‘Okhulele’ eFNB uzosebenzisa amava akhe ophikweni lwezimoto
I-WESBANK, uphiko oluboleka abantu imali yokuthenga izimoto eFNB, seluqoke uMnu uRobert Gwerengwe ukuthi abeyisikhulu esisha.
Uthathe izintambo izolo kanti uvale isikhala sikaMnu uGhana Msibi, oseyisikhulu esiphezulu seFNB Business.
UGwerengwe ubeyisikhulu seDirect Axis nePersonal Sub Segment Cluster eFNB. Leli bhange lithe loku ngobunye bobufakazi bokuthi lizibophezele ekukhuliseni abaholi balo ngaphakathi.
UGwerengwe uneminyaka ewu-19 esebenza kule nkampami lapho enze khona imisebenzi ehlukene okubalwa kuyona nokusebenzela uphiko lwayo lwase-United Kingdom iMotoNovo, olwenza umsebenzi ofana noweWesbank.
Une-Quantic MBA, i-BCom in Finance and Computer Science kwaseRhodes University ne-Postgraduate Diploma in Management yase-University of Cape Town.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/16/iningizimu-afrika-ifuna-ukuxoxa-notrump-ngentela-yezimpahla-ewu-30/
Ubhekwe ukuthi aqhubeke nokukhulisa iWesbank eneminyaka engaphezu kwewu-40 yasungulwa.
“Kuyangijabulisa ukubayingxenye yeWesbank ngalesi sikhathi esimqoka kanjena embonini yezimoto njengoba indlela amakhasimende asethenga ngayo izimoto isishintshile futhi kushintshelwa nasezimotweni ezikhiqizwa ngendlela enakekela imvelo,” kusho uGwerengwe.