Iphini likangqongqoshe womNyango wezokuThutha uMnu uMkhuleko Hlengwa lithi bazosilungisa isimo seRoad Accident Fund elahlekelwa yimali minyaka yonke. Isithombe: Sithunyelwe

Ishoda ngoR2.3 billion iRoad Accident Fund 

WUBONISWA MOHALE 

IYAQHUBEKA nokulahleka imali esikhwameni esinxephezela abantu balimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF) njengoba umbiko womcwaningimabhuku-jikelele uveze ukuthi sishoda ngoR2.3 billion, okusho ukuthi imali ekhona nezimpahla zaso ayilingani nemali edingeka ukwenza umsebenzi.

Le mali inyukile isuka kuR1.6 bn eyayikuwona ngonyaka wezimali wango-2023/24. 

UMnu uSiphesihle Mlangeni ophethe ucwaningo lweRAF eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele uthe inkinga enkulu wukuthi izincomo zabo zonyaka wezimali wango-2023/24 azilalelwanga zonke ngemva kokuthi ngonyaka wezimali wango-2024/25 abenza umbiko bathi kusasetshenziswa uhlelo oludala lokuphatha izimali. 

“I-RAF iyaqhubeka nokulahlekelwa yimali ngenxa yokuthi isebenzisa uhlelo lwayo oluhlukile lokuphatha izimali esasishilo ukuthi ayiluyeke. Sayicela ukuthi isebenzise lolo oluphasisiwe futhi olugunyaziwe ezinkampanini eziphatha imali kahulumeni. Imali emoseke ngenxa yokungalandeli imithetho iwuR459 million, osuka kuR435m owawumoswe ngonyaka odlule. Emosiwe iwuR6.4m ngenxa yokukhokha imali eyeqile nokunganaki nokubaphindaphinda,” kusho yena.

I-RAF ibuye yalahlekelwa wuR35.6m ngenxa yokufaka imali yokungaqinisekisi imininingwane yasebhange yomuntu okufanele anxeshezelwe, imali yangena kwi-akhawunti engafanele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/10/kumiswe-izikhulu-zeroad-accident-fund-emsebenzini-kuphenywa/

Ukhale nangokuthi iRAF ithi ifuna ukusebenzisa ubuchwepheshe ukunxephezela abantu kodwa omunye umsebenzi usabhalwa phansi ephepheni ngepeni. Imali yamacala afakwe enkantolo iRAF engazange iyowaphendula isiwuR3.99bn, isuka kuR1.64bn. Izisebenzi ezimisiwe emsebenzini seziholelwe uR21.1m UMlangeni uthe ezinye zazo zamiswa ngo-2021 kanti akucaci ukuthi kwenzekani ngazo. 

Uthe ngonyaka odlule babecele ukuthi kugcwaliswe izikhala zomsebenzi ezibalulekile, abale kuzona ese-chief claims officer, ese-chief corporate officer nesenhloko yezomthetho kodwa namanje lezi zikhala azigcwalisiwe, okusho ukuthi kunqinda ukusebenza kwalesi sikhwama.

Uveze ukuthi kusenenkinga ekuvaleni izicelo zokunxephezela ezineminyaka emithathu ngenxa yokuthi kusuke kushoda imininingwane ethile. Abameli babuye bangayimukeli imali enikwa amakhasimende abo asuke edinga ukunxeshezelwa yiRAF bese izicelo zingaphothulwa kungakapheli izinsuku eziwu-120.

Ucele iKomiti lezokuThutha ePhalamende ukuthi liqinisekise ukuthi siyashintsha isimo eRAF ngoba bakhathazekile ngokuthi ayinayo imali eyanele yokwenza umsebenzi nokuwuphatha.

Iphini likangqongqoshe womNyango wezokuThutha uMnu uMkhuleko Hlengwa lithe bazosilungisa isimo futhi bazoqala ngokuqinisekisa ukuthi kunebhodi eqokwe ngokuphelele ukuqinisekisa ukuthi iRAF isebenza kahle.

Usihlalo webhodi yeRAF osabambile uMnu uKenneth Brown uthe bayawamukela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele futhi bazokwenza konke okusemandleni ukulungisa isimo yize besabambile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page