‘Sebenzisa imali ukwakha ifa langunaphakade’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSbusiso Nxumalo, odume ngoJ Sbu. Uwumsakazi e-East Coast Radio ohlelweni aluthula noStacy i-Afternoon Drive njalo ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu kusukela ngo-3 kuya ngo-6 ntambama, uwu-MC futhi uwumnikazi wenkampani yezokungcebeleka i-J Sbu Entertainment
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngisakhula ngangiphiwa imali kakhulu. Kwakufanele sineliseke ngalokho esinakho, futhi ngafunda kusenesikhathi ukuthi noma into encane ibalulekile. Ngangiyingane ethanda ukusebenza, ngakho ngangingenankinga ngokwenza imisebenzi emincane njengokuwasha izimoto zomakhelwane, ukuhlanza amagceke noma ukusika utshani ukuze ngithole imali encane ezoba sephaketheni.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi ibhange?
Kwakuyi-akhawunti yabafundi eStandard Bank, engayivula cishe ngo-2009 noma ngo-2010.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo noma owafunda mayelana nokuphatha imali?
Ekukhuleni kwethu sasingafundiswa kakhulu ngezindaba zemali. Ngicabanga ukuthi lena yinselelo enkulu emindenini eminingi yabantu abamnyama. Nasezikoleni bekungabakuhle ukuthi kufundiswe kabanzi ngokonga, ngokuhola nangokusebenzisa imali ngendlela efanele. Iningi lengakufunda ngakuthola ngokubuka umama nangokuzifundela ngendlela.
Manje sengingcono kakhulu ekuphatheni imali kunaseminyakeni emihlanu edlule. Njengoba ngikhula sengiyakuqonda ukubaluleka kokonga, ukuhlela nokusebenzisa imali ngendlea efanele.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Angisakhumbuli kahle. Kodwa ngo-2009, unyaka engaphothula ngawo umatikuletsheni, ngangiwumdayisi oyitoho eSpar eBallito ngamaholidi kaDisemba. NgoJanuwari ngahola uR1 899. Ngasebenzisa uR1 000 ukuthenga iwashi, ngathenga nokudla kwasekhaya, ngase nginika umama wami cishe uR250.
Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?
Enye yezinto ezinhle engake ngazenza ngemali kwakuwukuseka udadewethu kumemulo wakhe ngonyaka odlule. Kwakubaluleke kakhulu kimi futhi kwangikhumbuza ukuthi imali ibanenani langempela uma iletha injabulo nezinkumbulo ezinhle kwabanye abantu. Ngaphezu kwaloko, ngathenga indawo yokuhlala eqashisayo. Loku kubewukutshala imali oklubalulekile kimina ngoba ngifuna ukwakha ingcebo ezosiza nesizulukwane, ikakhulu indodana yami.
Yiliphi iphutha owake walenza elithinta imali?
Kwakuwukungaqondi kahle ngemali kusenesikhathi. Ngake ngasebenzisa imali ezintweni ngaphandle kokucabanga ngomphumela wesikhathi eside, kwesinye isikhathi ngiyisebenzisa nje ukujabulisa abangani, ikakhulu ezintweni ezinjengotshwala. Kodwa wonke amaphutha aba yizifundo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, kwake kwenzeka. Futhi ngiyavuma ukuthi angiziqhenyi ngokulahlekelwa yimali ngaleyo ndlela. Ukugembula kuyisilingo esikhulu futhi sekuphazamise izimpilo zabantu abaningi. Iqiniso ukuthi ayikho into esheshayo.
Yisiphi iseluleko esihle kakhulu owasithola ngemali?
Silula: yonga, utshale imali futhi uhlale ucabanga umndeni wakho, lapho kutholakala ingcebo yangempela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/11/hlala-unemali-oyongayo/
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungayisebenzisa kanjani?
Uma ngingawina uR1 million ngingasebenzisa uhhafu ukuthenga umhlaba bese ngiqala ukwakha ikhaya, omunye uhhafu ngiwufake ku-trust ukuze ngiqinisekise ikusasa lendodana yami. Ukuhlela kanjalo kubalulekile.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abaphile impilo esemandleni abo, bagweme izikweletu ezingenasidingo, batshale imali ezintweni ezibalulekile ngempela. Sebenzisani imali ukwakha ifa elizohlala isikhathi eside, hhayi ukuyisebenzia nje.
