UNksz uScelo Simelane, umsunguli weDemande Agriculture yaseBalfour, eMpumalanga, etshala amaveji ahlukene futhi enemfuyo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi wesifazane omncane uqhubeka esisekelweni esabekwa ngabakubo

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI yaseBalfour, eMpumalanga, eyagqugquzelwa wuyise ukulima isikhiqizela amaveji izitolo ezinkulu.

Umnikazi weDemande Agriculture uNksz uScelo Simelane, oneminyaka ewu-20, unamapulazi amabili. Elilodwa lingamahektha awu-715 kanti elinye lingamahektha awu-54.

Lo mlimi ufuyile, utshale namaveji ahlukene futhi unebhusha. Ngesikhathi esimatasa, amapulazi akhe ahlinzeka izitolo ezinkulu okubalwa kuzona iPick n Pay nezimakethe zangakubo.

UNksz uSimelane uthi ukulima yinto esemndenini wakhe. Uyise wakhula ngokulima, umkhulu wakhe naye wayengumlimi, ngisho nokhokho bakhe babesebenza emasimini.

UNksz uSimalene egabisa ngeklabishi elikhephuzelayo leDemande Agriculture 

“Ngo-2021 umndeni wami wathutha eSecunda, waya eBalfour. Kwaba yilapho engazithola sengingena ngokugcwele embonini yolimo, ngaqhubeka nefa lomndeni,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/29/owayefuna-ukusebenza-ehhovisi-usewumlimi-nomfuyi/

Uthi uhambo lwakhe aluzange lubelula kodwa lwabanezinselelo abhekana nazo. Enye yazo kwakubawukumangala kwabantu uma bezwa ukuthi uwumlimi osemncane; ngoba bemeya. 

“Kwakunzima kakhulu ngisaqala ngiphethe abantu abadala, mina ngimncane. Uma kufanele ngibatshele indlela yokusebenza efanele kwakungabikuhle. Ukusebenzisana namakhasimende nako kwakungelula ngoba amanye ayevele angithathe kancane sengathi angiyazi into engangiyenza kodwa agcina esengijwayele, kwasebenzeka,” kukhumbula yena. Useqashe izisebenzi ewu-48 ezisebenza ngokugcwele kuwo womabili amapulazi akhe

Amakhabe ngenye yezinto ezitshalwa yiDemande Agriculture 

Uthi ezolimo bezithathwa njengemboni egcwele abantu besilisa kodwa manje uthi abantu besimame abaningi sebeyangena kuzo. 

Le ntokazi ithi ayikuyelanga esikoleni ukulima kodwa yafundiswa nguyise. “Konke engikwaziyo ngakufundiswa wubaba, njengokusebenza nsuku zonke epulazini nokubhekana ngqo nezinselelo,” kusho uNksz uSimelane.

Uthi ngesikhathi eqala wayecabanga ukuthi unolwazi olwanele ngoba wayeke wanebhizinisi kodwa wabona ukuthi kuncane akwaziyo. Waqala wabuza kuyise ukuthekela ulwazi. 

“Ngangicabanga ukuthi ngikwazi konke kodwa ukulima kwashintsha impilo yami. Kwashintsha indlela engangicabanga ngayo nendlela engangenza ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi ekulimeni, udinga ingqondo evulekile, ezimisele ngokufunda, elungele ukubhekana nanoma yini futhi uzimisele ngokukhula ngezimo ezinzima,” kusho yena. 

Uthi into enkulu eyamsiza wukubuza imibuzo, wafunda kuyise futhi wasebenzisa ulwazi ukuqala nokukhulisa ibhizinisi. “Ngabuza futhi ngangihlale nginezindlela zokuthola engangikudinga ukuze ngiqhubekele phambili,” kusho uNksz uSimelane.

Mayelana nezinhlelo zokusimama, ufisa ukuthola indawo yokugcina izithombo nezindlela zokuchelela zesimanje ukuze akwazi ukuhlinzeka izitolo ngomkhiqizo wakhe ehlobo nasebusika. 

“Angifuni ukudayisa umkhiqizo wami ezitolo izinyanga ezintathu kuphela zonyaka, ngifuna ukukhiqiza nokudayisa unyaka wonke,” kuphetha yena.

Instagram: @ademandeagriculture

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page