OwaseNtshonalanga Kapa uhlabane ngoR200 000 kwi-Kasi SME Summit
WUTHOBILE ZWANE
IBHIZINISI lokuthutha izimpahla ngamabhayisikili KwaLanga, eNtsholanga Kapa, iCloudy Deliveries liwine umklomelo owuR200 000 obuyingxenye kaR500 000 obubangwa wosomabhizinisi kwiKasi SME Summit yalo nyaka.
Isigaba samanqamu salo mncintiswano oxhaswe yiStandard Bank besiseThe Station, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoLwesithathu, lapho osomabhizinisi bekufanele bachazele amajaji ukuthi kungani befanele ukunqoba kulo mcintiswano.
Amabhizinisi asemalokishini aseNingizimu Afrika awu-18 avela kuzo zonke izifundazwe ebeyingxenye yeKasi SME National Pitch Challenge.
Indikimba yeKasi SME National Pitch Challenge kulo nyaka ibithi “Future-proofing Kasi Businesses: From Survival to Sustainable Success”, okusho ukuvikela amabhizinisi aselokishini ukuze abenempumelelo ebonakalayo.
Umnikazi weCloudy Deliveries uMnu uColin Mkosi uthe ujabule kakhulu ngokuwina lo mncintiswano ngoba uzomsiza ukufeze isifiso sakhe sokukhulisa ibhizinisi.
“Ibhizinisi lami manje selinikwe ithuba lokuthi ngilisimamise, into osekunesikhathi ngiyifisa. Ngifuna ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje futhi ngandise amabhayisikili njengoba lawa esinawo sesiwasebenzise iminyaka eminingi. Sifisa ukuzama nokuthi sithule lo msebenzi wethu kweminye imiphakathi,” kusho yena.
I-Cloudy Deliveries ithutha izinto esitolo, ezinjengegrosa namaphilisi, ihambisele abantu emakhaya.
Uthe umqondo webhizinisi wamfikela ezihlalele kubo ngenkathi enza izifundo zokubawummeli ngoba ayefuna okuthile esitolo. “Ngabona ukuthi kungabawumqondo omuhle ukuthi ngikwazi ukubiza umuntu endlini ozoya esitolo nohlu lwezinto engizidingayo, azithenge ehamba ngebhayisikili,” kukhumbula yena.
Uthi njengoba ibhizinisi liqhubeka ubonile ukuthi lisiza kanjani emphakathini nokuvula amathuba omsebenzi entsheni yangakubo. Manje linezisebenzi eziwu-23 zabafana.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/14/osomabhizini-baselokishini-bazobanga-ur500-000-kwistandard-bank-kasi-sme-pitch-challenge/
Inhloko ye-Enterprise and Supplier Development eStandard Bank Business and Commercial Banking UNks uNaledzani Mosomane ithe njengokujwayelekile leli bhange lihlose ukufukula amabhizinisi amancane.
“Eminyakeni emibili edlule lo mncintiswano besiwenza eGauteng kodwa ngenxa yezinhlelo eziningi esiziqhubayo, sinqume ukuya kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika ukuthola osomabhizinisi elokishini.
“Amabhizinisi amancane asemnothweni waselokishini anempilo futhi ayayishintsha impilo yabantu kanti enza umehluko omkhulu emnothweni,” kusho yena.
Uqhube wathi ngaphandle kokuthi lo mncintiswano unika osomabhizinisi abancane imali yokuqhuba ibhizinisi ubasizangokuthuthisa amakhono ezobuchwepheshe nabangenamakhono azobasiza ukuphatha nokukhangisa ibhizinisi.
“Ngalolu hlelo sigxile emabhizinisini abantu abamnyama ngoba bangabasunguli futhi kubalulekile ukuthi sibanike amathuba ukuze baphumelele,” kusho yena
Inhloko ye-Coverage for Business Banking eStandard Bank uMnu u-Oscar Siziba ithe umnotho waselokishini awumncane, uyaphila, uyasebenza futhi uyakhula.
Uthe amaspaza, abadayisi basemgwaqweni, omakhenikha, izindawo zokucwala izinwele akuwona amabhizinisi nje kodwa ayimpilo yemiphakathini yakithi.
Uthi ondla imindeni, afundise izingane, abuyise isithunzi ngokusebenza kanzima, adale amathuba emisebenzi, akhe ikusasa futhi afaka izigidigidi emnothweni wezwe. Ngesinye isikhathi awabalwa ngoba kuthiwa awasebenzi njengamabhizinisi abhalisiwe.
“Silapha siyiStandard Bank asizile ukuzokhuluma ngamabhizinisi kuphela kodwa sizosebenzisana nosomabhizinisi, sihambe nabo sivule iminyango. Osomabhizinisi badinga okungaphezu kosizo, badinga ukufinyelela emakethe, ulwazi, ithuba lokukhangisa, ukwabelana ukuze benze umehluko. Sakha inkundla efana nalena ukuze sibambisane,” kusho yena.
Uhlu lwabawinile:
• Ephume phambili, yawina uR200 000 yiCloudy Deliveries yaseNtshonalanga Kapa kaMnu uColin Mkosi;
• Ephume isibili, yawina uR100 000 wu-Uku’Hamba yaseGauteng kaNksz uSibongile Mongadi;
• Ephume isithathu, yawina uR80 000 yiKeiskamma Hygiene Services and Projects yaseNtshonalanga Kapa kaNks uLusapho Njine;
• Ephume isine, yawina uR70 000 yi-Ariel Robotics yaseKZN kaMnu uLandile Mabele;
• Ephume isihlanu, wathola uR50 000 yiSky Drop yaseKZN kaNksz uNomcebo Nzimakwe.
Bonke abawine ezifundazweni abawu-18 bathole imishini yokukhokhisa iSimplyBLU Merchant Solutions.