Ukunyuka kukaphethroli kuzozwela kakhulu kwabahola kancane – izingqapheli
WUBONISWA MOHALE
UMA ukunyuka kukaphethroli nodizili kukhalisa osozimboni nabahola kahle, kusho ukuthi abahola kancane nabaphila ngezibonelelo zikahulumeni bazothwala kanzima kakhulu.
Lona wumbono womgqugquzeli wenhlangano engezi nzuzo elwela iqiniso emnothweni nesithunzi sabantu abahlwempu iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group uMnu uSibusiso Mbotho.
Uphawule kanjena emva kokuthi umNyango wokuMbiwayo naMandla umemezele ukuthi ilitha kaphethroli izonyuka ngoR3,06c, libewuR26, 25c, elikadizili ilizonyuka ngoR7,51c libe wuR25,90c, elikapharafini linyuke ngoR11,67c kuthi ikhilo le-gas linyuke ngoR1,08c.
“Yize impi eseMiddle East isanda kuqeda inyanga kodwa umphumela wayo ekuthutheni izimpahla uyabonakala. Igrosa yokudla okumqoka okuwu-44 esikucwaningayo ibiza uR5 328,53c kule nyanga.
“Sikhathazekile ukuthi ukunyuka kwamanani kaphethroli kuzonyusa amanani okudla. Ikakhulu ukudla esikulanda ngaphandle njenge-rice, amafutha nokolweni. Ukunyuka kukadizili kuzonyusa izindleko zabalimi, abazozidlulisela ezitolo bese izitolo zidlulisele lezi zindleko kubathengi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Amanani okudla nakaphethroli ehlise amandla ku-3,0%
Nakuba uhulumeni umemezele ukuthi uzokwehlisa ngoR3 intela kaphethroli ukuhlangabeza abantu kodwa uMbotho uthi loku akwanele ngoba ilitha lawo nelikadizili anyukile.
Uthe: “Abantu abanemali bayakhala ukuthi izindleko zabo zizokwanda. Abahlwempu bazoshayeka kakhulu. Isibonelo nje isisebenzi esihola ngokwemali encane enqunywe wumthetho sihola uR5 320.48c ngenyanga. Uyabona ukuthi umholo waso awusivumeli ukuthenga igrosa yomndeni.
“Ukunyuka kukaphethroli kuzonyusa ukudla, imali yokugibela kanti nogesi uyanyuka kule nyanga, ngakho kuzozwela kakhulu kwabahola kancane nabaphila ngezibonelelo zikahulumeni.”
Uthe noma beyizwa imizamo kahulumeni kodwa bafuna wenze okukhulu kunaloku ukuvikela abantu njengoba kungaziwa ukuthi izophela nini impi esesontweni lesihlanu eseMiddle East.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe intela kaphethroli bazoyehlisa izinyanga ezintathu kuphela kodwa ziyaqhubeka ezinye izingxoxo zokwehlisa ijoka kubantu nasemnothweni.
I-Durban Chamber of Commerce and Industry, izwi losomabhizinisi bezimboni ezihlukene, isithakasele isinqumo sikahulumeni sokwehlisa intela kaphethroli ngoR3, yathi sizosiza izwe okwesikhashana ngesikhathi kusenziwa izinhlelo zesikhathi eside.
Ithe ukuncika kweNingizimu Afrika kuwoyela ongahluziwe ovela kwamanye amazwe kwenza ukuthi leli zwe lingakwazi ukuzivikela uma sekunyuka lo woyela emhlabeni.
Ikhale ngokuthi eThekwini, lapho kugcwele khona izimboni ezithutha izimpahla ezisuka echwebeni, ukunyuka kukaphethroli nodizili kuzonyusa izindleko.
“Amabhizinisi amakhulu azokwazi ukubhekana nalesi simo kodwa amancane azokhinyabezeka ngoba awanayo imali eningi yokubhekana nezindleko angakwazi ukuzilawula. Amanye angaze agcine evala ngenxa yalesi simo,” kusho iDurban Chamber esitatimendeni esithumele abezindaba.
Inxuse uhulumeni ukuthi uzenezinhlelo ezicacile zesikhathi eside zokubhekana nalesi simo, ezizovikela izwe.
Isikhulu esengamele ukusebenza kwenhlangano yabalimi i-AgriSA uNkk uJolanda Andrag sithe abalimi bazoklinyeka ngoba ukunyuka kukadizili kwandisa izindleko zabo futhi kuzokhinyabeza ukukhula komnotho wasemakhaya.
“Uhulumeni kufanele uze nezinhlelo ezingeke zinyuse uphethroli nyanga zonke kodwa ezizokwenza amanani ahlale emi ndawonye noma ngabe kwenzekani kwamanye amazwe omhlaba.
“Kubi ukuthi uphethroli unyuka ngesikhathi sokutshala nesokuvuna imikhiqizo ehlukene. Uhulumeni kufanele uqinisekise ukuthi sizikhiqizela uwoyela ngezindlela ezihlukene kanti sinezindawo zokuwuhluza ngoba manje sishaywa wukuthi sincike emazweni angaphandle,” kusho yena.
I-South African National Taxi Council (iSantaco) ithe intela eyehliswe wuhulumeni ngeke inciphise izindleko kanti amalungu ayo athutha izigidi zabantu nsuku zonke avele athwele kanzima ngoba uhulumeni awuwaxhasi ngalutho.
Umkhulumeli weSantaco uNkk uRebbeca Phala: “Ososeshini abahlukene bazosibheka kabanzi lesi simo esenzeka manje ukuthi sizinyusa kangakanani izindleko zabo zokusebenza. Bazothi uma sebeqedile batshele abagibeli ukuthi kuzokwenzekani.
“Siyathembisa ukuthi noma yisiphi isinqumo esizothathwa wososeshini ngeke sishaye abagibeli ngoba siyazi ukuthi uma kunyuka izindleko zempilo amaholo abo awanyuki.”
I-South African Congress of Trade Unions ithe izoqhubeka nokuxoxisana nohulumeni ukuthola isisombululo esizovikela imisebenzi, izisebenzi, izimboni nenhlalakahle yezakhamuzi.

