‘Imali iyasetshenzwa, akunamlingo ekutheni ubenayo’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungile Dube, umphathi wamaciko, umaketha imicimbi, asize amaciko ukuthi azakhele amagama. Uke wasebenza nabaculi be-gospel okubalwa uMane Mzulwini, uSandile Khawula, uSanele D Makhanya, Abadumisi Bevangeli noZaza Mokhethi
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa imali?
Angizalelwanga ekhaya engingathi lalinakho konke. Ngangiye ngihlakule izimoba zabantu, ngisize omunye ugogo ngokumkhelela amanzi, ngimhlanzele indlu ukuze senze imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngino-16 ngoba ngaqeda umatikuletsheni ngimncane. Ngayivula e-Standard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi uma uwumuntu othanda ukubanemali, kufanele ngibenohlelo ngayo ukuze ingapheleli esandleni. Kumele ithi ifika, usuke usunohlelo lokuthi uzoyenzani. Ungacabangi ukuthi khona nje imane iqhamuke ezulwini. Imali iyasetshenzwa, akunamlingo ekutheni ubenayo.
FUNDA NALAPHA: ‘Yibawumngani wemali, ungayisabi, ungayiphapheli’
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wami wokuqala obhekile wafihla ubaba owadlula emhlabeni.
Emincane imiholo yayibheka isimo ekhaya, ngithenga isishebo noma ukuthi ngibenomfaniswano wesikole.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngalungisa ekhaya sibambisene nodadewethu, ngazithengela imoto yokugcina ngokheshi. Ngalekelela umyeni wami ngomshado omhlophe ngemihlobiso nokudla ngoba ave ngiyithanda into enhle.
Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?
Kwathi uma kuphuma izimali zasemsebenzini emuva kokuyeka, ngatshala ebhizinisini elingazange liphumelela. Ngiwumuntu othi uma ubika usizi lwakho, kubelula ukukulekelela ngemali noma kuthiwa ungubani. Abantu bagcina bekunaka lokho, baqala ukukusebenzisa lokho. Kodwa manje sengifundile, bandla.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, amabhanoyi ngiwadlale kakhulu.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ugogo wayethi: “Yana entuthwaneni vila ndini, ubuke imisebenzi yayo emihle.”
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqedela ukhokhela imoto yami engayithenga ngebhange, ngakhele izingane zami umuzi, enye ngiyitshale.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abatshale imali emsebenzini wabo. Imali ayisetshenziswa ukuphila kahle kuphela kodwa yinto yokukhulisa igama, ibhizinisi nokwakha ikusasa labo. Ukuze singabi nezigameko zokudlula emhlabeni bengenamali kanti thina besazi bebenza imali. Asifundeni ukuzicabangela bafowethu.
