Eyokuhluleka kukahulumeni ne-Eskom isidinga izinyathelo ezinqala zosomabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela

ENGOSINI yanamhlanje ngifisa sikhulume kabanzi ngesimo osekuphele iminyaka ewu-15 sikusona siwosomabhizinisi – ukucishelwa ugesi mihla namalanga.
Loku sekwenze umonakalo omkhulu kosomabhizinisi abakhulu nabancane. Empeleni sekubulele amabhizinisi amaningi kakhulu. Akusavumi manje sihlale sithule isimo sisibona sibheda kangaka futhi alibonakali nekusasa eliqhakazile uma ubheka.
Uma singasukumi manje singosomabhizinisi sibhodle umlilo siwubhekise kuhulumeni, kusho ukuthi sesiyivumile induku kahulumeni ne-Eskom.
Inkonyane isiwuchithile umuthi. Osacabanga ukuthi lisekhona ithemba udlala ngesikhathi sakhe nje. Mningi kabi lo monakalo osuwenziwe wuhulumeni wethu ebesiwuthembile ukuthi uzosinika isiqiniseko sokuthi ngeke siphinde sibuyele esimweni se-load shedding. I-Eskom ebesithembe ukuthi izosiphakela ugesi ngendlela efanele, neyilungelo lethu, isenzele phansi kakhulu.
Sekuyisikhathi sokuthi zonke izinhlaka zosomabhizinisi zifake icala lokubopha uhulumei ne-Eskom ngokuhluleka ukusiphakela ugesi ngendlela efanele, okuyilungelo lethu sonke siyizakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
Ngeke kusasisiza ngalutho ukuloku sikhononda ezinkundleni zokuxhumana nokuthi siloku sisonge izandla ngethemba lokuthi ngelinye ilanga kuzolunga. Ayikho into ezolunga maduze. Sekuphele iminyaka ewu-15, akukho okulungayo futhi ayikho nenhlansi yethemba lokuthi kusekhona into ezolunga.
Manje asisakwazi ukuhweba ngendlela esifisa ngayo nangokukhululeka. Sesisebenza sinovalo entanyeni sigqolozelene nama-app e-load shedding sibheke ukuthi sizohlukumezeka kanjani.
I-load shedding isibeka engcupheni yobungozi ngoba manje impilo yethu ayisaphephile neze njengoba nabu ubugebengu sebudlange ngendlela engalawuleki. Izigebengu sezithole intuba yokuqola osomabhizinisi nomphakathi ngoba ziyazi ukuthi zonke izinsiza zokuzivikela ebugebengwini azisebenzi ngenkathi ugesi usacishiwe.
Nesimo sempilo yethu sibekeka engcupheni ngoba manje sihlale sikhathazekile ngezinto eziningi ezihambisana nemindeni yethu; yithina namabhizinisi ethu. Ukuhamba kukagesi kukhinyabeza ukuhweba namakhasimende ethu. Kwenza sibe ngabantu abangathembekile ukugcina izethembiso zethu kumakhasimende ethu.
Kade ngifunda enye incwadi evela kwamanye ama-laboratory acwaninga ngezifo ezihlukene exolisa kumakhasimende awo ngokungalethi imiphumela ngesikhathi esilindelekile.
Loku kusho ukuthi ziningi iziguli noma amacala angasakwazi ukuphothulwa ngesikhathi ngoba naku imiphumela yasema-laboratory ingasafiki ngesikhathi.
Yingakho ngihlaba ikhwelo elithi asihlanganeni sonke siwosomabhizinisi siphose itshe esivivaneni ukumangalela uhulumeni ne-Eskom.
Kufanele sihlangane sonke singosomabhizinisi sifune isinxephezelo kuhulumeni ne-Eskom ngomonakalo asebewenzile emabhizinisini ethu nasesizweni sonke.
Asilwe nohulumeni osithatha kancane ne-Eskom ehluleka wukusiphakela ugesi ngendlela efanele.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenhlangano yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
