ABESIFAZANE abasukume bazithathe, siphelile isikhathi sokuthi bagxile emabhizinisini amancane kuphela, uSLINDILE KHANYILE uyasilandisa
KULULEKWE abesifazane ukuthi bahlukane nokugxila emabhizinisini amancane kuphela nokwenza into eyodwa bonke uma nje sebeke babona oyedwa eyiqalile yase iphumelela.
Izikhulumi esithangamini esikhuthaza ukuthuthukiswa kwabesifazane, i-Women Economic Empowerment Engagement, zisho loku ngazwi linye. Lesi sithangami siyingxenye yomcimbi wokuthuthukiswa kwamabhinizisi esihlelwa wuMasipala waseThekwini, iDurban Business Fair, esiqale ngesonto elidlule nesisaqhubeka.
Izikhulumi, ebeziqhamuka emikhakheni enhlobonhlobo, zithe abantu besifazane kumele bangesabi ukucabanga amabhizinisi amakhulu uma becabanga ukuzisebenza kanti nalabo asebeqalile kumele babheke izindlela ezizobakhulisa ukuze bangahlali bebancane.
U-Adv uThandi Sabelo, oyi-chief procurement officer eTransnet Port Terminals, uthe kusezandleni zabo abantu besifazane ukuthi baqoma ukuloku bezidabukela ngenxa yoshintsho olufike neCOVID-19 noma bakhetha ukusebenzisa amathuba avulekile.
“Ngizothi nje mina sukumani. Uyathanda awuthandi kodwa yisikhathi sobuchwepheshe lesi esikusona, sekukuwena-ke ukuthi uyalwisana nalokho noma uyakwamukela. Umnotho usechwebeni ngoba izimpahla zithuthwa ngechweba; ngisho izimpahla zokugqoka zingena ngalo kodwa abantu besifazane bavele bangibuze ngale misebenzi emincane abangayenza, abafuni ukungena kulena ewumongo wesikwenzayo.
“Abantu babuka le mishini emikhulu esiyisebenzisayo njengo-crane, bavele basabe. Leyo mishini inezinsimbi, okusansimbi kwakhiwa lapha eNingizimu Afrika kanti njengamanje abantu abasidayiselayo yizinkampani zaphesheya. Siyakushintsha manje loko. Sithe lezi zinkampani kuzomele zisebenzisane nani bantu bakuleli ukuze nizoba yingxenye yomongo webhizinisi esilenzayo,” kucebisa u-Adv uSabelo.
Kunemibiko yocwaningo ephumile eveze ukuthi iCOVID-19 ishaye kwezwela kakhulu emabhizinisini aphethwe ngabesifazane. Loku kuthiwe yingenxa yokuthi yibona abenza lolu hlobo lwamabhizinisi adinga ukuthi abantu bahlale bebonana nobekungenzeki ngesikhathi izwe livaliwe.
Omunye wale mibiko ukhishwe yiWEConnect International, inhlangano exhumanisa osomabhizinisi besifazane emazweni ahlukene ukuze bezovuleleka amathuba. Umbiko obubheka izinkampani zaseNingizimu Afrika uveze ukuthi u-87% wazo uthe imali engenayo yehle kakhulu phakathi kukaJanuwari noMashi kanti eziwu-72% bezilindele ukuthi iqhubeke nokwehla phakathi kuka-Ephreli noJulayi.
UNksz uLynette Ntulli, isikhulu esiphezulu e-Innate Solutions, inkampani egxile embonini yezakhiwo nengqalasizinda, uhambe emazwini ka-Adv Sabelo. Uthe ayiphele le nto yokucabanga njengeziklabhu.
“Mina loku ngikubiza nge-spaza syndrome, sithi singabantu abayishumi sihlala emgwaqweni owodwa kodwa sonke sifune ukudayisa amagwinya. Yini ndaba kungabi bikho othi uzodayisa u-polony, omunye adayise amafutha adingwa ngoxova amagwinya; sibheke ezinye izinto eziyingxenye yokwenza amagwinya kunokuthi sonke silwele into eyodwa? Ungathi sabulawa ngokuthi nje uma sike sabona umuntu oyedwa enza into ihamba kahle, bese sonke sifuna ukulandela kuloko,” kweluleka uNksz uNtuli.
Lona wunyaka wesi-22 ukhona lo mcimbi kanti njengoba kuphilwa esikhathini seCOVID-19, bekukhona abawu-50 kuphela eMoses Mabhida, kwathi abanye bawethamela ezinkundleni zokuxhumana; besebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
UNksz u-Ayanda Njilo, i-chief operations officer enkampanini yabangcwabi, Induduzo Bespoke Funerals, uthe lesi yisikhathi sokuthi abantu besifazane bacabange izinto ezihlukile futhi bahambisane noshintsho.
“Ngiye ngithi mina omama bethu yibona ababephatha izipaza futhi kwakuyisikhathi sazo. Thina kumele singene kwi-JSE, singene emnothweni ngempela; akusafanele silokhu sidlala kancane,” kusho yena.
Owayeyiphini leMeya kaMasipala waseThekwini, uNkk Fawzia Peer, lithe ukuzama komKhandlu ukuthola enye indlela yokwenza lo mcimbi yize sekuyisikhathi lapho kungelula ukwenza imicimbi ehanjelwa ngabantu abaningi, kwenziwe wukuthi bazibophezele ekuthuthukiseni amabhizinisi abesifazane.
“Kuneminyaka ewu-13 uMasipala ubeka eceleni isabelomali sokuthi kube nesithangami esizogxila kwabesifazane kuphela. Bujwayeleni ubuchwepheshe, isifikile i-4IR (i-Fourth Industrial Revolution). Indlela umcimbi wanamhlanje owenziwe ngayo iwubufakazi baloko,” kusho uNkk Fawzia.
Imicimbi yeDBF iyaqhubeka nangesonto elizayo njengoba kuzoba khona iBusiness Engagement enezikhulumi ezinhlobonhlobo ngomhla ka-22 nomhla ka-23 Septhemba, kanjalo ne-Youth Business Connect mhla ka 25 Septhemba e-ICC eThekwini.