Ufuye izinkomo ezingaguli njalo umfuyi owayebelwa imfuyo
WUMOGY MOKGADI MASHAKO
UKUFAKA isicelo sokusebenzisa ipulazi likahulumeni eLimpopo kwasiza umlimi wesifazane ukuthi abalekele amasela emfuyo ayemntshontshela njalo.
UNksz uMulalo Munyamela, umsunguli weMulalo Farms Fresh Produce yaseThabazimbi, uthi waqala ukulima ngo-2018 eMakhado, khona eLimpopo, lapho ayeqashe emapulazini amathathu. Inhloso enkulu yale ntokazi eyayiyi-information science consultant broker nompheki kwakuwukuthola ukudla azokupheka njengoba yayinenkampani ephekela imicimbi emikhulu. Uthi wayengafuni ukuncika kwezinye izinkampani ukuze athole amaveji nenyama.
Ngaleso sikhathi wayenalo lonke uhlobo lwezinkomo, okubalwa ezamaNguni, ama-Bonsmara nama-Boran.
“Ukufuya ezindaweni zasemakhaya akulula, ikakhulu uma umphakathi useduze nepulazi. Benginenkinga yokuntshontshelwa imfuyo kuwo womathathu amapulazi. Loku akuzange kunginike umqondo wokuyeka kodwa uthando lwale mboni lwangenza ngaqhubeka nokusebenza,” kusho yena.
Epulazini lakhe kutshalwa amaveji, ubhekilanga nombila. Ufuye izinkomo, izimbuzi, izinkukhu zenyama nezamaqanda. Izitshalo uyazitshintsha ngenkathi yonyaka nangesimo somhlabathi.
Unezisebenzi eziyisithupha eziqashwe ngokuphelele neziwu-18 ezifika ngesikhathi sokutshala nesokuvuna.
Wafaka isicelo sokusebenzisa ipulazi likahulumeni ngo-2022 wase esusa izinkomo zakhe eMakhado ezisa eThabazimbi epulazini elisha. Uyaqhubeka nokutshala amaveji, umbila nokudla kwezinkomo eMakhado.
Ngo-2023 uwine umklomelo i-National Female Farmer of the Year emcimbini obuwenziwe wumNyango wezoLimo.
Ngonyaka odlule uwine owe-Waterberg District Female Farmer of the Year obuwenziwe wumNyango wezoLimo eLimpopo.
“Imiklomelo engiyitholayo ngifuna igqugquzela abalimi besifazane ukuthi babone ukuthi kuyenzeka ngoba ngingumuntu wokuqala ukulima ekhaya, bengingashiyelwanga ifa. Kuyenzeka uma uzinikele, unesineke ngoba ukulima kudinga isineke,” kusho uNksz uMunyamela.
Ulinde itayitela lepulazi elinye njengoba efuna ukukhulisa ibhizinisi nokufukula umnotho wasemakhaya.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/umfuyi-osemncane-uthuthukisa-intsha-ngamakhono/
Uthi ukubanepulazi kuyamsiza ngoba ayisekho imali edliwa yirenti kodwa uzokwazi ukuthenga izinsiza zikagesi welanga, ozomsiza ukumba amanzi okuchelela futhi abenendawo izinkomo ezizodlela kuyona ukuze zikhuluphale.
“Epulazini elisha ngizokwazi ukwandisa izitshalo ngenze nendawo izinkomo ezizodlela kuyona. Uma konke kuhamba kahle ngizokwazi ukuthenga elinye ipulazi lapho ngizokwazi ukutshala nokufuya. Yisona isifiso sami.”
Ipulazi alitholile lizomfaka esigabeni sabalimi abakhulu. Ipulazi lakhe lingamahektha awu-1 355, kuwona awu-855 awemfuyo bese awu-500 kube awokukhiqiza izitshalo.
Imfuyo yakhe inezinsikazi eziwu-129, amathole angakazali awu-40 nezinkunzi zama-Bonsmara ezine.
Uthi njengoba aqala enezinhlobo ezihlukene zezinkomo wafunda ukuthi uma efuna ukukhula njengomfuyi kufanele agxile ohlotsheni olulodwa lwezinkomo. “Ngazidayisa zonke izinkomo zamaNguni nezama-Boran ukuze ngigxile kuma-Bonsmara ngoba awuhlobo olungaguli kakhulu futhi anemakethe ekhethekile,” kusho yena.
Ubalule ukuthi ama-Bonsmara ayabiza ngenxa yokwakheka kwawo futhi izinkunzi zakhona zinezisisindo esiwu-900kg bese izinkomazi zibenesisindo esiwu-495kg.
Indlela lezi zinkomo ezikhetheke ngakhona uthi ngo-2023, inkunzi ye-Bonsmara yadayisa ngoR4.4 million e-Up George Production Auction, ebaseWasbank, KwaZulu-Natali.
“I-Bonsmara Association inendlela yayo yokubheka ukwakheka kwezinkomo. Uma uthenga izinkomo kuyona, uthola yonke imininingwane yazo kusukela zizalwa, ziyabhalwa ukuthi isisindo sazo sasithini, zineminyaka emingaki nokuthi isisindo sazo uma zikhula sithini. Imali ama-Bonsmara adayisa ngayo ihambisana nemininingwane yokukhula kwawo.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa kwiVutivi Business News

