Amagatsha aseStandard Bank asezogxila ekusizeni amakhasimende ngezinye izindlela njengoba encipha asezomukela imali. Izithombe: Zithunyelwe

I-Standard Bank yandisa amagatsha angasebenzi ngemali 

YINTATHELI YOMBELE 

UKWANDA kobuchwepheshe kusho ukushintsha kwendlela abantu abenza izinto ngayo. Loku sekubonakala nasemabhange njengoba iStandard Bank izoshintsha ukusebenza kwamagatsha ayo awu-4 100 nemishini yokukhipha imali. 

Amanye ala magatsha ngeke aseyamukela imali kodwa amanye asazoqhubeka nokusebenza ngemali ukwenzela amakhasimende. 

Amagatsha angeke ayamukele imali asezogxila kweminye imisebenzi, okubalwa ukululeka abantu ngezimali, ukubasiza ukusebenzisa ubuchwepheshe ukwenza izinto ebhange nokusiza ngezinye izinsiza ezidinga ubuchule bezisebenzi zasebhange. Azobasiza ukufaka izicelo zokuboleka imali, ukuthumela imali, ukuvula ama-akhawunti nokuphatha i-akhawunti. 

Inhloko yePersonal and Private Banking eStandard Bank uMnu uKabelo Makeke ithi loku kungenxa yokuthi abantu abasafaki noma bakhiphe kakhulu imali emagatsheni aleli bhange.

“Yehlile imali efakwa emabhange kwezinye izindawo. Loku kwenze ukuthi sibuyekeze indlela amagatsha ethu asebenza ngayo. Amagatsha azogxila ekuthatheni nasekukhiphe imali asezobambalwa njengoba sifuna ukuphucula indlela yokusebenza nokuphatha amakhasimende,” kusho yena. 

UMnu uMakeke uthi sebezogxila ekuphuculeni impatho

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/08/ubuchwepheshe-bokukhokha-obuzofukula-amabhizinisi-amancane/ 

Amazwi akhe ananenelwe yinhloko yeCoverage Business Banking eStandard Bank uMnu u-Oscar Siziba othe bafuna ukugxila kakhulu ezidingweni zamakhasimende abo, ikakhulu lawo angosomabhizinisi, kwazise yiwona asuke edinga imali kakhulu kuya ngohlobo lwebhizinisi alwenzayo. 

“Sibone ukuthi kunamakhasimende ethu asebenzisa imali nsuku zonke ngenxa yomsebenzi wawo. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi ayayithola imali ngendlela esheshayo emagatsheni ethu athile, kuma-ATM nakwezinye izindawo ezibanemali,” kusho yena.

USiziba uthe ngaphandle kokuthola imali emagatsheni nakuma-ATM, amakhasimende abo awosomabhizinisi nalawo adinga imali ayakwazi ukuyithola ngezinye izindlela okubalwa emishinini emincane yemali eyaziwa ngokuthi yi-cashsecure devices, enhanced cash systems nasezimotweni ezithutha imali.

UMakeke uthe sekunama-ATM anobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu asemagatsheni aseStandard Bank, acindezelwa kwi-screen futhi aheha abantu abaningi ngisho nabangewona amakhasimende aleli bhange. 

“Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi abantu bakwazi ukuzenzela izinto eziningi. Baningi abakhetha ukusebenzisa ama-ATM ukwenza izidingo zabo. Sesilethe ubuchwepheshe obusiza abantu futhi obakhelwe izidingo zangomuso,” kuqhuba yena. 

Uthe ama-ATM akhipha imali ngokushesha njengoba esuka eseqedile emva kwamasekhondi awu-45 umuntu efake ikhadi. Imishini emisha yokukhipha imali inama-sceen amakhulu enza kubelula ukuyisebenzisa futhi kubesengathi umuntu usebenzisa i-banking app yaseStandard Bank

Uthi ukuphepha kwamakhasimende kuqinisekisiwe njengoba le mishini iwavikela ekuqolweni. 
“Sisebenze kakhulu ukuqinisekisa ukuthi amakhasimende ethu asebenzisa le mishini ngaphandle kokuphazamiseka ngoba ama-ATM amasha anezokuphepha ezisezingeni eliphezulu. Siletha ubuchule obenza ukusebenzisa izinsiza zebhange zibelula, ziphephe futhi zikwazi ukusetshenzisWa yinoma wubani,” kuphetha uMakeke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page