Namhlanje kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele inkakha yomlingisi, uThabo Mnguni, odume ngelikaMfu UMbatha ngenxa yendawo ayidlala emdlalweni wethelevishini Uzalo. Lo mlingisi uke waduma ngelikaBra Steve ngenkathi elingisa emdlalweni wamahlaya i-Family Bonds kanti wadlala kwi-Mbewu nakwi-Generations

Usemncane, wawuphiwa imali?

Cha, angikhumbuli nje nginikwa imali ekukhuleni kwami; kwazise angikhulanga nabazali bobabili.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula nini?

Angisakhumbuli kahle kodwa ngayivula ebhange elalibizwa nge-Allied, esibizwa ngeNedbank manje.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali iyahlonishwa, akumele uyiphathe budedengu.

Waqala nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza ngila ko-15, 17. Umholo wami kwakuwuR320

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngabapha uhhafu womholo ekhaya, enye ngahamba ngayothenga into engangikade ngiyifuna; ngathenga amateku i-All Star.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuthenga umuzi, imoto nokufundisa izingane zami ezikoleni ezisezingeni.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?      

Ngashela intombi ngemali kodwa yangangiqoma.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze. Izinto (ezinjalo) ngiyazihlakaniphela. Angingeni nje kuzo, ngiyaqikelela.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi akufanele uvume imali ikudonse ngekhala, kube wukuthi njalo nje wena uyathenga. Okunye-ke imali iyahlonishwa. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayitshala khona ngizophila impilo engcono nezingane zami.


Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Zazi ukuthi uwubani, ungafuni ukuphila impilo ele kude iphakethe lakho libe lingakuvumeli. Phila impilo elingene wena.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page