Uyancomeka umsebenzi wethimba likaMminele wokuvikela imvelo nomnotho, kuloba uBusi Mavuso

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu yiyonanto okuzobhungwa ngayo kakhulu kule minyaka embalwa ezayo. Kumele sibhekane nako manje ngokuhlela ukuthi sizowehlisa kanjani umonakalo kwimvelo odalwa wumnotho wethu.
Kuzodingeka sitshale imali enkulu ukushintsha indlela esiphehla ugesi ngayo nesikhiqiza izimpahla ngayo.
Kungithokozisile ukuzwa ngesonto elidlule ukuthi sesihambe kangakanani ukucabanga izindlela zokukhokhela loku. UMnu uDaniel Mminele, inhloko yePresidential Climate Finance Task Team, utshele uMkhandlu weBusiness Leadership South Afrika (iBLSA), ukuthi amazwe amaningi ayabuka futhi ayethemba ukuthi iNingizimu Afrika izoba yisibonelo emhlabeni sokuthi zisetshenziswa kanjani izinsiza zomhlaba ukweseka ushintsho olunobulingisa nokufanele lwenzeke ukumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
NgeCOP26 ebiseGlasgow, eScotland, ngonyaka odlule, kwamenyezelwa uhlelo iJust Transition Partnership, ehlanganiswe ngohulumeni baseFrance, eGermany, e-United Kingdom ne-European Union, nabazibophezele ukweseka iNingizimu Afrika ngo$8.5 billion ukuletha lolu shintsho.
Le mali ewuR130bn yanele ukukhokhela lolu guquko kodwa kuzodingeka kuhlelwe kahle kuboniswane. Kufanele kucace ukuthi izoshona kuphi le mali; kuyekwe ukusebenzisa iziteshi ezindala eziphehla ugesi ngamalahle, kukhokhelwe izindlela ezintsha zokuphehla ugesi futhi izisebenzi zinikwe amakhono amasha.
Kumele kuthi kufika isikhathi seCOP27, ezoba se-Egypt ngoNovemba, sibe sesinohlelo. Kumele lucace futhi lunike izwe indlela ecacile yokwehlisa ukungcolisa imvelo ngendlela evikela izisebenzi, ngaphandle uma kungenjalo kungaphoqa ukuthi sithembele kule ndlela yokuphehla ugesi ekhona.
Umsebenzi ngalolu hlelo wenzeka ngaphansi ngaphansi kweso likaMminele. Ezinyangeni eziyisithupha zokuqala emva kweCOP26 sekwethulwe iClimate Change Bill ePhalamende, kuhlanganiswe umhlahlandlela womnotho we-hydrogen, kwahlanganiswa iPresidential Climate Commission neJust Transition Framework.
Uhlelo lokutshala imali lubeke eqhulwini imboni kagesi, ukumisa ukusebenza kweziteshi eziphehla ugesi ngamalahle kube kwesekwa imiphakathi ethintekayo, izinhlelo zokukhiqiza izimoto ezihamba ngogesi nemboni ye-green hydrogen.
Loku kuzodalela umnotho waseNingizimu Afrika amathuba amahle kakhulu, nokukhiqiza kwethu izinhlobo zezinsimbi eziningi ezidingekayo uma kwakhiwa izimoto ezihamba ngogesi nenqwaba yemithombo kagesi ongaphehlwa ngamalahle ukuze sikwazi ukubamba iqhaza embonini i-green hydrogen.
Izinkampani ezizimele zineqhaza elibalulekile okumele zilibambe. Sidinga ukushintsha izimboni zethu zihambisane nezimiso zalolu shintsho. Sidinga ukutshala imali kwinqalasizinda engayilimazi imvelo. Namathuba maningi azofika nokuhlinzeka ngogesi ongaphehlwa ngamalahle, izimoto ezihamba ngogesi ne-hydrogen.
Umhlaba usibhekile futhi uzimisele ukutshala imali. Kepha akumele sikuthathe kancane loku. Kumele uhlelo lwethu lokuletha uguquko lube sezingeni eliphezulu. Imali ayiyona inkinga kuloku, sidinga nje uhlelo olucacile nokwenza wonke umuntu azibophezele ekululetheni.
Ngiyamncoma uMminele ngobuholi abutshengisayo ekuhlanganiseni lolu hlelo. Osomabhizinisi kumele bakulungele ukufaka isandla. Abaholi bamabhizinisi kumele baxoxisane babone ukuthi bangaluhlanganisa kanjani uhlelo lwabo noshintsho oluzokwenzeka. I-BLSA izoqhubeka ibambe iqhaza kulo msebenzi iphinde yeseke amalungu ayo ukucabanga izindlela zokubhekana nemiphumela.
Ithuba lisezandleni zethu, kukithina ukuthi silisebenzise ukuze siqinisekise ukuthi senza izinto ngendlela ezosisiza ngomuso futhi sibe ngabaholi ekuletheni lolu shintsho emhlabeni.
Kusukela ekuntulekeni kwamathuba emisebenzi nokukhula komnotho kuya ebugebengwini nomasipala abangasebenzi, izinkomba ziveza ukuthi iNingizimu Afrika iyahluleka. Uhulumeni uhlulekile ukulalela izexwayiso ebeziqhamuka emithonjeni eminingi, manje ususindwe yizinyawo ikakhulu ezimbonini ezibalulekile zikagesi nezokuthutha.
Uhulumeni kumele wenze kangcono kodwa ngikhathazekile ngokuthi kugxilwe kwipolitiki, njengoba kuza ingqungquthela kaKhongolose yokukhetha abaholi ngoDisemba; engabe ugxila ezinkingeni zezwe. Ngiyabancenga osopolitiki abasezikhundleni zobuholi ukuthi babeke izidingo zezwe phambili.
Kuze kwadingeka ukuthi kufike esigabeni sesithupha sokucima ugesi ukuze uhulumeni ugcine ubonile ukuthi ngeke ukwazi ukulungisa izinkinga zikagesi uma uloku ugxile kwi-Intergrated Resource Plan yawo esiphelelwe yisikhathi.
Ungqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan uthe uhulumeni usuthathe iziphakamiso eziningi kanti ucabanga ukususa imicikilisho eyisithiyo esikhulu ekutheni sibe nogesi owanele.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
