Kuyaphucuka ukusebenza kweTransnet ne-Eskom
WUTHOBILE ZWANE
ZIJIKILE izinto enkampanini kahulumeni elawula ukusebenza kwamachweba namaguzu athutha izimpahla, njengoba isingenisa imali.
Isikhulu esiphezulu seTransnet u-Adv uMichelle Phillips sithe isimo sesingconywana ngoba le nkampani ikwazile ukwehlisa imali elahlekile isuka kuR7.3 billion, yaya kuR1.9bn onyakeni wezimali ophele ngoMashi.
U-Adv uPhillips uthe imali engenile isiyonke iwuR82.7bn, izindleko zokusebenza zabawuR52.1bn.
Uthe bakwazile nokunyusa izimpahla ezithuthwa ngamaguzu zisuka kumathani awu-152 million, zaya kwawu-160m. Ngalo nyaka wezimali oqalile, uthi bafuna amaguzu athwale izimpahla ezingamathani awu-180m.
Mayelana nokusebenzisana nemboni ezimele, u-Adv uPhillips uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuthi imboni ezimele isebenze kwezinye izingxenye zokuthutha izimpahla.
Ubonge uhulumeni ngokubaxhasa, wathi ngaphandle kwemali eqinisekiswe wuhulumeni le nkampani ibingeke ikwazi ukukhokhela ezinye izikweletu zayo. Izikweletu zayo ziwuR144.7bn.
Uqhube wathi eminyakeni ezayo bahlela ukusebenzisa uR127.7bn ukulungisa nokunweba ingqalasizinda yamachweba neyezitimela.
Khonamanjalo, ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa uthe izinto zishintshe kakhulu kulo nyaka ngoba i-Eskom ithe ayilindele ukucima ugesi ngaleli hlobo.
Uthe indaba yokucima kukagesi isithanda ukubawumlando, kwazise ugesi usacime amahora awu-26 kuphela ngasekupheleni kobusika, okuyinto enhle kakhulu uma kuqhathaniswa nezinyanga eziningi ugesi obucima ngazo eminyakeni edlule.
Lolu shintsho lungenxa yokuhlela kabusha izinhlelo zokuphehla ugesi i-Generation Recovery Plan, ngalo i-Eskom yengeze ugesi olinganiselwa ku-4 000MW, yabuyisela imishini ebalulekile eMedupi naseKusile.
Ugesi okhona ukhuphuke wafinyelela ngaphezudlwana kwango-60%, kanti ukusetshenziswa kukadizili kwehlile. I-Eskom ithi ilindele ukuthi ihlobo lihambe kahle kungabinokucima kukagesi.
Ungoti wezamandla wase-University of Johannesburg uSolwazi uHartmut Winkler uthe iyajabulisa inqubekelaphambili kulezi zinkampani zikahulumeni kodwa iNingizimu Afrika kufanele ihlale iqaphile.
“Kufanele siqaphele uma sithi ngeke kubekhona ukucisha kukagesi ngoba yize izinto zibukeka zihamba kahle okwamanje kodwa zisengashintsha. Ukuguga kwengqalasizinda nokucima kwemishini kungalindele muntu nezinye izinkinga zisengahlasela e-Eskom njengoba sibonile ekuqaleni kwalo nyaka.
“Akufanele sithi ngeke ugesi ucime kodwa kufanele sithi mancane amathuba okuthi ucishe ngenxa yokuthi ugesi osukhona wandile, ikakhulu eKusile naseMedupi. Iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle nazo zisebenza ngendlela efanele. Mkhulu umehluko esiwubonayo ekuphehleni ugesi,” kusho yena.
U-Winkler uqhube wathi kunezinselelo ezimbili i-Eskom okufanele ibhekane nazo. Eyokuqala wukuthi eminyakeni ezayo iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle zizovalwa njengoba amazwe esephehla ugesi ohlanzekile.
Eyesibili wukuthi ugesi ohlanzekile ophehlwa ngelanga uzonciphisa ugesi odayiswa yi-Eskom, okusho ukuthi izoncipha imali engena kule nkampani kahulumeni ephehla ugesi.