UMnu uCheslyn Jacobs uzowuqala kamnandi unyaka ozayo njengoba ezobayisikhulu esiphezulu saseTymeBank kusuekela Januwari wangonyaka ozayo. Isithombe: Sithunyelwe

Kugcwalisiwe ukuthatha izintambo kwesikhulu esisha eTymeBank 

YINTATHELI YOMBELE

I-TYMEBANK ithole imvume yePrudential Authority yeBhange lomBuso ukuthi iqhubeke nokuqoka uMnu uCheslyn Jacobs abeyisikhulu esiphezulu esisha, kusukela ngomhlaka-1 wangoJanuwari wangonyaka ozayo. 

UMnu uJacobs ungena esikhaleni sikaMnu uKarl Westvig, obesephathe leli bhange kusukela ngo-2023 futhi uzoqhubeka nokusebenza njengomeluleki ukuqinisekisa ukuthi leli bhange liyaqhubeka nokukhula njengoba lidlondlobala. 

U-Jacobs ungomunye wabasunguli beTymeBank, unolwazi olunzulu ngaleli bhange namava ekuholeni njengoba ebambe iqhaza elibalulekile ekulakheni. Ukuqokwa kwakhe kusho ukuqala kwesahluko esisha saleli bhange, esihambisana nezindlela ezintsha zokwenza izinto, ukuletha umsebenzi omuhle kumakhasimende nokukhula okuqhubekayo. 

“Ulwazi olunzulu lukaJacobs ngamakhasimende ethu, amasu anawo nokuqonda abantu jikelele kumbeka endaweni ekhethekile yokuhola iTymeBank esikhathini esizayo,” kusho usihlalo weTymeBank Holdings uMnu uThabani Jali.

Uthe bazokhuphula izinga lokuncintisana nezimbangi zabo kule mboni. “Sekuyisikhathi sokuqhudelana kanzima ukuze sithole isabelo semakethe njengoba sikhula siyibhizinisi. Ngaphansi kobuholi bukaJacobs nethimba lethu elinamakhono elijika izinto embonini yokubhenka eNingizimu Afrika, iTymeBank izoletha okukhulu kumakhasimende ayo nakwabanye esisebenzisana nabo.”

Kusukela yethulwa ngo-2019, iTymeBank izigqamisile njengelinye lamabhange obuchwepheshe aseNingizimu Afrika, yakhulisa amakhasimende ayo aba ngaphezu kwango-11 million futhi iyibhange elifinyelelekayo elinezisombululo eziqhutshwa wubuchwepheshe. 

UJali ubonge uWestvig ngobuholi bakhe athe bube nomphumela omuhle ekukhuliseni ibhange nokwandisa amakhasimende. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/07/amabhizinisi-asafufusa-ashaywe-indiva-kwisabelomali-kuloba-umiguel-da-silva/

“U-Karl ubebalulekile ekuhlanganiseni ibhizinisi le-retail capital eTyme, Ubuholi bakhe bebubalulekile ekwakheni isisekelo esiqinile sempumelelo yesikhathi esizayo eTymeBank futhi siyajabula ukuthi uzoqhubeka nokubamba iqhaza endimeni yokweluleka, ikakhulu ngokubambisana nabakwaSanlam.”

Kusukela ngomhlaka-1 kuJanuwari wango-2026 lapho uJacobs uzoba umshayeli ngokusemthethweni, yena noWestvig bazosebenzisana kulezi zinyanga ezintathu ezizayo ukuze baqinisekise uguquko olungenazihibe futhi bagcine umfutho emgudwini wethu wokukhula.

Ibhange lithe ukuqokwa kukaJacobs kukhombisa ubuholi obuqinile bangaphakathi nokuzibophezela ekuqhubekeni phambili njengoba landisa umkhondo walo embonini yamabhange aseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

U-Jacobs uzwakalise intshisekelo yakhe ngohambo olumhlalele: “Njengoba singena kulesi sahluko esilandelayo sokugxila kakhulu ekuhlangabezaneni nezidingo zamakhasimende, ngijabule kakhulu ukwakha phezu kwesisekelo esihle esisidalile.

U-Jacobs une-BCom kwi-Industrial Psychology yase-University of Western Cape ne-Postgraduate Diploma in Business Management yaseGordon Institute of Business Science yase-University of Pretoria.

Wake wasebenza eStandard Bank naseDeloitte. U-Jacobs ufike eTymeBank ngo-2012 ewumphathi wokudayisa nokusabalalisa futhi waba yi-national operations manager eTyme Infield.

Wabayinhloko yezokudayisa nokusizakala ngo-2019, unyaka iTymeBank yethulwa ngawo, wakhushulelwa esikhundleni sokuba yisikhulu esiphezulu sezohwebo ngo-2022.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page