Osihlalo bamakomiti ehlukene eB20 badlulisele iziphakamiso zabo kungqongqoshe wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola ngesonto elidlule. Lezi yiziphakamiso ezingasiza uma zizolandelwa ngokushesha, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kungani iB20 ibalulekile emnothweni weNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUDLULISELA iziphakamiso ezenziwe yiB20 okwenzeke ngesonto elidlule yithuba elibalulekile lokubuyekeza esikulethelwa yiG20. Mkhulu umsebenzi owenziwe yiB20 eholwa ngabanye babantu abanamava emabhizinisini eNingizimu Afrika nabaqhamuka kwamanye amazwe emhlabeni. 

Lezi ziphakamiso zizocutshungulwa yiG20 kanti kunethemba lokuthi zizobanesandla ezinqumweni ezizothathwa ngamazwe amakhulu emhlabeni ukuqikelela ukuthi i-Afrika iyaphumelela. Yize iNingizimu Afrika izoba nezwi elikhulu kwiG20 ngoba yiyona umengameli walolu hlaka kulo nyaka, lona wumsebenzi odinga umhlaba wonke.  

Kodwa uma kubhekwa iziphakamiso zeB20, umsebenzi owenziwe ngamakomiti ahlukene, kuningi esingakwenza siyiNingizimu Afrika ukuzama ukushintsha izinto emnothweni wethu. Kufanele sibeke ukushintsha izinto eqhulwini. UmNyango wokuQasha nemiSebenzi uthe izimemezelo ezisanda kwenziwa zokudiliza abantu kungenzeka ziqede imisebenzi ewu-250 000 ezimbonini ezihlukene. Njengoba kusengenzeka kubenezinye, yisibhicongo lesi. 

Iziphakamiso zeB20 zizosinika ngqo uhlaka esiludingayo ukungenelela ngendlela ephuthumayo, hhayi nje imigomo eshaywayo emhlabeni noma yikanjani kodwa izinguquko ezibambekayo namanye amazwe athuthukayo azisebenzisile ngesikhathi ebhekene nengcindezi efanayo. Into enhle ngendlela iB20 eyenza ngayo wukuthi icacisa kahle izinguquko okufanele zenziwe ngazo zonke izinto ezijulile ezithinta umnotho, hhayi nje loku okuvamile okugxila ezinhlelweni ezinkulu kakhulu ezigcina zingenzekanga futhi ezibambezela amakomiti. 

Zijulile izinselelo kodwa uhlaka lweB20 lusitshengisa ukuthi singabhekana kanjani nazo. Indaba yokuhwebelana emhlabeni, iziphakamiso zeB20 zimqoka kakhulu uma sibheka ukuthi intela yokuhwebelana eyethulwe yiMelika iphoqa izinkampani ukuthi zenze izinqumo ezibuhlungu kanjani. 

Asikwazi ukulawula umgomo wokuhweba waseWashington kodwa singakulawula ukuthi sisheshisa kanjani ukwenza iziphakamiso zeB20 mayelana namaziko obuchwepheshe asetshenziswa uma amazwe edayiselana izimpahla ukusiza abakhiqizi bethu bathole amakhasimende kwamanye amazwe. 

Izingxoxo neMelika zisazothatha isikhathi uma sibheka izimfuno zayo ezifuna ukusikhipha umphefumulo njengezwe. Uhulumeni wethu uyazama ukuxoxisana (neMelika) kodwa kuwumqansa. 

Khonamanjalo, sidinga ukuphuthuma ekwenzeni lezo zinto ezisemandleni ethu. Lithini iqhinga lethu lokufukula imboni yezimoto ukuze ilungele ukusebenzisana namazwe amasha? Okumqoka kakhulu wukuthi sizokwenza kanjani loko futhi ngabe ikhona yini inqubekelaphambili esesiyenzile? 

Iziphakamiso zeB20 maqondana nama-special economic zone iyingxenye yesixazululo sokuthi yini esingayenza ukuze kubenendawo okungaqalwa kukhiqizwe kuyo. Njengoba kunemisebenzi ewu-250 000 esengcupheni, ukuphuthumisa lo msebenzi kumqoka ikakhulukazi embonini yezimoto neyokuphehla ugesi ovuselelwayo, izimboni ezingaqasha inqwaba yezisebenzi ngokushesha kuzona. 

