Izinyunyana zeTransnet zihlehlisela emuva imizamo yokuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

INKINGA ebhekene nomnotho wethu esiloku sizama ukuyilungisa nesiyenze ukuthi kuphele iminyaka intsha iswele imisebenzi futhi kwehla nemali engenayo iminyaka eyisishiyagalombili idinga ukuthi sibambisane sonke.

Izinhlangano zosomabhizinisi seziyisukumele le nselelo ngokubambisana nohulumeni ukusungula isikhwama esalekelela ngenkathi kuhlasela iCOVID-19 iSolidarity Fund ukulekelela ukufaka igxalaba lapho kushoda khona amakhono embonini ezimele; kusukela kwekagesi kuya kweyobulungisa. Loku kudinge imali enkulu ukuze siqinisekise ukuthi silekelela umnotho ukuthi ukhule.

Yize kunjalo kodwa ngesonto elidlule sibhekane ngqo nesenzo esinyanyekayo esihlose ukucekela phansi umnotho. Isiteleka saseTransnet sizodla izigidi ngezigidi emnothweni. Sizohlehlisela emuva imizamo yethu yokuvuselela umnotho. Sizonciphisa imali engenayo kuhulumeni, nokuzonciphisa amandla awo okulwa nobubha.

Imboni yezimayini ithi isilahlekelwe wuR50 billion kulo nyaka ngenxa yokwehla kwezinga lomsebenzi eTransnet. Ithi ibingangenisa omunye uR100bn ukube ibinganqindwa wukungasebenzi kahle kwezitimela namachweba eTransnet.

Leyo mali ibizongenisa uR27bn wentela imali ebingasetshenziswa ukwelula isibonelelo esisiza abantulayo.

Kukona konke loko, isinqumo se-United National Transport Union (i-UNTU) neSouth African Transport and Allied Workers’ Union (iSatawu) sokuteleka ngesonto elidlule kube kuqhubeka izingxoxo eCCMA ngenye into ezocekela phansi umnotho.

Kubi ukuthi kunezingxoxo kodwa futhi kube nesiteleka futhi kunamacala afakiwe ukubheka ukuthi sisemthethweni yini. Siyimangazile iTransnet nohulumeni. Kuphoqe iTransnet ukuthi imise umsebenzi emachwebeni ayo, nokumise ukungena nokuphuma kwezimpahla ezweni lonke.

Izimayini nezinye izinkampani zilahlekelwa yizigidi njengoba kwenzeka loku. Izibalo ezisaphumile ziveza ukuthi cishe wuR6bn olahleka ngosuku.

Izinyunyana zithi alukho usuku olubekiwe lokuphela kwesiteleka, yizisebenzi eziwu-15 000 ezingasebenzi. Onke amachweba nezitimela ezithutha izimpahla azisebenzi.

Kubi loku, hhayi nje ezimbonini ezisebenza ngqo namachweba njengezimayini, ezempilo nezidayisela amanye amazwe izimpahla kodwa emnothweni wonke.

Kuyaphinda kungcolisa igama leNingizimu Afrika ezinkampanini ezithutha izimpahla emhlabeni okumanje cishe zibheka amanye amachweba futhi zizoyeka ukubeka eqhulwini awakuleli zwe. Lezi yizindaba ezimbi ngempela.

Umayelana nani lo mbango? I-Transnet, njengezinkampani eziningi zikahulumeni, inezinkinga zemali. Imali engenile ngo-2022 ibingaphansi ngoR6.5bn kuneyayingena ngaphambi kweCOVID-19. Yenze inzalo ewuR5bn ngenxa yokubuyekezwa kwenani lezimpahla zayo, nokungenise uR10bn ofaka uR6.6bn wengqalasizinda sezitimela.

Inesikweletu esicishe sibe uR130bn. Imiholo yezisebenzi ngonyaka odlule ibiwuR26.2bn. Ezingxoxweni nezisebenzi ithe izonyusa imiholo ngo-3% bese ifaka nochatha owuR7 500 wokubonga, izinto evele ingenamandla azo.

Isitekela senza isimo semali eTransnet sibe sibi kakhulu. Kungenzeka ukuthi izinhlangano eziklelisa amazwe zibheka ubungozi bokuboleka izwe imali ziyehlise indlela eziklelise iTransnet ngayo.

Ngempelasonto izinhlangothi zombili ziveze ukuthi zizophinde zihlala phansi eCCMA zixoxisane. Yinto enhle lena kodwa kufanele isiteleka simiswe ngesikhathi kwenzeka loko.

Kunezinkampani eziningi esezithinte iTransnet ziphakamisa okungahle kube yizixazululo njengokunyusa imali eziyikhokhela imisebenzi le nkampani ezihlinzeka ngayo.

Nomthetho ungasiza ngokuthi izisebenzi zamachweba zithathwe njengezenza imisebenzi ebucayi. Uma sibheka isimo esikuso, yisiphakamiso okufanele sibhekisiswe lesi.

Ngaphandle kwamachweba, umnotho wonke ungawa. Emizamweni yethu yokuguqula indlela izinto eziyiyona, abantu abashodayo yizinyunyana. Ziphi iziphakamiso eziqhamuka ezinyunyaneni ukuphucula umkhiqizo oqhamuka eTransnet ukuze kuzongena loR100bn obekungenzeka ungene kulo nyaka? Kuphi ukuzibophezela ukuphungula umthwalo wezimpahla ezingathuthwanga ngesikhathi?

Iphi imizamo yokuphuthumisa ukuguqulwa kwamachweba nezitimela ngokubambisana nemboni ezimele ukuze kuphuculwe indlela okusebenza ngayo?

Kunaloko siyaphazamiseka ngaphandle kwesexwayiso, nokubeka umnotho engozini. Konke kuzoba yize leze, ayikho imali yokubhekana nezinto ezifunwa yizinyunyana. Sonke siyalimala kodwa mhlawumbe okulimala kakhulu yigama lezinyunyana zeTransnet ezibukeka kungezona abantu ongabambisana nabo ukuvuselela umnotho.

Awukho nowodwa umsebenzi wengqalasizinda osuphothuliwe kusukela uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela isikhwama sokuthuthukisa ingqalasizinda ngo-Agasti wango-2020, nokwakuthiwe sizosebenzisa uR100bn eminyakeni eyishumi ezayo.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isikhale kaningi ngenkinga yokuthi izinhlaka ezibheke ingqalasizinda ziseminyangweni ehlukene kahulumeni enezinhloso nezindlela zokwenza izinto ezingafakani.

Iqhaza lemboni ezimele limqoka ukuze kusukume izinhlelo zengqalasizinda kodwa kubukeka sengathi indlela izinto ezihlelwe ngayo, lena yinto engeke yenzeke.

Indlela okubunjwa ngayo amabhodi engamela izinkampani yindaba eshisa ibunzi kulezi zinsuku, okuyinto enhle kwintando yabantu ngoba abamba iqhaza elimqoka kuhulumeni nasembonini ezimele.

Imisebenzi yongoti abazimele nabacwaningimabhuku yizindawo ezimbili lapho abemboni ezimele bebhekane ngqo nenkohlakalo emabhizinisini kahulumeni kanti futhi yizona eziyisidleke sobuholi obungekho qotho.

INingizimu Afrika kufanele iqinise izindlela zokuqikelela ukuthi kunobuholi obuqotho ezinkampanini zikahulumeni nezizimele ukunqanda izikhohlakali ukuthi zithole izikhundla ezizinika amandla.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page