Ayenele imali etshalwa kwingqalasizinda yokuthutha, yamanzi nenye ebalulekile, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali kufanele siqinisekise inqubekelaphambili kodwa kusaxega kwingqalasizinda, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI esithulwa phakathi nonyaka wezimali i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS), esizothulwa namhlanje, ingelinye ithuba lokuthi uhulumeni utshengise ukuthi ungakanani umsebenzi osuwenziwe ukuphucula indlela okuphathwa ngayo imali ezweni.

Kungagcwalisa ethembeni elinyukile ngenxa yokukhishwa kweNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa abashokobezi i-grey list.

Indaba enkulu wukuthi yize umnotho ungakhuli kahle, uhulumeni ukwazi ukulawula izindleko nemali engenayo. Impela, osomnotho abaningi balindele okungcono kunokwavela ngesikhathi iSabelomali sigcina siphasisiwe ngasekuqaleni konyaka emva komdonsiswano ngesiphakamiso sokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (iVAT).

Ngaphandle kwe-VAT ethe xaxa, umnyango uthembele ekutheni umqoqiwentela wenze kangcono endleleni aqoqa ngayo intela kanti iSabelomali namhlanje sizotshengisa ukuthi kuhamba kanjani lokho. 

Lo mnyango uzigadile nezindleko njengoba uhlale ubuyekeza izindlela iminyango esebenzisa imali ngayo. Izimpawu ezisaqhamukile zitshengisa ukuthi uyakwazi ukuvala igebe elivulwe wukungangeni kwentela entsha nokuthi uzokwazi ukuqinisekisa ukuthi uzongenisa imali ethe xaxa kunezindleko kulo nyaka. 

Loku kusho ukuthi imali engenanzalo ezosetshenziswa izoba ngaphansi kweezongena, okuzosho ukuthi kunemali engasetshenziswa ukuqala ukunciphisa inkanankana yesikweletu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/12/isabelomali-asikhombise-ukuthi-izwe-liyakwazi-ukulawula-izindleko-nesikweletu-kuloba-ubusi-mavuso/

UmGcinimafa uloku uzama ukuvuselela isithunzi esalahleka ngesikhathi kugwamandwa amandla umbuso, nokwenza isikweletu sezwe sadlebeleka futhi ngilindele ukuthi izinkampani ezibuyekeza indlela amazwe akhokha izikweletu ngayo ziqale ukubona ukuthi iNingizimu Afrika isithembekile endleleni ekhokha ngayo izikweletu zayo. Ithemba selibuyile kubatshalimali njengoba imalimboleko isiyehle ngo-1.5 percentage points kusukela kwiSabelomali sangasekuqaleni konyaka okusizwe yindlela izinto ezenzeka ngayo emazweni asathuthuka. 

Loku kusho ukuthi inzalo esikweletini esingaphezu kwangoR500 billiion umGcinimafa ahlela ukusiboleka kulo nyaka izoshibha ngo-15%. Umphumela wokuphatha kahle imali wukuthi kugcina kunemali engasetshenziselwa ezintweni ezimqoka. 

Nokho, kunendawo eyodwa eloku itshengisa izinselelo. KwiSabelomali uhulumeni wathembisa ukuthi kunoR1 trillion ozosetshensiswa kwingqalasizinda njengoba wathi kuzoqhuma ipiki yonke indawo ezweni. Nokho izibalo zitshengisa ukuthi akwenzeki lokho. Imali etshalwa kwingqalasizinda nguhulumeni ibonakala incipha kakhulu kunokwake kwenzeka eminyakeni edlule yize imboni ezimele iyitshala imali kwingqalasizinda.

Kona kufanele sikulindele ukuthi njengoba imboni ezimele itshala imali embonini kagesi, izoyifaka nakweyezokuthutha. Loko kusho ukuthi imali ebingatshalwa yiTransnet ne-Eskom ifakwa yizinkampani ezizimele. Kodwa into ekhathaza kakhulu wukuthi yimali esetshenziswa nguhulumeni kwinqaba yengqalasizinda kusukela emigwaqweni kuye ezikhungweni ezisetshenziselwa ukuthutha indle. Yilapho kugqoza khona ngempela ukuhlinzeka izidingo njengoba ingaphansi kwemali eqhamuka kumGcinimafa. Kubonakala sengathi kunenkinga yemisebenzi engaqali nhlobo noma kokunye engaphothulwa ngesikhathi.  

