I-Discovery Bank ihlawuliswe uR3 million ngokungasukumeli okusolisayo kuma-akhawunti ayo
YINTATHELI YOMBELE
UPHIKO oluqapha ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange lomBuso iPrudential Authority (iPA) luhlawulise iDiscovery Bank uR3 million ngokungalandeli imithetho ye-Financial Intelligence Centre Act isigaba 38 sango-2001 (se-FIC Act).
I-PA ithole ukuthi ngo-2021 iDiscovery Bank ayizange ilandele isigaba 29 nesigaba 42 se-FIC Act nomgomo 24 (3) we-FIC Act, oyiyalela ukuthi ibike uma kunokuhamba kwemali okungaqondakali.
Inhlawulo ikhishwe kule nyanga kanti iwuR3m kanti kuyona kukhona uR1m ulengisiwe izinyanga eziwu-36 kusukela ngomhlaka-9 wangoJulayi walo nyaka.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/29/i-absa-ihlawuliswe-ur10-million-ngokuphula-umthetho/
Iyalelwe ukuthi ingalahlwa yicala elifanayo bese ikhipha inhlawulo ewu-R1m, kuwona okukhona uR500 000 olengiswe izinyanga eziwu-36.
Kutholakale ukuthi iDiscovery Bank ayisilandela isigaba 43 seFIC Act ngokungaqeqeshi izisebenzi zayo ngohlelo i-Risk Management and Compliance Programme (i-RMCP) njengoba ingazange iqeqeshe izisebenze zayo eziwu-84 kweziwu-155 ezintsha emva kwezinsuku eziwu-30 ziqashiwe.
Izisebenzi eziwu-47 kweziwu-109 azizange zicijwe ngokubika ukusebenza kwemali okusolisayo. Ezimbili kweziyisithupha ezisezikhundleni zokuphatha azizange zicijwe emva kwezinsuku eziwu-30 ziqalile. Nangala macala iDiscovery Bank ihlawulise uR1m.
I-PA ibuye yathola ukuthi ngo-2019 iDiscovery Bank yahluleka wukulandela umyalelo wesihlanu we-FIC Act ngokungabiki okusolisayo emva kokuthi uhlelo lwayo luyitshele ukuthi kukhona izimali ezihamba ngendlela esolisayo eziwu-2 281, ayizange ikubheke loku kungakapheli amahora awu-48 abekiwe. Nalapha iPA iyihlawulise uR1m yalengisa uR500 000 izinyanga eziwu-36. I-Discovery Bank kuthiwa yahluleka nokulandela isigaba 42 seFIC Act njengoba ingabuvezanga ubufakazi bokuthi yazilandela kanjani izixwayiso zokuthi kukhona okungalungile okwenzeka kuma-akhawunti njengoba iyalelwa ngaphansi kweRMCP.
I-PA idonse ngendlebe iDiscovery Bank ukuthi ingawaphindi lama cala kanti leli bhange lithembise ukuthi lizozilandela izincomo zePA futhi lilungise okuyiholele kulesi simo.

