UMnu uThabo Dithakgwe, umnikazi weNasi Ditha Farming, ipulazi lezinkomo zohlobo eliseVryburg, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Owasiselwa wuyise inkomo usewumfuyi ophumelelayo 

WUTHOBILE ZWANE

NGESIKHATHI uyise emupha isipho sesithokazi esasimithi eneminyaka ewu-13, umfuyi wezinkomo waseNorth West wayengazi ukuthi sekuwukuqala kwempilo yakhe yokufuya. 

UMnu uThabo Dithakgwe, waseVryburg, uthi cishe wonke umndeni wakhe ungabafuyi nabalimi ngoba kusukela kuyisemkhulu, uyise nobabekazi bakhe, akekho ongafuyile. 

“Ngesikhathi isithokazi sizala inkabi, ngayinakekela yathi isikhulile ngayidayisela omunye umfuyi endaweni. Imali engayithola lapho yangisiza ukuthenga izinkomo ngasengiqala iNasi Ditha Farming kanjalo. Le nkampani ibhaliswe ngokusemthethweni ngo-2014,” kusho lo mfuyi oneminyaka ewu-24. 

Lo mlimi uthi uwumuntu othanda izilwane ngoba ngaphambi kokuphiwa inkomo wuyise wayefuye izinja namakati. Lolu thando lwamenza wenza izifundo zolimo i-Diploma in Mixed Farming ePotchefstroom College of Agriculture. Emva kwaloko waqeqeshelwa umsebenzi eSernick Group, egxile kwi-animal production.

Imfuyo kaDithakgwe isepulazini lakhe elingamahektha awu-790, inama-Bonsmara nezinkomo ezixubile ezingaphezu kwango-300, izimbuzi ama-Boerbok nezimbuzi zomdabu eziwu-50, iziklabhu zohlobo i-Van Rooy ne-Dorper azidayisela abafuyi nabantu basePomfref naseMorokweng, eNorth West.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/09/umfuyi-waseningizimu-afrika-uphethe-ipulazi-elikhulu-econgo/ 

Uthi abazali bakhe bobabili bawothisha futhi bafuyile. Bamseke kakhulu ukufundela ukufuya. Uthando lwale mboni lukhulile ebona umndeni wakhe ubuyiselwa umhlaba ngaphansi kweBarolong Boo Maiketso Communal Property Association, wathola ipulazi nomphakathi iConstable Farm.

Ezinye zezinkomo zeNasi Ditha Farming

“Umndeni wami ungeseke kakhulu kwengikwenzayo. Ngakhulela emndenini wabafuyi. Ngisho obabekazi, omalume nobabomncane, ugogo nomkhulu kade baqala ukufuya. Ngangivame ukuvakashela ipulazi likagogo nomkhulu ngisakhula. Bebengiluleka ngolwazi abanalo,” kusho yena.

Ngaphezu kokululekwa kubo, uDithakgwe usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhangisa umsebenzi wakhe nokuxhumana nabantu.

Njengabanye abafuyi, ubalule izinselelo zezimali njengoba ethi akulula ukuthola usizo ezikhungweni ezibolekisa ngemali. 

“Ukufuya akulula ngoba kunezinsiza ezidinga ukuthi ubenemali ukuze uzithole. Abazali bami bebengisiza ngemali ukuze ibhizinisi lami liqhubeke. Ngisebenzisa nezinkundla zokuxhumana ukukhangisa imfuyo yami. Yizona izinkundla zokuxhumana ezingivuele ithuba lokubonana nomengameli wezwe uCyril Ramaphosa,” kusho yena

UDithakgwe ethole ingqayizivele yethuba lokuhlangana nomengameli wezwe

Yize ewumlimi osemncane kodwa usekwazile ukudala amathuba emisebenzi yabantu abasebenza ngokugcwele eyisithupha, okukhona kubo nezingane zakwabo ekade zingasebenzi ngaphambi kokuthi abenepulazi. 

Ukubona ukwanda komhlambi wakhe, ukuzakhela umnotho esemncane nokukhuthaza abantu abasha ukuthi bangene embonini yezolimo kumenza athakase. 

“Qala ngalokho onakho futhi ungalindi ukuthi konke kuphelele. Yibanesineke, ungashintshi futhi uzimisele ukufunda. Ukufuya nebhizinisi ngokujwayelekile kudinga iziyalo, ukuqina, nokuthi ubenezinhlelo zesikhathi eside ezizokusiza ukukhula,” kucebisa yena.

Unesifiso sokukhulisa ibhizinisi nokuqasha izisebenzi ezingaphezu kweziwu-1 000 ngakubo.  Uthi ukufuya kunezigaba ezihlukene futhi ufisa ukukhula abe namadela azodayisela amabhusha inyama. 

Facebook: Nasi Ditha Farming, Wildlife & Projects

X: @ThaboDithakgwe 

Instagram: @thabodithakgwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page