Ungqongqoshe womNyango wezoLimo nokuSimamisa iziNdawo zaseMakhaya uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uthi umfundisi uzolindwa ngeculo ingakafiki imijovo elindiwe. Isithombe: Sithunyelwe

Ukhona ‘umathithibala’ wamatele – ungqongqoshe wezolimo eKZN

YINTATHELI YOMBELE

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo nokuSimamisa iziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natali uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa uzonika abafuyi imithi yokuthithibalisa amatele ngesikhathi kusalindwe imijovo.

UKaMadlopha-Mthethwa usho kanje emva kokuthola ukuthi imijovo evela eBotswana yokugomela amatele ibambezelekile ngeke isafika ngenyanga ezayo njengoba bekulindelekile kodwa isizofika ngoMashi. 

“Abafuyi bakhathazekile ngenxa yamatele. Lesi sifo siqale ukubayinkinga ngo-2021 njengoba sinokuvele siqubuke eMpumalanga, eGauteng, eLimpopo, eNorth West, eFree State nalapha KwaZulu-Natali. 

“Abafuyi bayashayeka ngenxa yaso. Ngonyaka odlule sisibone sisabalala ezifundeni ezihlukene KwaZulu-Natali. Sinezinhlelo zokusilwisa kodwa sithembe imijovo kakhulu,” kusho yena. 

Uthe abafuyi kufanele basukume uma izinkomo zabo zivuza amathe kakhulu, zinezilonda emlonyeni, olimini, ezindevini nasezinselweni. Lezi zimpawu uthi zidala ukuthi imfuyo ihluleke ukudla noma ukuhamba kahle, okuholela ekuguleni nasekwehleni kwamandla kodwa ziyalapheka ngemojovo efanele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/20/sekunohlelo-lokuqeda-amatele-oluzosebenza-kule-minyaka-eyishumi/

“Le migomo obekulindeleke ukuthi iqale ukufika ngasekuqaleni kwangoMashi. Izohlinzekwa ngezigaba ezihlukene, okuzokwenza sikwazi ukujova izinkomo eziphakathi kwango-80% no-90% esifundazweni sonke kuhlanganisa nezinkomo zabafuyi basemakhaya eziwu-2.8 million

“Le migomo izosiza kakhulu abafuyi abazimele abanezinkomo zobisi nabenza imikhiqizo yalo,” kusho uNkk uKaMadlopha-Mthethwa.

Uthe ngesikhathi besalinde imigomo bazoqhubeka nezinhlelo zokunqanda ukubhebhetheka kwamatele, abale kuzo ukufutha amagciwane emapulazini.

“Sikhuthaza abafuyi ukuthi balandele imigomo yokuvikela izifo ngokugqugquzela inhlanzeko. Lapha sibala ukufutha izicathulo zabantu abasebenza ngemfuyo, amasondo ezimoto nezinye izindawo zokungena emaplazini. Asifuni kuphazamiseke ukuhweba ngemfuyo futhi sizonika izinkomo eminye imithi yokuthithibalisa lesi sifo,” kusho yena.

Uthe ufuna amatele athathwe njengenhlekelele eKZN ukuze uhulumeni usebenzisane nezinhlaka zokuphepha ukuqinisekisa ukuthi kunezivimbamgwaqo ezilawula ukuhamba kwemfuyo, kwande nezinhlelo zokufundisa abafuyi nomphakathi ngalesi sifo.

Uphethe ngokuthi izinhlelo zokugoma imfuyo uzozimemezela maduze ngoba zizokwenzeka ngezigaba ezihlukene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page