Izishoshovu ze-amandla.mobi zibhikisha zikhala ngokuthi mncane uR350 wesibonelelo sabantu abangasebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

Isibonelo sabangasebenzi kufanele sibe wuR2 600 – ongoti 

WUBONISWA MOHALE 

UYAQINA umkhankaso wokuthi abantu abangasebenzi bathole isibonelelo sokuphila i-universal basic income grant ewuR2 600 ngenyanga.

Izolo inhlangano elwela umphakathi i-amandla.mobi ibinenkundla yokucobelelana ngolwazi ebiseNelson Mandela Foundation eGoli, eGauteng, obekukhona kuyona uDkt uPali Lehohla, owayephethe iStatistics South Africa nabanye ongoti.

ULehohla, owumcwaningi omkhulu e-Oxford Poverty and Human Development Initiative, uthe kufanele uhulumeni uwulalele umbiko we-amandla.mobi ngoba ukhombisa ukuthi ukunika abantu abangasebenzi izibonelelo zokuphila kusimamisa umnotho.

“Akusilo iqiniso ukuthi uma uhulumeni unika abantu abangasebenzi isibonelelo esizobasiza ukuphila uzobe umosa imali. Iqiniso wukuthi abantu abahola izibonelelo zikahulumeni imali bayitshala khona lapha emnothweni wezwe. Bathenga izidingo abazisebenzisa nsuku zonke, okuwukudla, izimpahla zezingane nokunye okubasiza ukuphila,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/09/kuhlongozwa-isibonelelo-sokusiza-abantu-ngemisebenzi/

Uthe uma umengameli uCyril Ramaphosa nongqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana beqhubeka nokuziba inkinga yabantu abangasebenzi izwe lizobhekana nenhlekelele.

“INingizimu Afrika inenkinga yokuthi izigidi zabantu azisebenzi. Uma isimo sisibi kanjena kusho ukuthi uhulumeni kufanele ulekelele ukubasiza ukuthi baphile. U-R350 awabasizi nakancane, badinga imali engaphezu kwesilinganiso sokuphila komuntu ompofu oyedwa ewuR2 635 ngenyanga. Akusilo neqiniso ukuthi uhulumeni awunayo le mali ngoba uma kunezinselelo uhulumeni uyayikhipha imali,” kusho uLehohla. 

Amazwi akhe ananelwe wuNks u-Isobel Fyre, isazi semithetho e-Oxfam, okhale ngokuthi uR350 awubasizi abantu abaningi futhi uphenduka ubala njengoba abantu kufanele bagibele bayowuhola emadolobheni. 

UNkk uJasmina Papa we-International Labour Organisation uthe abantu badinga imisebenzi, ngakho uma bengenayo uhulumeni kufanele ubatakule ngesibonelelo sangempela, hhayi utiki.

Isishoshovu somphakathi esiyilungu le-amandla.mobi uNksz uBasetsana Meletse waseWestonaria, eGauteng, ukhale ngokuthi uR350 awubasizi ngalutho beyimindeni, ikakhulu manje njengoba ungasaphumi nyanga zonke. 

“Uma uhulumeni ungasinika isibonelelo sabantu abangasebenzi esiwuR2 600 ungehla umthwalo futhi zingancipha nezingane ezibhema izidakamizwa. Kunzima emakhaya nasemalokishini ngoba abantu abasebenzi. Bathwele kanzima ngisho omalume, o-anti nabashana bondliwa yimpesheni yogogo nomkhulu. U-R350 awuthengi ngisho igrosa eyanele umuntu oyedwa ngenyanga,” kusho yena.

Ukhomishana wenhlangano yamalungelo abantu uNks uNomahlubi Khwinana uthe abantu abangasebenzi abakwazi ukuwathokozela amalungelo abo, ngakho kufanele uhulumeni usinyuse isibonelelo sabo.

Kulindeleke ukuthi i-amandla.mobi iwudlulisele kuRamaphosa noGodongwana lo mbiko kungakethulwa iSabelomali salo nyaka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page