Inkomba yethemba labathengi ngomnotho izobhekwa ngeso lokhozi
YINTATHELI YOMBELE
IZINGQAPHELI zomnotho zizobe zibheke izibalo ezintsha eziveza ukuthi abantu bathenga kangakanani. I-FNB/BER consumer confidence index (i-CCI) yiyona ezonakeka kakhulu kuleli sonto.
I-CCI ibheka ukuthi abathengi bayathenga yini, ngoba ngekota yesine yonyaka odlule ibiphezulu kanti kulindeleke ukuthi neyokuqala kwalo nyaka ibephezulu.
Umsebenzi wokuqoqa imininingwane ye-CCI uphele ngaphambi kokuqala kwempi yase-Iran. Le mpi izoba nomphumela omubi kubathengi njengoba bengase bangakhuthazeki ukuthenga, kwazise iBhange lomBuso ngeke lisayehlisa imalimboleko kuleli sonto.
Yize bekulindeleke ukuthi imalimboleko yehle ngoMashi ngemva kokuthi ingehlanga ngoJanuwari kodwa izinselelo ezihambisana nokunyuka kwamanani kawoyela nokuntenga kwerandi uma liqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe kusho ukuthi ngeke yehle okwamanje.
Ukube izinto zisahamba ngohlelo ngabe amandla emali aphansi. AngoFebhuwari yiwona akade ezoqinisekisa ukuthi nakanjani imalimboleko izokwehla kodwa ukunyuka kwezindleko emizini yabantu kuyaphikisana nokwehlisa imalimboleko.
IBhange lomBuso lizwakalise ukukhathazeka ngamandla emali ngenxa yokunyuka kwamanani ezimpahla ezithile.
FUNDA NALAPHA: Amehlo omhlaba asethe njo empini eseMiddle East
Ngekota yokuqala yalo nyaka ngemva kokuthi iBhange lomBuso lishintshe isikali samandla emali lawabeka ku-3%, izazi eziningi bezilindelele ukuthi ehle abewu-3,6%, esuka ku-3,7%. Kolunye uhlangothi amandla emali emizini yabantu ehle ngo-5,4% unyaka nonyaka esuka ku-5,3%.
Izibalo zangoFebhuwari zikhombise ukuthi amandla emali ehle afinyelela ku-3,0%, esuka ku-3,5% ngoJanuwari wangalo nyaka no-3,2% ngoFebhuwari wangonyaka odlule. Inyanga nenyanga amanani anyuke ngo-0,4%.
Ukunyuka kwamanani e-medical aid ngokujwayelekile amenyezelwa ngoJanuwari kodwa ngoFebhuwari wangalo nyaka ebengakaqinisekiswa wonke, kwazise ezinye izinkampani ziphuzile ukuwanyusa. Izindleko zomshwalense zenze u-8,4% wesibalo samandla emali. Loku kwenze ukuthi kule nyanga abephansi.
Kubuye kwehla namanani kaphethroli ngo-3,1% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga ngoFebhuwari. Yize sekunezinguquko kuwona ngenxa yezinguquko ezintsha. Ukudla neziphuzo ezingenatshwala zehle ngo-0,3% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga no-3,7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.
Izibalo zohwebo zehle ngo-4,5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoJanuwari, kwathi ezokudayisa izimpahla zehla ngo-3,8% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngesikhathi esifanayo.
Izibalo ezithinteke kakhulu ngezabahweba ngemikhiqizo ehlukene kawoyela lapho izibalo zokudayisa zehle ngo-17,6%, zehlisa ukukhula kohwebo ngo-4,5%.
Izibalo zokudayisa kwezimoto zinyuke ngo-3,2% unyaka nonyaka ngoJanuwari. Ukukhula kwalesi sibalo kwenziwe wukudayisa izimoto ezintsha, okukhule ngo-15,7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, nokufake u-4,0%. Ukudayisa kwezimoto ezindala kunyuke ngo-3,4% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, kwafaka u-0,7 percentage points ezibalweni zohwebo. Okungekuhle wukuthi imali engenayo uma abantu befaka okokuhlobisa imoto noma okwengeziwe ezimotweni yehle ngo-3,7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, kwehlisa izibalo zokudayisa izimoto ngo-0,7 percentage points ezibalweni zokudayisa izimoto – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

