UNksz uKholeka Mtshali, umnikazi we-Opulence Construction Agency, efukamele izinkampani zabakhi nehlinzeka ngezimpahla zokuphepha emsebenzini yaseDumbe, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Usungule inkampani efukamele abakhi ukuze bazikhangise kahle

WUTHOBILE ZWANE 

UKUBONA uyise onamava embonini yokwakha engawutholi umsebenzi kwakhuthaza intokazi yaseDumbe, KwaZulu-Natali, ukuthi avule inkampani ezohlanganisa bonke abanamakhono okwakha ukuze ibatholele umsebenzi. 

UNksz uKholeka Mtshali, oneminyaka ewu-27, uthi ukhule uyise enebhizinisi lokwakha kodwa kunzima ukuthi athole amakhasimende. Loku kwamnika umqondo wokuthi uma esekhulile aqinisekise ukuthi osomabhizinisi abanezinkampani zokwakha ezincane zasemakhaya bathola umsebenzi. 

Wasungula i-Opulence Construction Agency, inkampani efukamele izinkampani zokwakha ezincane ezakha izindlu nenza nezimpahla zokuphepha emsebenzini. 

“Emakhaya ibhizinisi lihamba ngokwazana. Uma abantu abathile abambalwa bazi ukwakha basebenza bodwa. Kubi loko ngoba kuvalela abanye amathuba okukhula uma umsebenzi usuzokwenziwa yiqeqebana elithile. Ngikhule ngibona ukuthi ubaba unekhono nobuchule bokwakha kodwa wayengawo amakhasimende futhi engakwazi ukuzikhangisa. Ngazitshela ukuthi ngizokulungisa loku ngase ngisungula inkampani yami ngo-2021,” kusho yena.

UNksz uMtshali useqashe izinkampani zokwakha eziwu-23 ngaphansi kwenkampani yakhe.

Enye yezindlu ezakhiwa yi-Opulence Construction Agency 

Uthi wabona ukuthi akaqale umpheme ozoqasha ezinye izinkontileka ezizobangaphansi kwebhizinisi lakhe ukuze abantu abadinga ukwakhelwa bathole konke ndawonye nabakhi abanamava nomsebenzi omuhle. 

Le ntokazi ayikufundelanga ukwakha kodwa ineziqu kwi-Pyschology yase-University of Free State. Ukwakha ikufunde kuyise nokwenza izinhlelo zokucija amakhono abakhi ezikhungweni eziqeqesha ngamakhono. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/15/isikole-silibeka-kwelinye-izinga-ithalente-lokuzalwa/

“Baningi abantu abafundile abaneziqu abahleli emakhaya kodwa banamakhono abo.  Mina ngivala leso sikhathi sokuthi umuntu onekhono akwazi ukusebenza. Imfundo nayo ibalulekile ngoba ubaba wayenekhono lokwakha futhi ewenza kahle umsebenzi kodwa engakwazi ukufaka izicelo zokusebenzisana nezinkampani ezinkulu ngoba wayengenaziqu,” kusho uNksz uMtshali. 

“Ngesikhathi ngingena kule mboni yokwakha ngabona ukuthi izimpahla zokuzivikela azenzelwanga abesifazane, ngakho kufanele zakhiwe kabusha. Awekho ama-avaroli enzelwe abesifazane abondlekile. Ngiqale ukwenza izimpahla zokusebenza nokuphepha embonini yokwakha ezihambisana nemizimba yabantu besifazane,” kusho uNksz uMtshali. 

UNksz uMtshali ekhangisa ngezimpahla zokuphepha ezenziwa yi-Opulence Construction Agency

Ukuqala ibhizinisi lokwakha eneminyaka ewu-21 kuhambisana nezinselelo eziningi, enye yazo uthi wukuthi abanye abantu bebelindele ukuthi ahluleke futhi bezitshela ukuthi lizowa ibhizinisi lakhe. 

“Ngaphandle kokuthi abantu basuke belindele ukuthi ibhizinisi lingaphumeli, enye inselelo wukuthi imali yebhizinisi igcina isinakekela umndeni esikhundleni sokunaka izindleko zalo nokulikhulisa. Loku kuyalishaya ibhizinisi kwesinye isikhathi ligcina seliwa. 

“Okunye wukuthi njengomuntu wesifazane kule mboni ukuphepha kwami kusengcupheni. Kwezinye izindawo kufanele ngihambe nomfowethu uma ngiyokala. Abanye besifazane kubenza bayishiye le mboni,” kusho yena. 

Ukubanezinkampani zokwakha ezingaphansi kweyakhe yinto athi ihlukile ngebhizinisi lakhe nokwenza izimpahla zokuphepha zabantu besifazane

“Ngabona ukuthi ubani omunye ozokwenza amadansane abantu besifazane ezofanela imizimba yabo ngendlela. Okumnandi ngabona ngami ukuthi uma ngigqoka kukhona okungahlali kahle emzimbeni ngabona lapho ukuthi baningi abantu besifazane ababhekana nenkinga uma begqoka njalo uma beya emsebenzini,” kusho yena.

Kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Sebenzisa iminyaka ngendlela ezokwenza umehluko empilweni yakho. Uma useneminyaka ewu-20 kuya kwewu-30 ngqongqoza kuyo yonke iminyango. Abantu bazokulalela, ungasabi ukuhluleka. Uma ucabanga okuthile, qiniseka ukuthi awucabangi lowo mbono ngemicabango engemihle. Kubalulekile ukuthi ubenabantu abacabanga izinto ezinhle ngemibono yakho,” kusho yena.

Ngokwezinhlelo zangomuso ufisa ukuvula isikhungo sokuqeqesha abantu ngoba abaningi bazi umsebenzi kodwa abanazicucu.

Facebook: Opulence Construction Agency 

Instagram: @opulenceconstructionagency

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page