Sizoyisebenzisa kanjani intela yethu ukuthuthukisa izimboni zethu ezimqoka nokuzikhulisa? Ngabe amabhizinisi nohulumeni bayasebenzisana ngokwanele ukubhekana nezinkinga uma ziqhamuka? Ngabe uhulumeni ukulungele ukuphuthuma ukuxazulula izinkinga? Ukugcizelela kweB20 ukubaluleka kokubambisana, okuholwa yizimboni yiyona ndlela okufanele kwenzeke ngayo loku.  

Intuthuko iyenzeka uma kunezinto ezincane eziphucukayo, hhayi ngenxa yamaqhinga amakhulu. Izinto ezincane zenza umehluko, njengokulungisa indaba yama-visa ngokukwenza kubelula ukuwathola kusetshenziswa amabhange nokuqikelela ukuthi abantu banamatayitela emizi yabo. 

Loku kuhambisana nemigomo yokulawula eqhakanjiswa yiB20 egxile ezinguqukweni eziphathekayo, hhayi izinhlelo ezinkulu. I-B20 isitshengisa kahle izinguquko esingazenza emigomweni yethu ngokushesha ukuxazulula inkinga yemisebenzi. Izinto ezingenziwa ngokushesha kufanele zigxile ekusunguleni imisebenzi nokuthi kubenamakhono adingekayo.  

Ngale kwama-special economic zone, kufanele kushintshwe imigomo yokuqasha ukuze kwenzeke kalula kodwa kubekuqiniswa ukuvikela izisebenzi futhi kubenezinhlelo zokusebenzisana zokuphucula amakhono okuzoholwa yizimboni nokuzofanele imboni ezimele iphoqwe ukuthi ibeyingxenye yakho. Kuzolungisa inkinga yamakhono angahambisani nezidingo zomnotho eyimbangela yenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/05/i-b20-neg20-yithuba-elihle-nejoka-elikhulu-kuloba-ubusi-mavuso/

Kunezinguquko okufanele zenzeke nasezikhungweni eziqondene nokuthuthukisa ingqalasizinda. Kufuneka izikhungo zemali ezixhasa lo msebenzi ezizokwazi ukusebenzisa imali kahulumeni zibezithuthukisa namabhizinisi amancane futhi kubuyekezwe imigomo yamabhange ukwandisa isibalo sabantu ababamba iqhaza emnothweni. 

Akwandiswe ingqalasizinda yokudonsa umoya nge-internet futhi kubenezinhlelo zokufundisa abantu ngokusebenzisa ubuchwepheshe. Konke loku kungasiza ukungenisa lo R1 trillion odingekayo ukuthi utshalwe kwingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo. 

Ukubeka eqhulwini ingqalasizinda yokudonsa umoya nge-internet, izinhlelo ezifundisa ngokusebenzisa ubuchwepheshe ezikoleni nasemiphakathini nokuqinisa ezokuvikela izigebengu eziqola abantu zisebenzisa ubuchwepheshe. 

Lezi ngezinye zeziphakamiso zeB20. Ziyasiza ekubhekeni ukuthi yini okufanele yenziwe ukuthuthukisa umnotho emhlabeni kodwa okubaluleke kakhulu, yizinto ezingasiza ukushintsha izinto ezweni njengoba sibhekene nenkinga enkulu emnothweni wethu.

Kwesinye isikhathi, ukuyekela izinto ziqhubeke zinjengoba zinjalo yinto ebukeka ingenabungozi obutheni kodwa ngicabanga ukuthi sekuyabonakala ukuthi inkinga enkulu ilapho ngqo. 

Asikwazi ukuqhubeka senze izinto ngendlela ebesiloku siyenza ngayo ekubeni kuqhubeka ukuphela kwemisebenzi emnothweni wethu. Sidinga uhulumeni ugxile kulo msebenzi njengoba senza nathi singmabhizinisi ukuxazulula izinto ukuqikelela ukuthi umnotho wethu uzobasiza abantu bakithi. 

Inkinga yokuntuleka kwemisebenzi isibekele umnqamlajuqu. Osekufanele kubonakale manje wukuthi sizokwazi yini ukwenza izinto ngesivinini esidingwa ngabamabhizinisi futhi nangendlela abantu abadinga ngayo.

Kufanele senze izinqumo futhi sizenze ngokushesha. Kufanele senze izinto kancane kancane, hhayi ukuhlela into engapheli. Ngaphezu kwakho konke, sidinga ukuthatha izinyathelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page