Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago elinqume ukungayehlisi imalimboleko izolo. Isithombe:Sithunyelwe

IBhange lomBuso ligcine imalimboleko ku-7% 

WUTHOBILE ZWANE 

NAKUBA amandla emali esuke ku-3.5% ngoJulayi, aya ku-3.3% ngo-Agasti kodwa iBhange lomBuso alizange liyehlise imalimboleko izolo. 

Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ikomiti elithatha izinqumo ngemalimboleko linqume ukuthi liyigcine ku-7% ngoba yize kukhona okuhle okwenzeka emnothweni waseNingizimu Afrika kodwa balindele ukuthi amandla emali antenge ngenxa yokuthi ugesi uzonyuka ngo-8% esikhundleni sango-4% obulindelwe. 

Uthe umnotho wona sebelindele ukuthi ukhule ngo-1.2% usuka ku-0.9% ababewunqume ekuqaleni kodwa-ke ngeke bajatshuliswe yikona eyodwa yomnotho eyenze kahle. 

Uma bebheka okwenzeka emhlabeni jikelele, uKganyago, obenamalungu esigungu esiphezulu ePitoli, eGauteng, uthe amazwe amaningi anezikweletu ezinkulu futhi nentela yezimpahla zakuleli zwe ezidayisa eMelika yenza kungabinesiqiniseko sokuthi umnotho uqhuba kanjani. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/11/iningizimu-afrika-inemali-eyanele-yokusiza-ezimweni-eziphuthumayo-ukganyago/

Uthe ukuze umnotho waseNingizimu Afrika ukhule kahle kudingeka abatshalimali abazofaka imali emikhakheni ehlukene yomnotho. 

Ubalule ukuthi bayaxoxa nabomNyango weziMali ngokuthola isilinganiso esisha sokukala amandla emali abafisa sibephakathi kwango-3% no-4% kodwa okwamanje asikho isinquno asebesithathile. 

Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt Elna Moolman ithe isinqumo seBhange lomBuso sihambisana nobekulindelekile.

“Ukwehla kwamandla emali kusaloku kuphansi kodwa kusengaphezu kokuhloswe yiBhange lomBuso njengoba lifuna abewu-3%. 

“Kubeyisinqumo esinzima njengoba amalungu amane ekomiti evotele ukuthi imalimboleko ingashintshi kwathi amabili avotela ukuthi yehliswe. Ukungehli kwemalimboleko okwamanje akusho ukuthi ngeke isehla kodwa okuzokwenzeka ngokuzayo kuzoya ngokuthi isilinganiso esisha sithini,” kusho yena.

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCongress of South African Trade Union ithe idumele ngesinqumo seBhange lomBuso ngoba sicindezela izisebenzi. Ithe ukube imalimboleko yehlile izisebenzi bezizosala nemali yokwenza ezinye izidingo.

Ithe ithemba ukuthi ngoNovemba iBhange lomBuso ngeke liziphoxe izisebenzi kodwa liyokwehlisa imalimboleko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page