INingizimu Afrika kufanele isukumele ukulungisa imboni kawoyela, kuloba uJabulani Sikhakhane
IMIPHUMELA yempi ese-Iran isiveze igebe elikhulu eNingizimu Afrika ngesimo sikaphethroli nodizili. Zimbili izizathu zaleli gebe.
Esokuqala yizinkinga ngezindawo zokubeka uphethroli nodizili eNingizimu Afrika. Esesibili wukuvalwa kwezikhungo zokuhluza uwoyela ezweni.
Okucaciswa yimiphumela yempi yase-Iran, njengokushoda kukadizili nophethroli emagaraji athile, wukuthi iNingizimu Afrika isisindwe yizinyawo ekwenzeni izinguquko ngokusebenza kwemboni kawoyela ohluziwe nongahluziwe.
Sekuke kwaneziqubu eziningana lapho kubenokungatholakali kukaphethroli wamabhanoyi, okwaphazamisa ukuthutha abagibeli, ikakhulu e-OR Tambo International Airport eGoli.
Kufanele kusukunyelwe ukulungisa nokulawula le mboni, ikakhulu izikhungo ezigcina khona uphethroli nodizili. Kumele kusukunyelwe nokuthutha uphethroli nodizili usiwa lapho ubekwa khona ngaphambi kokuthuthelwa emagaraji noma izikhungo zamakhasimende.
Ngenxa yezinguquko ngokusebenzisa udizili kuhlangene nokuthi izindawo eziwuphehlayo zezwe sezikulungele ukuhluza uwoyela ukukhiqiza udizili owanele izidingo zezwe, iNingizimu Afrika yaphoqeka ukuthenga udizili kwamanye amazwe. Ngamanye amazwi ingxenye enkulu kadizili osetshenziswa ezweni ufika ngemikhumbi emachwebeni ezwe. Ichweba elemukela udizili nophethroli nowoyela engahluziwe omningi elaseThekwini.
Ingxenye enkulu yalo dizili nophethroli ithunyelwa ngamapayipi eGauteng, enye ithuthwe ngezitimela namaloli. Uwoyela ongahluziwe uthunyelwa ngamapayipi esikhungweni sokuhluza uwoyela iNatref eSasolburg, eFree State.
Isimo esinje sidinga ukuthi izwe libenezindawo lapho kugcinwa udizili nophethroli ongamelana nezidingo zezwe uma kuvela izinkinga, njengalezi esezidalwe impi ese-Iran.
FUNDA NALAPHA: Ukunyuka kukaphethroli kuzozwela kakhulu kwabahola kancane – izingqapheli
Zibalulekile izikhungo zokugcinwa kukaphethroli nodizili ezindaweni ezimpahakathi nezwe, njengaseGauteng. Seloku kwavulwa izimayini zegolide kusukela ngasekupheleni kwama-1800s, isifundazwe esesaziwa ngeGauteng saphenduka isizinda esikhulu sezomnotho wezwe.
Manje ingxenye ewu-33% yomkhiqizo womnotho wezwe, uma kusetshenziswa isikali seGDP, izinze eGauteng, kulandele iKwaZulu-Natali (ngo-20%) neNtshonalanga Kapa (ngo-15%).
Ukusetshenziswa kukadizili nophethroli kuhambisana nesimo somnotho, okusho ukuthi udizili nophethroli omningi isetshenziswa eGauteng, kulandele iKZN neNtshonalanga Kapa.
Inkinga yesibili wukuvalwa kwezikhungo zokuhluza uwoyela iSapref ne-Enref. Zombili lezi zikhungo ziseThekwini. I-Sapref yagcina ukuhluza uwoyela ngo-2020 kanti i-Enref yona ngo-2019. Ukuvala lezi zikhungo kunyusa isidingo sokuthi iNingizimu Afrika iithenge uwoyela osuhluziwe kwamanye amazwe.
Ngo-2024, cishe wonke udizili – owu-14.79 billion litres – owasetshenziswa ezweni (ingxenye enye yawo yathengiselwa amazwe angomakhelwane) waphuma kwamanye amazwe.
Ingxenye enkulu yaphuma e-Oman (owu-26%), e-India (owu-24%), e-United Arab Emirates (u-19%), eBahrain (u-8%) ne-Saudi Arabia (u-7%). Ngamanye amazwi, u-60% wonke kadizili othengwa kwamanye amazwe, uphuma emazweni ahlukunyezwe yimpi yase-Iran (i-Oman, i-United Arab Emirates, Bahrain neSaudi Arabia).
Ngaphansana kukahhafu wesidingo sikaphethroli wathengwa kwamanye amazwe, kuhamba phambili iMalaysia (u-35%), kulandele i-India (u-24%) ne-Italy (u-12%).
Maningi amazwe angenazo izikhungo zokuhluza uwoyela, ancike ekuthengeni kwamanye amazwe. Akuvamile ukubayinkinga loku. Kudinga nje kuphela ukuthi uhulumeni usebenzisana nemboni ukuze izwe lihlale likulungele ukumelana nesimo lapho kungaphazamiseka ukuthutha udizili nophethroli oza kulelo zwe.
Amanye amazwe abanohlelo lokuthenga udizili nophethroli ongaphezu kwezidingo zezwe bese ugcinwa ezindaweni lapho ungahlala khona isikhathi, phecelezi strategic reserves. Ukuze kungaphazamiseki ukusebenza komnotho wezwe, udizili nophethroli ogciniwe ungasetshenziswa ngezikhathi ezinzima, njengalesi simo esesidalwe impi ese-Iran.
Ukuba iNingizimu Afrika ibinakho ekuthukusile, ngabe kusetshenziswe ingxenye yakho ukuvika isimo lapho amanye amagaraji egcine engasenalutho angaludayisa.
Lobu bunzima bubuye babhebhezelwa ukuthuka kwabathengi, besaba ukuthi udizili nophethroli ngeke kutholakale. Ngakho abanye abathengi bagijime bayogcwalisa izimoto.
Abanye bebethuswe amahemuhemu athi intengo kadizili nophethroli izokwenyuka ngamanilini. Loku kwenza akuthusi njengoba izakhamuzi sezilahle ithemba ngokusebenza kukahulumeni.
Imiphumela yempi yase-Iran, okungakaqondi ukuthi izophela nina, kufanele ithuse uhulumeni ukuthi asukumele lolu daba. Ukutholakala isikhathi kukadizili nophethroli ngaso sonke kubalulekile ekusebenzeni komnotho wezwe.

