Mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuvuselela isithunzi samaphoyisa njengoba kuvela ngobufakazi obuthulwa kwiKhomishini kaMadlanga, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso

UKUBOSHWA kwezikhulu zamaphoyisa eziwu-11 ngesonto elidlule mayelana nethenda kaR360 million kuyinkomba yokuthi siphelile isikhathi sokuzicanasela. 

UPhiko oluShushisayo eZweni, oluneminyaka emibili luhlanganisa leli cala, luthathele izinyathelo abantu abanamandla futhi abasekhaleni lenkohlakalo emaphoyiseni. Loku kuboshwa kuthinta ngqo izinto ebeziphazamisa ukusebenza kwezinhlaka zomthetho.

Ubufakazi obuthulwe kwiKhomishini kaMadlanga buveze iqembu lezigebengu eliseGauteng eliyingxenye yokushushumbisa izidakamizwa, izinkabi, ukuduna izimoto nokukhwabanisa amathenda okuthinta uMnu uVusimuzi “Cat” Matlala, onobudlelwano benkohlakalo nezikhulu zamaphoyisa nezikahulumeni.

Kuyashaqisa futhi kuqeda ithemba lokuthi amaphoyisa azimisele futhi ayakwazi ukuvikela ukusebenza komthetho ezweni. Kumabhizinisi, loku akuyona nje into yokubatshazwa kuphela. Uma kunogcobho emaphoyiseni, amalungelo abantu abanawo ngezinto zabo, abasengcupheni. Siyaphela isiqiniseko sokuthi izinkontileka zizohlonishwa. Abacabanga ukutshala imali kufanele bacabange ukuthi umthetho uyasebenza yini.   

FUNDA NALAPHA: Kuthena amandla ukuthi uRamaphosa uneminyaka azi ngokushiwo wuMkhwanazi, kuloba uJabulani Sikhakhane

Ungqongqoshe womNyango wamaPhoyisa uMnu uSenzo Mchunu usaloku esekhefini kanti ngesonto elidlule ukhomishana wamaphoyisa ezweni uJenene uFannie Masemola ubizwe enkantolo ukuthi azobhekana namacala ngethenda izikhulu eziboshelwe yona ngesonto elidlule. Yize lezi kuseyizinsolo kuze kubekukhona abagwetshwayo kodwa umuntu unakho ukubona sengathi kubole kwasani emaphoyiseni.

Uma uhulumeni uhluleka kwezinye izinto, into eyodwa ongakwazi ukuhluleka kuyona wumthetho. Lowo, yiwona msebenzi omkhulu kahulumeni. Amaphoyisa yiwona okufanele avikele abantu, akufanele akhohlakale. Uma izikhulu zamaphoyisa zithinteka ebugebengwini obuhleliwe, siyizwe lezigebengu ngempela.  

Uma siqhathanisa ukubheda kwezinto emaphoyiseni, isinqumo soPhiko lokuShushisa eZweni sokugadla ngale ndlela olwenze ngayo, kukhombisa umsebenzi osuwenzekile wokuvuselela lesi sikhungo emva kokuthenwa amandla wukugwamanda amandla ombuso. 

Kutotobile ukushintsha kwezinto kodwa ukuboshwa kwabantu ngesonto elidlule kukhombisa izinto eziphathekayo ezenzekayo. Ngiyaluncoma uPhiko lokuShushisa eZweni ngokufuna ukuthi ngisho izikhulu ziphendule. La macaala azohlola ukuthi ukhona yini umuntu ongaphezu komthetho. Loko kuzovuselela ithemba emphakathini esilidingayo. 

Ukushushisa ngokushesha futhi ngempumelelo kumqoka ukuze umphakathi ubone kunobulungisa. Nokho ngale kwamacala ambalwa, sidinga ukuthi isikhungo (samaphoyisa) sivuseleleke. Ukubulawa kukafakazi uMnu uMarius van der Merwe ngoDisemba, ngemva kwamasonto amathathu ethule ubufakazi kwikhomishini, kukhombisa ingozi abantu abafakazayo ababhekana nabo. Umuntu owayeyiphoyisa ubekwe icala kodwa kufanele senze kangcono ukuvikela ofakazi. 

