I-Land Bank isisezandleni ezintsha
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kokuphelelwa yisikhathi ngoJuni kwebhodi yeLand and Agricultural Development Bank, eyaziwa ngeLand Bank, ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana usanda kumemezela entsha.
Kwibhodi entsha, emenyezelwe ngoLwesihlanu, kukhona nabakade besebhodini endala kodwa ababuyiselwe ngenxa yamava abo.
Abaqondisi ababuyiselwe ezikhundleni zabo isikhathi sabo sizophela ngomhlaka-2 wangoSepthemba wango-2027 wuSolwazi uJohann Frederick Kirsten noNks u-Egashee Pillay.
Abaqondisi abasha abayisithupha abazosebenza kuze kubewumhlaka-2 wangoSepthemba wango-2028 woNks uPhumzile Hazel Maseko, uSimthandile Ford, uTF Matlala, uXikongomelo Maluleke noMnu Mcebisi Skwatsha.
Kuqokwe umqondisi oyedwa ozokwengamela umsebenzi wansuku zonke uMnu uMabotha Arthur Moloto, ozosebenza kusukela manje kuze kubengoSepthemba wango-2027.
Esitatimendeni, uGodongwana uthe bonke abamenyezelwe bazohlolisiswa ukuthi basesimweni esifanele yini ngokweziqu, ezokuphepha nokunye okubhekwa kwabaqokelwe kulo msebenzi.
“I-Land Bank isebenze kahle kakhulu futhi kufanele siqinisekise ukuthi umsebenzi omuhle owenziwe yibhodi endala uyaqhubeka. Kufanele siqinisekise ukuthi kunezisebenzi ezanele nendaba yezindleko eziphezulu siyilungise, siqinisekise nokuthi kungena imali ezinhlakeni ezihlukene,” kusho yena.
Uthe iLand Bank ibalulekile ngoba iseka imboni yezolimo nezinhlelo zokusimamisa imiphakathi yasemakhaya.
“Leli bhange liseka abalimi abakhulu nabasafufusa nemiphakathi yasemakhaya ukuphila kwayo okuncike emhlabathini. Libalulekile kakhulu ekukhuliseni umnotho,” kusho ungqongqoshe.
Usomnotho wezolimo uMnu uWandile Sihlobo uthe ngenxa yokuthi usondele kakhulu kulolu daba ngeke aphawule kakhulu kodwa uzoshaya ngamafishane.
“I-Land Bank ibalulekile embonini yezolimo eNingizimu Afrika. Iyibhange elisiza ukuletha uguquko olufanele embonini ngokuseka abalimi abamnyama abasuke besangena kule mboni.
“Ibhodi endala, ebiholwa wusomnotho wezolimo uNks uThabi Nkosi, yenze umsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi leli bhange lisebenza kahle ngenxa yamava nenhlonipho anayo.
“Kufanele manje kuqhutshekelwe phambili nomsebenzi omuhle owenziwe wokuthi ibhange libesesimweni esifanele ngaso sonke isikhathi ukuze kukhule imboni yolimo. Ukukhulisa imboni wumsebenzi ohlalele ubuholi obusha. Siyifisela okuhle kodwa ibhodi entsha.”
Isikhulu esiphezulu se-AgriSA uMnu uJohann Kotze sithe akukho esingakuphawula ngalolu daba okwamanje.