Commission ziveza ukuthi ngo-2020, i-Iceland yasebenzisa u-9.6% wemali yayo kwezempilo no-7.7% kwezemfundo, kwathi i-Italy yasebenzisa u-9.6% kwezempilo no-4.3% kwezemfundo. 

Kepha ngisho nomuntu othanda ukuba nethemba kangakanani uyazibonela ukuthi le mikhakha yomibili isenkingeni engakanani. 

Imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa yokuphucula ukusebenza kukahulumeni, ikakhulukazi nge-National Implementation Framework, yinto enhle kodwa kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi ithele izithelo.

Imiphumela yako kuzoba wukungabonakali ukuthi imali isetshenziswa kanjani. Into enkulu yinkebenkebe yesikweletu se-Eskom okufanele sikhokhwe.

Kulindeleke ukuthi uGodongwana amemezele ukuthi uhulumeni uzothatha ingxenye enkulu yesikweletu se-Eskom esiwuR400 billion

Izimakethe zibheke ngamehlo abomvu ukuzwa ukuthi isethembiso sokuphungula lesi sikweletu sizofezwa kanjani, kuzoba yimali engakanani nokuthi izohambisana namiphi imibandela.

Yisinyathelo esibalulekile lesi. Ukwehla kwesikweletu se-Eskom kuzokwenza le nkampani ikwazi ukulungisa iziteshi eziphehla ugesi, okungenye yezinto eziphuthumayo. 

Naloku akusona isisombululo esiwunomphelo. Izindleko ze-Eskom zizoqhubeka zibe ngaphezu kwemali eyingenisayo, ikakhulukazi imali enkulu eyidingayo ukulungisa nokuvuselela iziteshi eziphehla ugesi, into engeke ikwazi ukuyimela unomphelo.

Kuningi okufanele kwenziwe ukulungisa isimo sayo sezimali, okubalwa nokulungisa inkinga kaR50bn okweletwa womasipala, isikweletu esikhulayo.

Okunye okumqoka wukuhlukanisa i-Eskom, kube nophiko oluphehlayo, oluhambisa ugesi noluwusabalalisayo, okuyinto engakenzeki yize yamenyezelwa wumengameli eNkulumweni eBhekiswe esiZweni ngo-2019.

Sithembe ukuthi sizothola nemininingwane ethe xaxa nokuthi izwe libuswa ngaphansi komthetho wezinhlekelele. Esingafisi kwenzeke wukubona imali enkulu yabiwelwa ukuthi “kuthengwe okuphuthumayo” kodwa imininingwane ingacacile. 

Ngenkathi ememezela ukuthi izwe lizobuswa ngaphansi komthetho wezinhlekelele, umengameli wathembisa ukuthi kuzolethwa umcwaningimabhuku-jikelele ukuqikelela ukuthi iyagadwa ngaso sonke isikhathi indlela imali esetshenziswa ngayo ukuze ingaxhashazwa. Lokhu kuyakhuthaza. 

Kepha imigomo ebekelwe indlela le mali ezosetshenziswa ngayo akufanele yaziwe kuphela kodwa kufanele kube wukuthi izosetshenziselwa kuphela loku edingekela kona, okuwukulungisa inkinga yokucima kukagesi.

Nakuba iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele liyisebenzela kahle iNingizimu Afrika futhi linerekhodi elihle lokuveza lapho uhulumeni engayisebenzisi kahle khona imali futhi eyimosha kodwa siyazi ukuthi abakhohlakele abapheli umoya. 

Ukuveza izinto obala kuyasiza ukuvimba inkohlakalo futhi kuzowusiza umsebenzi womcwaningimabhuku-jikelele.

Njengoba ukucima kukagesi kucekela phansi umnotho nsuku zonke, ukulungisa inkinga kagesi kuzoba seqhulwini kulesi Sabelomali kanti nezimakethe zizobe zimagange ukuzwa imininingwane yokuzosetshenziswa ukukhuthaza osomabhizinisi nomphakathi wonke ukuthi ufake ama-solar panel okudonsa ugesi welanga. 

Kumqoka ukuthi indlela okuzohlanganiswa ngayo okokukhuthaza abantu kube yinto ezozwakala futhi ezokwamukeleka kubantu abaningi abangenawo amandla okukhokha ngisho ingxenye encane yama-solar panel nama-battery inverter

Sidinga nemininingwane yokuthi izoshintshwa kanjani i-Bounce-back Loan Scheme ukuze kubolekwe abantu imali yokufaka ama-solar panel. Ukufinyelela kwenkinga kagesi lapho isikhona manje wubufakazi bokuhluleka kobuholi obudala. Izinyathelo ezintsha, okuwukubusa izwe ngaphansi komthetho wezinhlekelele nokuqoka ungqongqoshe kagesi, kungenzeka kumoshe kakhulu kunakuqala uma bengekho abazohlela kahle nobuholi obuqotho.

Nezinye izindawo ezihluphayo ezizokwabelwa imali ethe xaxa nazo zidinga ubuholi obuqotho. Sithemba ukuthi uhulumeni uzophuthuma ukucela ongoti abakhona emabhizinisini ukuqinisekisa ukuthi imali isebenza ngendlela efanele, ikakhulukazi ukulelekelela ukuthi ushintsho okufanele lwenzeke embonini kagesi neyezokuthutha luyenzeka.

Ngamafuphi nje, uma abaholi bepolitiki bengazimisele, maduze sizogcina sifana nento engathi shu iSabelomali. 

Umengameli uthembise ukuthi kuzosizwa osomabhizinisi nabanikazi bemizi ukufaka ama-solar panel. Loku kuzobiza imali ephakathi kukaR150 000 noR350 000 kodwa ngeke kusize kangako uma kuzokwenziwa kugcinwa icala. 

Osomabhizinisi bayithakasele inkulumo kamengameli kwiMining Indaba ngesonto elidlule kanti sizimisele ukusiza uhulumeni axazulule izinkinga zeNingizimu Afrika. 

Kukhulu okwenziwa wosomabhizinisi ezweni. Ucwaningo olwenziwe yiQuantec luveze ukuthi isigidi esisetshenziswe yinkampani ngayinye kweziwu-62 ezibe yingxenye yocwaningo, singenise uR3 million emnothweni, saxhasa imisebenzi ewu-6.15 futhi sangenisa uR3m wentela. Kuningi okuhle njengaloku esingakubona uma umnotho uphethwe kahle futhi usimama.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page