Osomabhizinisi abancane abanamaloli bathi ukudunwa kwamaloli kuthwalisa amabhizinisi abo kanzima. Isithombe: Sithunyelwe

Kusinda kwehlela kosomabhizinisi abancane abanamaloli 

WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA

OSOMABHIZINISI abancane embonini yokuthutha izimpahla bathi ukwehla kokudunwa kwamaloli ngo-10.4% eGauteng akuwuphungulile umthwalo abanawo wokudonsa kanzima kwezezimali nasemqondweni. 

Izibalo zobugebengu zekota yesithathu ezikhishwe ngamaphoyisa ziveze ukuthi amacala (alolu hlobo) abikiwe abengaphansi ngawu-26 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2024. Ngekota yesithathu ngo-2024 kwabikwa amacala awu-249 okuduna amaloli eGauteng, kwathi ngekota yesithathu ngo-2025, kwabikwa awu-223. Yize sehlile lesi sibalo kodwa lesi sifundazwe yisona esisahamba phambili ngokuduna amaloli ezweni.

Ongoti bezokuphepha bathi imvamisa amaqembu ezigebengu acathamela amaloli athwele izimpahla ezingenisa imali ebonakalayo njengamalahle, ezikagesi, ukudla, uphethroli nezinto zokwakha. Yize sekungconywana kodwa izibalo zisephezulu uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.  

Abanikazi bamaloli bathi imali yomshwalense isephezulu. Izinto zezokuphepha ezifaka ubuchwepheshe bokugada lapho iloli lihamba khona, ukuphelezelwa onogada abahlomile nokuhlela ngokucophelela imigudu esetshenziswa ngamaloli yizinto zonke ezinyusa izindleko. 

I-Jubilee Freight Solution, inkampani yaseTshwane enamaloli anamafriji, ithi yize zehlile izibalo kodwa imali yomshwalense isamba eqolo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/26/osomabhizinisi-abancane-bazohlomula-ngosizo-lwentela/ 

Imenenja yomsebenzi uMnu uSizwe Ngema ithi: “Kufanele sifake amakhamera ekubeni umshwalense uwodwa uvele uyabiza. Isigameko esisodwa singabambezela ukuthutha izimpahla ngezinsuku kuphazamise izinkontileka nezitolo zokudla.” 

UNgema uthe kudingeka baqeqeshe nabashayeli ngezindlela zokubona izimpawu uma besengozini yokudunwa.

Ikhala esifanayo iMapalo Transport egxile ekuthutheni izimpahla zokwakha njengoba ibalisa ngezindleko zokufaka ubuchwepheshe be-GPS obusiza ukubona umzila iloli elihamba kuwona namakhamera. Ithi zinyuke ngokuphindaphindiwe eminyakeni emibili edlule. 

Umnikazi wenkampani uNks uDineo Mapalo uthi: “Izibalo zingakhombisa ukwehla kodwa izingozi esibhekene nazo azishintshile. Abashayeli basazigwema izindlela zasebusuku nezinye ezinobungozi obukhulu.” 

NgoDisemba iMapalo Transport yabika ukuthi kwazanywa kathathu ukuduna amaloli ayo amathathu ayethwele usimende eGermiston, eGoli. Loku kwaphoqa umshayeli ukuthi ashiye izimpahla nokwaholela ekubambezelekeni kweminye imisebenzi ngezinsuku ezintathu, okutshengisa ukuthi lobu bugebengu bunamuphi umphumela. 

Ucwaningo lutshengisa ukuthi ukuduna kungaliwisa ibhizinisi elincane kanti yisimo lesi esiwahlukumezayo nabashayeli, ikakhulu emizileni eyingozi neseduze kwezimboni.  

Ukuduna amaloli kuthathwa njengobunye bobugebengu obuseqhulwini ngenxa yomphumela okunawo emnothweni. Osomabhizinisi abakule mboni bathi yize izibalo zehla kodwa into ezobathula umthwalo wukuthi buqhubeke nokwehla. 

“Yize izibalo ziloku zehla, sisahamba phambili ezweni futhi izigameko eziningi ezenzekayo ezweni zenzeka lapha (eGauteng). Lokho akusenzi sizizwe siphephile,” kusho uNks uMapalo. Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page