‘Imali ayizale enye imali, kunokuthi iphume’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPhilani Charles Mthethwa. Uwusomahlaya, umphathi wohlelo emicimbini, umhleli wemicimbi, i-voice artist, umlingisi nombhali. Useke wanandisa kwi-Bar Comedy Central, i-Showmax, i-SABC 3 Funny People, i-Johannesburg International Comedy Festival ne-MTV Base’s Summer Beach Festival. Useqokwe kane kwi-Savanna Comic Choice Awards futhi usenze imicimbi yamahlaya eyimpumelelo ewu-30 bukhoma okubalwa i-Star Dust Comedy Show ne-Lifestyle of My Comedy Time
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali kodwa eyayilingana nami.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?
Ngicabanga ukuthi ngangisafunda isikole. Angisakhumbuli ngangineminyaka emingaki kodwa ngangifunda iBanga leShumi noma u-Grade 11. Ngayivula e-Absa.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ukuthi imali ibalulekile kakhulu, ngaphandle kwemali awukwazi ukwenza lutho, ngafunda nokuthi (uthando lwemali) yimpande yesono.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngapha uBaba noMa imali, ngathenga izimpahla zokugqoka, ngakhokhela ne-matric dance.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukulungisa ekhaya nokuthenga indawo yokwakha.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Maningi amaphutha esengike ngawenza kodwa ngizothi wukuthengela umngani wami amateki. Elangicika kakhulu yilelo, amanye anzima kakhulu.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, ngake ngalutheka kodwa angikaze ngilidlale. Ngacabanga nje ngoba bebeyidla imali kwiTriple M. Mhlawumbe ngasindiswa wukuthi imali ngangingenayo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyatshalwa futhi yinhle uma kuwuthi uzokwazi ukuthi uyizalise, ikwazi ukuloku ingenile, kunokuthi iphume.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingavula indawo yokudlela. Ngicabanga lokho kodwa anginaso isiqiniseko. Mhlawumbe uma isingenile, ngingagcina sengivela ohlelweni lwethelevishinii-I Blew It (ngiyadlala). Ngingavula indawo edayisa ukudla okuyibhizinisi elingakhulisa imali, i-million lincane, wakhipha uR10 000, isiphelile imali, lifana noR100 kulezinsuku esiphila kuzona (efa yinsini).
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Bafowethu tshalani imali. Imali kufanele izale enye.
