I-CAPITEC ikhiphe umbiko wemali wohhafu wonyaka ophele ngo-Agasti. Inzuzo yehle ngo-78%, yafinyelela kuR650 million uma kuqhathaniswa nohhafu wonyaka ka-2019 kanti nophiko olugxile kwezamabhizinisi lulahlekelwe nguR47 million. Leli bhange lithe nakuba iCOVID-19 ishaye yezwela nakulona kodwa isibalo samakhasimende alo sinyukile sisuka ku-13.9 million ngoFebhuwari nonyaka safinyelela ku-14.7 million ekupheleni kuka-Agasti nokwenze imali engenile uma ingabalwa lena yabahluleke wukukhokha ibe nguR11 billion.

Abantu abagade ingozi yentela futhi bangaxhamazeli endleleni abakhokhela ngayo izikweletu njengoba bebaningi abaphelelwe yimisebenzi ngenxa yeCOVID-19. Lesi yiseluleko sikaNksz uPhumelele Ndumo, umeluleki wezezimali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABANTU abadiliziwe njengoba kuqubuke iCOVID-19 nabazothola imali yabo yempesheni kanjalo neyokudilizwa kumele baqaphele imali yabo ingagcini iphelela kwintela ngenxa yendlela abakhetha ukuyisebenzisa ngayo.

Ukubuyiselwa umhlaba akusho ukuthi uzokwazi ukuwusebenza uma ungenalo ulwazi nemali. Yileli gebe iVumelana ezama ukulivala. Isikhulu esiphezulu sayo sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngomsebenzi wayo

KUBALISWA mihla namalanga ngokuthi lubheda kangakanani uhlelo lokubuyiselwa komhlaba njengoba kukhona amanye amapulazi athi uma esebuyiselwe emiphakathini eyayiphucwe umhlaba agcine esephenduke umhume wabaphangi ngoba engasetshenziswa.

Indlela ibuzwa kwabaphambili. Khohlwani wukugabisa ngezinto eziwubukhazikhazi, osomabhizinisi abadala bagcwalise lesi saga ngenkathi beluleka intsha engosomabhizinisi. UZANELE MTHETHWA uyabika

USOMABHIZINISI owusondonzima emikhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini weluleke intsha ukuthi ingenzi amaphutha enziwa yibona ngoba bephushwa yingcindezi yokufuna udumo.

WENZA ezibukwayo embonini yamanz’ olwandle nakuba kunemicikilisho ewundendende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe lweminyaka

UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.

ICOVID-19 ishaye kwezwela emhlabeni, kwawa amabhizinisi kodwa futhi iwalethele amathuba amasha. UZANELE MTHETHWA uyabika

KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Sikhulekile!

KUYINTOKOZO enkulu ukunethulela UMBELE, iziko lezindaba zamabhizinisi ezibhalwe ngolimi lwebele esizoniphakela zona ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Izindaba esizogxila kuzona ngezithinta umnotho, ezabasebenzi, ezolimo, iziluleko ngemali, osomabhizinisi abasafufusa, abamnkatshubomvu kanjalo nongoti kule mikhakha abazobeka imibono yabo ngezihloko ezinhlobonhlobo. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page