Ukuvuselela uPhiko lokuShushisa eZweni kuthatha isikhathi eside. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyaweseka yize kunemingcele ecacile yokuvikela ukuzimela kwalolu phiko, ikakhulu ngokuseka isikhwama esilekelela ngamakhono abaseshi abazimele abasiza ukuhlanganisa amacala. Ngokusebenzisa iB4SA, ezithinta amabhizinisi zinophiko oluqondene nala macala oluholwa yiBusiness Against Crime South Africa (iBacsa) esisebenzisana nayo siyiBLSA. 

Njengoba isigaba sesithathu sokusebenzisana kukahulumeni namabahizini okuseHhovisi likaMengameli sesiqalile, iqhinga lokulwa nobugebengu obuhleliwe nenkohlakalo ezweni seliqalile ukusetshenzwa. Umlingani weBLSA, iBacsa, ubalulekile ekuhlanganiseni uhulumeni nemboni ezimele ukuqikelela ukuthi kuhlinzekwa amakhono afanele nokuthi izinsizakusebenza zisetshenziswa lapho kuzobanomphumela omkhulu khona.

Amabhizinisi ngeke aphumelele ngaphandle kwezikhungo ezisebenza kahle. Sitshala ekutheni uPhiko lokuShushisa eZweni lusebenze kahle ngoba sidinga lawo macala ukuthi athethwe. 

Siseka ukuvikela ofakazi ngoba siyabadinga abantu abazimisele ukuthula ubufakazi. Ukusebenzisana kwenzeka kahle ngoba izinhlangothi zombil ziyazi ukuthi yini esengcupheni. 

Ukuvuselela uPhiko lokuShushisa eZweni kufanele kuqhubeke kanti izinguquko ezinqala kufanele ziqinisekise ukuthi lesi sikhungo sisebenza ngokuzimela. Kufanele lukwazi ukuzimela lungathembeli emNyangweni wobuLungisa ngemali ngisho nangokusebenza kwalo njengoba kufanele umQondisi wokuShushisa eZweni kufanele abenamandla okwenza izinqumo ngokuqasha futhi engamele isabelomali ngokuzimela.

Sidinga ukuphucula idlela esivikela ngayo abantu ababhoboza ithumbu nofakazi abaqhamukayo ukuseka ubulungisa. Ukubulawa kukaVan der Merwe kutshengisa ukuthi kwenzekani uma ofakazi bengavikelwa. 

UPhiko lokuShushisa eZweni luhola ezobulungisa njengoba kuyilona olugcina futhi luqikelele ukuthi izigebengu zibhekana namacala azo. Nokho luthembele ekusebenzeni kahle kwamaphoyisa futhi kuphenywe, kuhlanganiswe amacala futhi kuboshwe abantu. Lolu phiko lokushushisa luthembele koKlebe nasemaphoyiseni ukuhlanganisa amacala. 

Umbiko wokugcina weKhomishini kaMadlanga olindelwe ngo-Agasti uzoba mqoka ukuvuselela amaphoyisa. Kudingeka ushintsho olunqala futhi kufanele siwuqede umonakalo owenzeka ngesikhathi kugwamandwa amandla ombuso. Kukhona abantu abawaziyo umsebenzi futhi abathembekile emaphoyiseni okufanele banikwe umsebenzi wokushintsha izinto ukuqinisekisa ukuthi izinto zenzeka ngendlela efanele futhi kuvuselele isithunzi. 

Ukuboshwa kwalaba kwangesonto elidlule kutshengise ukuthi kuyenzeka ukuthi abantu baphendule ngezenzo zabo. Manje sesidinga ushintsho ezikhungweni zikahulumeni ukuze kuhlale kwaziwa ukuthi yinto eyenzakayo nakanjani, hhayi ngezikhathi ezithile. Amabhizinisi akulungele ukweseka lo msebenzi. Uhulumeni kufanele uzimisele ukuthatha izinyathelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page