Amabhanoyi eFlySAfair asendizela emajukujukwini ngemva kokuphela kwesiteleka sabashayeli bawo akade befuna amaholo angcono. Isithombe: Sithunyelwe

Abashayeli bamabhanoyi eFlySA babuyele emsebenzini

YINTATHELI YOMBELE

SIPHELILE isiteleka sabashayeli bamabhanoyi eFlySafair ebesesidonse izinsuku eziwu-12, njengoba bebefuna ukunyuselwa amaholo nesikhathi sokuphumula esanele. 

Lesi siteleka siholele ekutheni kushode amabhanoyi andizayo, kwaphoqa ukuthi abanye abagibeli babuyiselwe imali yabo noma banikwe ezinye izinsuku abazondiza ngazo.

Izolo okhulumela inyunyana yabashayeli bamabhanoyi iSolidarity uMnu uHelgard Cronje ukuqinisekisile ukuthi siphelile isiteleka. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/22/andizela-phansi-amabhanoyi-eflysafair-kuteleka-abashayeli/

“Siphelile isiteleka sabashayeli bamabhanoyi eFlySAfair. Bekungelula ngoba abazitholanga zonke izimfuno zabo kodwa okuhle wukuthi bazosithola isikhathi sokuphumula. Sisayine isivumelwano seminyaka emithathu sisizwa yiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration. Amaholo azonyuka ngo-6% ngonyaka wokuqala, aye ku-6,8% ngowesibili bese ebaku-6,9% ngonyaka wesithathu,” kusho yena. 

Uthe indaba yokusebenza undendende iphelile ngoba abashayeli bamabhanoyi bazondiza amahora awu-60 ngesonto, banikwe izinsuku eziwu-10 ngenyanga. Uma befisa ukushintsha izikhathi zokungena bayakwazi ukuhlela loko. 

Bazonikwa nomhlomulo owu-15% womholo wabo wenyanga futhi bazovumeleka ukuthi badayise izinsuku zabo zekhefu ezinhlanu. 

Njengoba sesiphelile isiteleka iFlySAfair ithe amabhanoyi asendiza njengokujwayelekile futhi akukho lapho engeke aye khona ngoba sebebuyile abashayeli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page