Ukungasetshenziswa kwemali kubangwa nayinkinga yokushoda kwamakhono, ikakhulu komasipala. Ekuqaleni konyaka umCwaningimabhuku-Jikelele ubike ngakutholile kade eyohlola imisebenzi okufanele ihlinzeke ugesi, izindlu, imigwaqo, ingqalasizinda ethutha indle neyamanzi komasipala. 

Wathola ukuthi imisebenzi ibambezelekile okungenani ngezinyanga eziwu-21okutshengisa ukungaphathi ngendlela ngenxa yezikhungo ezingenabantu abenele, ukungahleli kahle, ukungabibikho kwabantu ophikweni oluqondene nokuqokela imikhandlu abazoyihlinzeka ngemisebenzi nokuhluleka ukulawula izinkontileka zabanikwa imisebenzi nokuthi abekho abantu abaphendulayo uma izinto zingahambi kahle; wonke umuntu uyazihlangula nokunye okuningi.

Yilezi zinto amahhovisi aseChurch Square abhekene nazo lapho umNyango weziMali kufanele ugcine usupatanisa khona. UmGcinimafa uzokwenza konke okusemandleni ukwenzela abatshalimali izinto lula, okufaka nemboni ezimele. Nokho ukuxazulula izinselelo zethu zengqalasizinda nokutshala imali kudinga uhulumeni wonke.

Kuhle ukuthi i-Operation Vulindlela isigxile komasipala nokuzosiza ukuphucula imali abayingenisayo nendlela imisebenzi eqhutshwa futhi yenganyelwe ngayo. Wumsebenzi omqoka lona ozothatha isikhathi kodwa uzolungisa inkinga ebambezela ukuhlinzeka izidingo. Elinye igxathu elimqoka wumsebenzi oqhubekayo wokuphucula indlela uhulumeni osebenza ngayo ikakhulu izisebenzi zawo. Ngesonto elidlule iNational Council of Provinces iphasise umthethosivivinywa i-Public Administration Management Bill, okungeminye yemithetho emithathu ezosetshenziswa ukungamela umsebenzi wokuphucula indlela izisebenzi zikahulumeni ezisebenza ngayo. Osekusele manje wukuthi umengameli awusayine.  

Loku kuzoqinisekisa ukuthi umonakalo owenzeka ngesikhathi kugwamandwa amandla ombuso awuphinde wenzeke. Ushintsho olukhulu wukuvimba izisebenzi zikahulumeni ezinamabhizinisi ukuthi zihlinzeke uhulumeni ngaleyo misebenzi. 

Eminye imithetho izonika abaqondisi-jikelele eminyangweni kahulumeni amandla okuqasha nokuxosha, hhayi ongqongqoshe futhi izovimba abaqondisi-jikelele ukuthi babenezikhundla emaqenjini epolitiki. 

I-Public Service Commission izonikwa amandla athe xaxa ukuphenya nokuqinisa umthetho kuhulumeni. Loku kufanele kukunciphise kakhulu ukugxambukela kwabezombusazwe endleleni umsebenzi owenziwa ngayo eminyangweni kahulumeni, okuzokwenza ukuthi kusetshenzwe ngendlela efanele futhi kubenabantu abaphendulayo ngendlela abenza ngayo. 

Ngizobe ngigade ngamehlo abomvu kwiSabelomali sanamhlanje ukuthi umGcinimafa uyakuqinisekisa yini ukuthi imali ezongeniswa izobangaphezu kwezindleko uma kubhekwa le ngxenye engenayo inzalo nokuthi kwenzekani ngesikweleti nokuthi likhona yini iqhinga elicacile lokusheshisa indlela ingqalasizinda ehlinzekwa ngayo. 

Loku uma kuhambisana nezinye izinguquko ezinqala kuhulumeni wonke nokunye osekuvele kwenzekile, sizoke sithi ukuphefumula kancane. 

Kuhle ukubuyelwa yithemba lokuthi izinto ziyalunga ezweni. Loku kusiholela endleleni ezokhulisa umnotho nokuzolungisa inkinga yethu yokuntuleka kwemisebenzi futhi kwenze abantu baphile lempilo abayifisayo. Kufanele sizibambe ziqine futhi siphuthumise izinguquko nanoma yikuphi lapho singakwazi khona. Nokho kuleli sonto, kuzobakuhle ukubona obunye ubufakazi bokuthi sisayibambe ngakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page