Ukungacaci kwezingxoxo zokuqeda impi eseMiddle East kwenza abatshalimali bangahlaliseki
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA sekuyophela inyanga impi yeMelika ne-Israel abalwa ne-Iran isaqhubeka, isimo asibuyeli kwesijwayelekile ezimakethe.
Ngesonto elidlule kubenomehluko omuhle ezimakethe emva kokuthi umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump ememezele ukuthi bazothatha ikhefu lezinsuku ezinhlanu ekuhlaseleni i-Iran, leli khefu ulinyusile wathi kuzoze kubemhlaka-7 wango-Ephreli.
Izimakethe azikaze zibuyele esimweni esijwayelekile emva kwalesi simemezelo, kwazise kuphume izindaba eziphikisana nokushiwo wuTrump futhi kwaqhubeka kakhulu ukusabisana.
IMelika ilule umnqamlajuqu wokuthi i-Iran ivule umzila wasolwandle wokuhambisa izimpahla ngomkhumbi iStraight of Hormuz. Loku kungehlisa ingcindezi ekushodeni kwengqalasizinda yamandla kodwa ukuma nokuqala kwezingxoxo kukhombisa ukuthi isimo sisemanzonzo.
Ukulula isikhathi sokuvula iStraight of Hormuz kukhombisa ukuthi zombili izinhlaka zifuna ukuthola isisombululo. I-Iran ayihambisana nohlelo lokuqeda impi oluza neMelika njengoba ifuna ukwandisa isibalo samasosha ewatshala eMiddle East.
Kolunye uhlangothi i-Iran isiqalile ukudlulisa imikhumbi okungeyona eyempi eStraight of Hormuz kodwa noma kunjalo ukuhamba kwezimpahla kusathwalwe kanzima.
FUNDA NALAPHA: Inkomba yethemba labathengi ngomnotho izobhekwa ngeso lokhozi
EMelika ukukhula komnotho koobekulindelekile ngenxa yokunyuka kwamanani kawoyela.
ENgilandi amandla emali anyuke ngo-0.4% ngoFebhuwari noma ngo-3% unyaka nonyaka. Amandla emali angahlanganisi ukudla nezindleko zamandla anyuke ngo-3.2% ngoFebhuwari kusuka ku-3.1% ngoJanuwari. Loku kusho ukuthi ngeke yehle imalimboleko obekulindeleke ukuthi yehle.
Amazwe aseYurophu azwakalise ukuthi abona umnotho ungeke ukhule ngenxa yokubambezeleka kwezimpahla ezithuthwa ngezindlela ezihlukene. Loku kuzobambezela ukukhiqiza ezimbonini futhi kwehlisa ukukhula komnotho obekulindelekile. Okubonakalayo wukuthi le mpi inyusa izindleko yehlise imali yokuthenga izinsiza ezihlukene kubantu. – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

