Kuhle iNingizimu Afrika iqhubeke kwi-AGOA, kusho iBhange loMbuso. USLINDILE KHANYILE uyabika
UMNOTHO waseNingizimu Afrika ungaphazamiseka uma ingayeka ukuhlomula kwi-African Growth and Opportunity Act (i-AGOA) kanti imboni engalimala kakhulu eyezinkampani ezikhiqiza izimoto.
Lisho kanje iphini lomphathi weBhange loMbuso uMnu uKuben Naidoo ngenkathi likhuluma nabebehambele isigcawu i-Talk to the SARB Forum, eThekwini, KwaZulu-Natali kuleli sonto.
U-Naidoo uthe iNingizimu Afrika ithenga futhi idayiselana neMelika i-software yobuchwepheshe, izithelo namaveji neminye imikhiqizo.
Uthe: “Uma siphuma kwi-AGOA, kuzozwela kakhulu ezimbonini ezisebenzisa abantu abaningi njengemboni edayisa izimoto.”
Kunovalo lokuthi iNingizimu Afrika ingase ixoshwe kwi-AGOA njengoba kungacaci ukuthi imi kuphi empini yeRussia ne-Ukraine. Kusolwa sengathi ihambisana neRussia, njengoba inxusa laseMelika elisePitoli uMnu uReuben Brigety like layisola ngokudayisela iRussia izikhali.
Inani lezimpahla iNingizimu Afrika elidayisa nge-AGOA wu-$15 billion (R270 billion).
Kusukela zivelile lezi zinsolo abaholi abahlukene baseNingizimu Afrika benza konke okusemandleni ukuqinisekisa iMelika ukuthi azikho izikhali ezidayisele iRussia. Kukhona ithimba elike laya eMelika, liholwa wuMnu uSydney Mufamadi.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wagcizelela ukuthi iNingizimu Afrika ayicheme namuntu phakathi kweRussia ne-Ukraine ngesikhathi ethula iSabelomali somnyango wakhe ePhalamende ngenyanga edlule.
Enye yezinto ebeka ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika engcupheni wukuthi kunengqungquthela yeBRICS ezoba ngo-Agasti, nokulindeleke ukuthi kufike kuyo uMengameli waseRussia uMnu uVladmir Putin, osekuphume incwadi yokuthi akaboshwe.
Kuneminye imibiko yabezindaba eke yaveza ukuthi iNingizimu Afrika icabanga ukuyithutha le ngqungquthela iye eMozambique noma eChina ngoba amazwe angahambisani ne-International Crime Court lawa.
Kukhona nasebeke baphakamisa ukuthi kufanele kube nemali eyodwa esetshenziswa ngamazwe akwiBrics.
“Asikho isiphakamiso esisemthethweni esithi makube nemali eyodwa esetshenziswa ngamazwe eBrics. Siyilungu leBrics futhi siyaxoxisana ngezinto, ayikho into esemthethweni engiyaziyo esike yakhuluma ngokuthi sisebenzise imali eyodwa,” kusho uNaidoo.
I-Talk to the SARB Forum ibiqala ukuba nalesi sigcawu bukhoma kusukela kwahlasela iCOVID-19. Isigcawu lesi lapho iBhange loMbuso lihambela khona imiphakathi lichaza ukuthi izinqumo elizenzayo, ikakhulukazi ezithinta ukunyusa noma ukwehlisa imalimboleko, lizenza kanjani.
IBhange loMbuso ligcizelele ukuthi ukucinywa kukagesi kuyingozi emnothweni. Kusukela ngoNovemba wango-2022, imalimboleko isinyuke ngo-175 basis points.
Kulesi sigcawu kuchazelwe abantu ukuthi yini ehlukile ngemali entsha esanda kwethulwa. Isigcawu esilandelayo sizoba seSoweto, eGoli, eGauteng.


