Amakhasimende awaphindisele amaFord neziqholo iMitchum – ikhomishini yabathengi
YINTATHELI YOMBELE
KUNXUSWA abashayeli bamaFord Ranger Wildtrack, amaTremor namaPlatinum ango-2025 nawango-2026 ukuthi bawabuyisele emagaragi.
I-National Consumer Commission (iNCC) ithi inkampani ekhiqiza lezi zimoto iFord Motor Company of Southern Africa iyazise ukuthi amaFord Ranger Wildtrack, amaTremor nePlatinum anenkinga kuma-pedal engenza ukuthi kubenzima umazibhreka.
I-Ford ithi ifuna izimoto eziwu-5 676 ezinale nkinga eziqale ukudayisa kulo nyaka. Kuzokhumbuleka ukuthi iFord isanda kucela abantu ukuthi babuyise ezinye izimoto zayo njengoba manje isithole inkinga kulezi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/25/kunxuswa-abashayeli-ukuthi-babuyise-izimoto-ezinobuhixihixi/
Ithi ihoxisa lezi zimoto zango-2025 nezango-2026 ngenxa yokuthi i-anti-lock brake system ne-electronic stability control kunenkinga. Ithi lezi zinto zingaxwayisa umshwayeli futhi kubenomsindo ochazayo ukuthi kufanele imoto ime kodwa yona ithathe isikhathi ukuma. Loku kungenza abashayeli babesengozini. I-Ford inxusa abashayeli ukuthi babuyisele lezi zimoto emagaraji ayo aseduze nabo noma lapho bezithenge khona ukuze zizohlolwa inkinga mahhala.
Khonamanjalo,i iNCC ithi amaloli eHino 700 Series awu-78 adayiswe ngoDisemba wonyaka odlule kuze kubemhlaka-30 wangoJuni walo nyaka kufanele abuyele emagaraji.
I-NCC ithe iToyota ekhiqiza lama loli ithe anenkinga ethangini likaphethroli engenza ukuthi kudabuke izintambo ezihambisa uphethroli endaweni efanele um iloli lilayishe kakhulu bese ugcina ngokuvuza. I-Toyota icele abantu ukuthi bawabuyisele emagaraji ayo aseduze nabo ukuze kulolungiswa inkinga. Abantu ngeke bakhokhiswe ngaloku.
Khonamanjalo, iNCC icele abantu ukuthi babuyisele emuva iziqholo zamakhwapha zeMitchum engaqubula abantu abanesikhumba esishesha sizwele.
Ithe kunamaqoqo awu-124 176 eMitchum athintekayo adayiswe ezweni lonke kusukela ngo-Ephreli walo nyaka. Imikhiqizo ethintekile yilena: iMitchum Woman Roll ewu-100ml 48H Shower Fresh – Batch numbers: S25331A / S25422A, iMitchum Woman Roll ewu-100ml 48H Powder Fresh – Batch numbers: S25331A / S25416, iMitchum Men Roll ewu-100ml 48H Sport – Batch numbers: S25328A / S25416A neMitchum Men Roll ewu- 100ml 48H Mountain Air – Batch number: S25415B.
Amakhasimende athenge le mikhiqizo ethintekayo anxusa ukuthi ayeke ukuyisebenzisa ngokushesha futhi ayibuyisela esitolo ayithenge kusona ukuze ezobuyiselwa imali yawo.
Amakhasimende athintekayo acelwa ukuthi athinte iRevlon South Africa ukuze asizakale.
I-NCC izoqhubeka nokubheka okwenzekayo ilandela umthetho wokuvikela abathengi.