I-investment analyst eFNB Wealth and Investment uMnu uKhumbulani Kunene ibheka okulindeleke ezimakethe zemali kuleli sonto. Isithombe: Sithunyelwe

Amehlo omhlaba asathe njo empini eseMiddle East 

YINTATHELI YOMBELE 

KUQALA isonto lesithathu seloku kwaqubuka impi eMiddle East kanti amasheya ezimakethe ayehla ayenyuka futhi abatshalimali baqaphe okwenzeka khona.

I-investment analyst eFNB Wealth and Investment uMnu uKhumbulani Kunene ithi kungaba yiphutha uma iNingizimu Afrika iziba okwenzeka eMiddle East ngoba ngaphandle kokunyuka kwamanani kawoyela kodwa ukuvaleka komzila iStrait of Hormuz kuphazamisa ukuhamba kwezimpahla emhlabeni jikelele. 

“Asibheki nje ukuthi uwoyela uyabiza kodwa sibheka nokulimala kwengqalasizinda yemboni yawo. Loku kuzokwenza kunyuke izindleko zokuhambisa izimpahla emhlabeni. Kuzophazamiseka ukuhamba kwe-natural gas nomanyolo bese kunyusa nezinye izindleko. Sisiqaphe ngeso lokhozi isimo saseMiddle East ngoba okwenzeka khona kuzobanomphumela emnothweni wethu,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/16/kubalulekile-ukuzimela-kwebhange-lombuso/ 

Kuleli sonto uthe kulindeleke ukuthi iSun International ikhiphe imiphumela yayo yezimali njengoba eyohhafu wonyaka yayiveze ukuthi le nkampani ingenise uR6.2 billion ngenxa yokukhula kweSunbet. 

Enye inkampani ezokhipha imiphumela yiMTN, ekhulise amakhasimende ayo ngo-5.8% aba wu-301.3 million. Kulindeleke ukuthi inyuse imali engenile ifinyelele kuR221.3bn.

Ezinye izinkampani ezizokhipha imiphumela yezimali yi-Old Mutual, i-Exxaro, neMomentum Group. 

Kuzoba nemihlangano eSchroder European real Estate naseRFG Hildings. 

ISibanye Still Water, iBlu Label, iSpur Corporation, iTruworths International, iDscovery, iNorthham Platinum, iNEPI Rockcastle ne-Italtile bazohweba nge-ex dividend, okusho ukuthi kuzohlomula abathenge izabelo ngaphambi kwabazobebeqala ukuhweba ngalolo suku (uLwesithathu). 

UKunene uthi eMelika amehlo amaningi azobe ebheke imiphumela yenkampani yezimpahla iLululemon njengoba kulindeleke ukuthi imali eyingenisile yehle ngo-0.78%. 

EYurophu uthi akukho okutheni okuzokwenzeka ezimakethe kanti e-Asia Pacific kuzobhekwa imiphumela yezimali yeTencent neye-Alibaba Group.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page