Uhulumeni awenze, unciphise ingevu – izingqapheli
WUBONISWA MOHALE
UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa uthi ufuna umnotho wezwe ukhule ngo-3% ngonyaka futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda kuphele nobubha. Ukufeza loku ubeke uR940 billion ukulungisa nokwakha ingqalasizinda, okubalwa kuyona imigwaqo, amadamu, ubuchwepheshe nokunye okuzosiza ukusimamisa umnotho nenhlalakahle yabantu baseNingizimu Afrika.
URamaphosa uveze lezi zindaba eNkulumweni eBhekiswe eSizweni ayethule izolo ebusuku.
Isazi somnotho nezamandla eNingizimu Afrika uNkk uLungile Mashele sithe kuhle ukuthi uRamaphosa ubeke uR940bn ozolungisa ingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo. Ubalule ukuthi umnotho wezwe ngeke ukhule ngendlela efanele uma ingqalasizinda isindala noma ingekho.
“Kubalulekile ukuthi izwe elifuna ukusimamisa umnotho libenengqalasizinda esesimweni esifanele. Uhlelo lokuthuthukisa ingqalasizinda yobuchwepheshe, eyamanzi, imigwaqo, amachweba nezikhumulo zamabhanoyi ibalulekile ngoba iza nenqwaba yamathuba omsebenzi,” kusho yena.
Uthe okuhle kakhulu wukuthi uhulumeni ngeke ugcine ngokukhipha imali yokuthuthukisa ingqalasizinda kodwa uR940bn uza nohlelo lokwendlalela, phecelezi i-project preparation.
“Izinhlelo eziningi zentuthuko zigcina zingenzekanga ngenxa yokuthi kusuke kungalungiswanga yonke imininingwane ngokwenziwa kwazo. Kuhle ukuthi ngaphambi kokulungisa noma ukwakha ingqalasizinda kubenohlelo olucacisayo ukuthi lowo msebenzi uzokwenziwa kanjani, uzoqala nini futhi uphele nini. Loku kuzokwenza ukuthi imali ingamoseki yenze nokufanele ikwenze,” kusho yena.
Mayelana nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kunogesi owenele ezweni, uNkk uMashele uthi akukho okusha okushiwo wuRamaphosa.
“Odabeni lukagesi akukho okusha akushilo, ubephinda izinto aseke wazisho ngokudlule. Isibonelo nje ukhulume ngokwakhiwa kwama-solar PV nama-wind turbine ezweni kodwa akashongo ukuthi loku kuzokwenzeka kanjani. Ukhulume nangohlelo lokusimamisa umnotho olungayilimazi imvelo, phecelezi i-green economy kodwa akazange achaze ukuthi luzokwenzeka kanjani,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu senhlangano ekhulumela osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council uMnu uKganki Matabane sithi sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni uyeke ukukhuluma kodwa wenze.
“Ifike kahle inkulumo kamengameli yokuthi uhlela ukuthuthukisa ingqalasizinda. Sijabula kakhulu ngokuthi kunesikhwama sokubheka ukuthi uguquko luyenzeka emabhizinisini esibizwa nge-Transformation Fund esizoba no-R20bn njalo ngonyaka okuzoba wuR100bn eminyakeni emihlanu,” kusho uMatabane.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/06/28/kukho-konke-akwenzayo-ugqugquzelwa-wukuletha-uguquko-ezinhlakeni-zomnotho-njengoba-ethi-umthetho-webee-uyabatotosa-labo-okumele-badedele-amatomu-omnotho-uxoxe-noslindile-khanyile-ngebee-ubuholi-noku/
Uthe abakufunayo wukubona umsebenzi wenziwa ngoba umengameli akaqali ukukhuluma ngezinhlelo zokulungisa ingqalasizinda.
“Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni ufane nebhizinisi, ubenezinhlelo ezinezinsuku ezicacile zokuthi ziqala nini futhi ziphothulwa nini. Asikwazi ukuhlale sikhuluma. Kunini nje sikhuluma ngokuthi kufanele imikhiqizo yasezimayini yenziwe okuthile ingagcini ngokudayiswa injengoba iphuma emhlabathini? Yisikhathi sokuthi senze manje,” kusho yena.
Umengameli womfelandawonye wezinyunyana zezisebenzi iCongress of South African Trade Unions uNksz uZingiswa Losi uthe kuhlala kubajabulisa ukuzwa izinhlelo eziza nemisebenzi njengoR940bn wengqalasizinda.
Nokho uthe bakhathazekile ukuthi ngabe kuzosheshiswa kwenziwe yini obekushiwo wumengameli njengoba bekucothozwa.
“Kufanele okushiwo wumengameli kwenzeke ngokushesha. Ingqalasizinda ayilungiswe futhi yakhiwe ngokushesha ukuze abantu bezothola umsebenzi. Akukuhle ukuthi abantu abawu-12 million abalungele ukusebenza abasebenzi. Kufanele uqhubeke nokulungisa isimo ezinkampanini zikahulumeni. Siyajabula ukuthi kukhona okwenzayo e-Eskom, eTransnet nasePrasa kodwa asineme ukuthi awunazo izinhlelo zokubheka iDenel, iSABC, iSA Post Office nePostbank. Kufanele udedele imali owawuyithembise iSA Post Office,” kusho yena. Uphethe ngokuthi bafuna kubenokusebenzisana okuhle phakathi kukahulumeni, abemboni yamabhizinisi nezisebenzi futhi bazokuqinisekisa loku uma behlangana ngaphansi kweNational Economic Development and Labour Council.