Izimayini ngenye yezimboni ezibenesandla ekukhuleni komnotho ngekota yesibili. Isithombe: Sithunyelwe

Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili – iStatistics SA

YINTATHELI YOMBELE

UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili yango-2025. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi izimboni ezibe nesandla esikhulu kulokhu ngezokukhiqiza, izimayini nezohwebo kanti nabathengi balekelelile njengoba inyukile kancane indlela abathenge ngayo. 

I-Statistics South Africa (iStats SA) ithe: “Emva kokwehla amakota amabili elandelana, ezokukhiqiza nezimayini zisebenze kahle. Ezokukhiqiza zikhuphuke ngo-1.8% zisizwa kakhulu yimboni yezimoto, eyamafutha ezimoto, amakhemikhali, irabha noplastiki. Izimayini zinyuke ngo-3.7%, okuyikona kukhula okuhle kakhulu kusukela ngekota yokuqala yango-2021. Okumbiwayo okusize kakhulu yi-platinum, igolide ne-chromium ore.”

Ezohwebo, ukudla nezindawo zokuhlala zikhuphuke ngo-1.7%, okuyiyona ndlela enhle okukhuphuke ngayo kusukela ngekota yokuqala yango-2022. Ezolimo ziqhubekile nokwenza kahle njengoba zinyuke okwesithathu amakota elandelana. Kule kota zikhuphuke ngo-2.5% emva kokunyuka ngo-18.6% ngekota yokuqala. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/20/izibalo-ngemindeni-elimayo-ezweni-zikhombisa-ukwanda-kwegebe-phakathi-kwezinhlanga-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

“Ezokwakha, ezokuthutha, ukugcina izimpahla nezokuxhumana zidumazile ngekota yesibili. Ezokwakha zehle okwesithathu amakota elandelana, okubangelwe wumnotho ongahambi kahle mayelana nezakhiwo ezihlala abantu nalezo okungezona ezokuhlala abantu. Wandile umsebenzi wokwakha kodwa ubungenele ukufukula izinto embonini,” kuchaza iStats SA. 

Inhloko ye-South Africa Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe indlela umnotho okhule ngayo ingconywana kunobekulindelekile, nokunciphisa ingozi yokungakhuli kahle komnotho ngo-2025 yize kungasho ukuthi sekuphelile nya ngokukhathazeka ngokungakhuli komnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page