Zimbili izinto ngomnotho ezibhekwe ngabomvu kuleli sonto
YINTATHELI YOMBELE
KULELI sonto zimbili izinkomba ezimqoka ezimakethe zezimali zangale kota yokuqala yonyaka ezibhekwe ngabomvu. Namhlanje sibheka i-Absa purchasing managers fund (i-PMI), inkomba yesimo somnotho sokudingeka nokudayisa kwezinto ezidayisayo, ekhombise ukusimama kancane ngoJanuwari ngemva kokuntenga ngekota yesine yangonyaka odlule.
Izibalo zeNaamsa zokudayisa kwezimoto ezintsha ne-S&P Global PMI yeNingizimu Afrika ngokuqhubeka kwesonto kuzokhombisa ukuthi izinto zihambe kanjani ngokohwebo nokudingeka kwezinto ngenyanga edlule.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/09/uhwebo-luhambe-kahle-ngodisemba-umnotho-uzosimama-kulo-nyaka-izinqapheli/
NgoLwesithathu kuzophuma izibalo ze-RMB/BER Business Confidence Index. Lezi zibalo ziyinkomba enqala yethemba noma ukungabikhona kwalo ngomnotho. Uma isimeme kuzosho ukuthi kuyasimama ukutshala imali emnothweni nokudala umsebenzi ezweni.
Ngokusho kweStatistics South Africa (iStats SA), i-annual producer price inflation (i-PPI), isikali sonyaka soshintsho ngesikhathi esithile esitholwa ngabakhiqizi bezwe ngezimpahla zabo, sezimpahla zokugcina ezikhiqiziwe sibewu-2.2% ngenyanga edlule, sisuka ku-2.9% wezinyanga ezintathu zokugcina.
Nakuba i-PPI yehlile kodwa izimpahla eziwumkhuqizo wesikhashana sinyuke ngo-10.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, okudalwe yizinsimbi eziyisisekelo nezakhiwe ngo-25.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.
Khonamanjalo, eMelika ukudayisa izimpahla zakwamanye amazwe kwehlile ngekota yesithathu elandelana. Ngemva kokunyuka ngo-38% ngekota yokuqala ngonyaka odlule, izimpahla zakwamanye amazwe ezidayisa eMelika zehle ngo-29.3%, ngo-4.4% nango-1.3% amakota elandelana. Ukwehla kokugcina akubanga kubi onyakeni, okukhomba ukuzinza kwesimo ngemva kokuqala kokusebenza kwentela ebekwe yiMelika ezimpahleni ezivela kwamanye amazwe. Imininingwane yokugcina ngomnotho izophuma mhlaka-13 ngenyanga ezayo. – Lolu lwazi lucashunwe kwiBureau for Economic Research

