UMnu uSivuyise Sotshongaye usungule iSotsho Treated Timbers yaseFlagstaaf, eMpumalanga Kapa, edayisa izingodo zokwakha. Isithombe: Sithunyelwe

Uvuse ibhizinisi lezingodo lakubo ukufukula intsha yendawo

YINTATHELI YOMBELE

EZWENI lapho intsha iswele imisebenzi, insizwa yaseMpumalanga Kapa eyakhula ibuka uyise esebenza ebhizinisini lezingodo iyisibonelo esihle sokuhamba ezinyathelweni zikayise ukuqhuba ibhizinisi lomndeni. 

Umnikazi weSotsho Treated Timbers (iSTT) uMnu uSivuyise Sotshongaye, oneminyaka ewu-31, waseFlagstaff, uthi uvuse ibhizinisi lomndeni lezingodo esizwa yiNational Empowerment Fund (iNEF). Yibhizinisi labantu abamnyama kanti u-70% walo usezandleni zentsha.

Ngaphandle kokuthola usizo ukwazile ukuthola nethuba lokucija ikhono lakhe lokuphatha ibhizinisi.

Usizo aluthole kwiNEF lumsize ukuthi asimamise ibhizinisi lakubo njengoba selinendawo yokulungisa izingodo esezingeni eliphezulu, phecelezi i-modern copperchrome-arsenate treatment plant

Izingodo zeSTT zilayishwa endaweni ngemva kokulungiswa endaweni ephambili yokuzigcina 

USotshongaye uqashe izisebenzi eziwu-31 okugcwele kuzo abantu abasha. I-NEF ayiciji yena kuphela ngamakhono kodwa nezisebenzi zakhe sezihlome ngamakhono. 

Uthole nemishini yesimanje ephucula izinga lomsebenzi. Le nkampani ibalwa nezinye ezivuselela umnotho wasemakhaya onganakiwe. 

“Ngikhule ngibuka ubaba eqala leli bhizinisi, esebenza ngokuzikhandla. Ngesikhathi livala ngo-2017 ngenxa yokulimala kwengqalasizinda angizange ngikwazi ukuliyeka. Ngithole usizo kwiNEF ngakwazi ukulivuselela ukuze sibenengqalasizinda yesimanje,” kulanda yena.

Phakathi kwamakhasimende akhe kubalwa izimboni zendawo nesitolo esidayisa izimpahla zokwakha i-AL’s Hardware. 

Isikhulu esiphezulu seNEF uMnu uMziwabantu Dayimani sithe: “Ngesikhathi iNEF itshala imali kwiSTT besazi ukuthi asixhasi nje ibhizinisi kuphela kodwa sizosiza usomabhizinisi osemusha ukuze akwazi ukusimamisa impilo yomphakathi wangakubo. I-STT ikhombisa ukuthi amabhizinisi abantu abasha ayakwazi ukuletha uguquko oluhle nokuvusa izimboni emakhaya.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/14/bayachuma-abaxhaswa-yithala-ngezigidi/

UDayimani uthi njengoba abantu abasha abangaphezu kuka-80% bengasebenzi, iNEF isisize izinkampani zosomabhizinisi abasha ngemali engaphezu kukaR222 million eminyakeni emibili edlule futhi izimisele ukusiza abantu abasha ngo-15% wayo yonke imali esiza osomabhizinisi. 

I-NEF ibuye isize abantu abasha isebenzisana nezinye izinhlaka zikahulumeni okubalwa kuzona i-Unemployment Insurance Fund, esisize ukuvula imisebenzi engaphezu kuka-90 000. 

Inezinhlelo zokusiza abantu abangaphezu kuka-35 000 ukuthi bathole umsebenzi  emiyakeni emibili ezayo. 

“Udaba lweSTT lukhombisa ngokusobala ukuthi sizibophezele ukuqinisekisa impumelelo yosomabhizinisi abasha abanjengoSivuyise,” kusho uDayimani. 
Osomabhizinisi abafuna ulwazi ngezinhlelo zeNEF bangaluthola ngokuvakashela i-website yale nkampani ethi: www.nefcorp.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page