‘Imali ibekelwa nekusasa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNhlanhla Buthelezi, odume ngelikaNuh. Uwumculi, uwumdansi, umphathi wohlelo emcimbini nesilomo ezinkundleni zokuxhumana
‘Imali ibekelwa nekusasa’
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ekhaya babengipha imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2010, ngayivula eCapitec oseHowick.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kufanele uyisebenzise ngendlela efanele.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathengela uma wami ukudla namakhabethe.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngakwazi ukulekelela ekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuyisebenzisa budedengu.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali ibalulekile. Okunye wukuthi kufanele ukwazi ukonga imali ngendlela elungile.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingalungisa ekhaya, ngakhele uMa umuzi.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kufanele mali siyisebenzise ngendlela efanele futhi uyibeke ukuze ikwazi ukukusiza kusasa. Imali iyahlonishwa.
