Izibi azilona ihlaya kusomahlaya owenza oplastiki bomgqomo
WUTHOBILE ZWANE
UKUXAZULULA inkinga yemigwaqo engcolile emphakathini usomahlaya waseMpumalanga wafikelwa wumbono wokugcina indawo yangakubo nemigwaqo kuhlanzekile.
UMnu uTsietsi Matlakala, waseMalahleni, wasungula iMatlakala Refuse Bags yaseCorridor Hill ngo-2021. Yenza oplastiki abaqinile, abangalimazi imvelo nabanezinga eliphezulu. Ufuna ukushintsha indlela abantu abaqoqa udoti ngayo futhi adale amathuba omsebenzi emphakathini. Ibhizinisi waliqamba ngesibongo sakhe uMatlakala, esisho izibi ngesiSuthu.
“Ngabona isikhala sokuqala ibhizinisi loplastiki badoti abangalimazi imvelo futhi ngangifuna ukubayingxenye yokuletha ushintsho emphakathini. Lesi sifiso sihlangene nenhloso yokudala amathuba omsebenzi.
“Ngelinye ilanga ngangiye emcimbini othile. Ngiwusomahlaya, ngacela ithuba lokubakhombisa ikhono lami. Ngenza ihlaya ngesibongo sami, abantu bafa wukuhleka. Ngangifuna abantu bazi ukuthi oplastiki bethu baqinile futhi bangabathemba ngoba benziwe ngokucophelela,” kusho ,” kusho le nsizwa eneminyaka ewu-40.
UMatlakala uthi umsebenzi uwufunde ngokuthola nokucijwa ezinhlelweni ezihlukene zezikhungo zikahulumeni nezizimele. Amanani oplastiki beMatlakala Refuse Bags baqala kuR28 kuya kuR150.

Oplastiki beMatlakala Refuse Bags badle ngokuqina
UMatlakala uthi uqala ibhizinisi bekungelula. Kwezinye izinselelo abhekane nazo ubala ukuxhaswa okungenele, ukuhlela izinto nomsebenzi onzima wokuqala ibhizinisi kusukela ekuqaleni. Nokho kuzo zonke izinselelo, iMatlakala Refuse Bags isiqashe izisebenzi eziyishumi ngokuphelele.
Uthi into ayithokozela ngokubanebhizinisi yithuba lokulekelela umphakathi ngendlela enhle, ikakhulu ngemikhankaso yokuhlanza nangezinhlelo zemfundo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/26/wabona-imali-ekungcoleni-ohlanza-imigqomo/
UMatlakala uthi ibhizinisi lidinga ubambelele kwizifiso zakho futhi uzimisele bese ungabanjwa yizinto oshoda ngazo. “Landela izifiso zakho ngokuzimisela. Qala ngonako. Ungalilahli ithemba,” kucebisa yena.
Unezinhlelo ezinkulu ngekusasa leMatlakala Refuse Bags. Ufisa ibeyinkampani yoplastiki badoti evelele e-Afrika, igcine imigwaqo ihlanzekile, idale imisebenzi nethemba noma lapho befika khona.
Facebook: Matlakala Recycle Material
Instagram: @tsietsi.matlakala

