Ubunzima bangoJanuwari buvulela amaqola ithuba lokugila abantu – umeluleki
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA sekudlule ubumnandi bangoDisemba nabantu sebefuna ukuqala impilo kabusha, amaqola acuphe zinkalo zonke ukuthatha loko okuncane abanako.
Inhloko ye-Fraud Complaints Management and Awareness eStandard Bank uMnu uRiyadh Mahomed ithi uJanuwari uyagqilaza ngoba abanye abantu basuke beyisebenzise yonke imali ngoDisemba. Yingalesi sikhathi lapho amaqola esebenzisa usizi labo ukubaqola.
Uthi kule nyanga bavamise ukubona amaqola ezenza abantu ababolekisa imali. Ashayela abantu ucingo ebathembisa ukubaboleka imali bese ebakhokhisa inzalo eningi. U-Mahomed uthi umuntu osuke edinga imali uyengwa ngamaqola ukuthi akhiphe imininingwane yakhe eyimfihlo okubalwa ekamazisi neminye esebenza uma eboleka imali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/15/imikhuba-yamaqola-edinga-ukugadwa-ngala-maholidi/
“Loku kubeka umuntu engcupheni imininingwane yomuntu ngoba amaqola asebenzisa yona ukufaka izicelo zokuboleka imali egameni lakhe. Kubalulekile ukuthi unganikezi noma wubani imininingwane yakho eyimfihlo nebalulekile,” kusho yena.
Olunye uhlobo lokuqola alubalulile yi–phishing, lapho izigebengu zithumela ama-SMS nama-email ukuqola abantu, zibacele ukuthi babuyekeze noma balungise imininingwane yabo. Le mininingwane ziyisebenzisa ukubaqola.
Ukuqala konyaka kusho ukuthi abanye abantu bafuna ukutshala imali ngezindlela ezihlukene, uMahomed uthi olunye uhlobo lokuqola olokutshala imali, phecelezi i-investment scam.
“Amaqola athembisa abantu inzalo ephezulu kakhulu uma betshala imali ‘ezinkampanini’ zawo. Kubalulekile ukuthi uma into izwakala sengathi iyinganekwane abantu bangayikholwa. Kubalulekile ukuthi ufake imali yakho enkampanini enemvume yokusebenza futhi qinisekisa ukuthi uyabazi abantu otshala kubo imali,” kuphetha uMahomed eluleka abantu.

