Iciko elisebenzisa izihlahla ezingewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika lifukula umphakathi, lethule uhulumeni umthwalo emahlombe. Lixoxe noSANDILE GWALA

UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.

Bebebulala inyoka abantu emcimbini wokucija osomabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.

Oqale ecija ngokunakekela impilo ugcine engene ekukhiqizeni ukudla okunqanda izifo ezingamahlalakhona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.

Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUCETSHISWE osomabhizinisi abebehambele iDurban Business Fair (iDBF) ngezindlela ezilula zokusebenzisana nohulumeni ngosuku lokuqala lwalo mbukiso wosomabhizinisi oba khona minyaka yonke eThekwini, KwaZulu-Natali.

Abasafufusa babonga ithuba lokukhangisa nokuthola amakhasimende amasha. UNQOBILE NDLOVU noSANDILE GWALA bayabika

OSOMABHIZINISI besifazane bathole ithuba elingandele bani lokukhangisa ngemikhiqizo kwi-African Women in Leadership International Conference (i-AWLO) eRadisson Blu Hotel eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule.

Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

UMUNTU WUMUNTU NGABANTU

NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene. Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. … Read More

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.

‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page