INingizimu Afrika ibheka eyokwehlisa izinga lamandla emali
YINTATHELI YOMBELE
KUBUKEKA luzoqala maduze uhlelo lokwehlisa izinga lamandla emali iBhange lomBuso elikala ngawo ukuthi kufanele linyuse imalimboleko noma liyehlise.
Okwamanje iBhange lomBuso lifisa amandla emali abephakathi kwango-3% no-6% ukuze libone ukuthi asezingeni elifanele.
Esitatimendeni esithunyelwe yiBhange lomBuso nomNyango weziMali sithe ukunyuka kwezikweletu zezwe nokuntenga kwamandla emali emhlabeni sekukubeke kwacaca ukuthi kufanele kubenezindlela ezintsha zokukhulisa umnotho isikhathi eside. Seloku kwabheduka i-Covid-19, amandla emali asezingeni elifanele kodwa akuhambi kahle ngokuphungula isikweletu sezwe.
Isitatimende siqhuba sithi imigomo ethinta imali iyasebenza futhi nohlelo lokuqinisekisa ukuthi uhulumeni unemali eyanele luhamba kahle. Nakuba kunjalo kunezinkinga ezintsha ezenzeka emhlabeni jikelele ezithikameza umnotho waseNingizimu Afrika. Loku kusho ukuthi imigomo ethinta imali kufanele ilungiswe ukuze okwenzeka emhlabeni jikelele kungabinemiphumela emibi kwiNingizimu Afrika.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/04/kusho-ukuthini-ukwehlisa-izinga-lokwehla-kwamandla-emali-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Njengoba amandla emali esethanda ukushintsha kwayeyikona emva kokudamba kwe-Covid-19, umNyango weziMali neBhange lomBuso uqale izingxoxo zokwehlisa izinga lamandla emali ukuze ahambisane nawamazwe ahwebelana naleli zwe.
INingizimu Afrika isafuna amandla emali abephakathi kwango-3% no-6% kodwa manje iBhange lomMuso lifuna ukulehlisa leli zinga libephakathi nendawo noma liye ku-4.5%.
Ucwaningo luveze ukuthi kunezingqinamba ezihambisana nokushintsha izinga lamandla emali futhi okuzobanomphumela emnothweni. Kusukela ngonyaka odlule kubenezingxoxo ngokwehlisa izinga lamandla emali ukuze kuhlomule umnotho. Lolu daba lukhulunywe nasemhlanganweni weBhange lomBuso obungoJulayi.
UmNyango weziMali uthe ngonyaka odlule udingida lolu daba wabona ukuthi kufanele kubenezinguquko ezenziwayo emandleni emali. Izinqumo ezizothathwa uthi kufanele zisekelwe wubufakazi obuveza imiphumela izobanjani.
Kulindeleke ukuthi njengoba isigaba sokuxoxisana nokucwaninga sesiphelile, ikomiti elengamele ukwehlisa izinga lamandla emali lizenezincomo elizozithumela kungqongqoshe womNyango weziMali nomphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kgangago.
Yibona okufanele bavume ukuthi kubenezinguquko ezingeni lokukala amandla emali. Emva kwaloku uGodongwana uyobe esenza isimemezelo ngokuzokwenzeka.